Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 8/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yenqaba Amaphupho Ezwe, Phishekela Izinto Ezingokoqobo ZoMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Inetha Kanye Nezinhlanzi Kusho Ukuthini Ngawe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ilungiselelo LikaJehova, ‘Abanikelwe’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ubani Oyosinda ‘Ngesikhathi Sokuhlupheka’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 8/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wakwazisa ukufunda omagazini bamuva nje beNqabayokulinda?  Khona-ke, ake ubone ukuthi ungayiphendula yini lemibuzo elandelayo:

▫ Yini okungenzeka ifanekiselwa kahle amalungelo enkonzo andisiwe anikezwa amaNethini namadodana ezinceku zikaSolomoni ekubuyeni kwabo ekuthunjweni eBabiloni?

Namuhla, njengoba insali kaIsrayeli ongokomoya emhlabeni iqhubeka incipha, ezinye izimvu ziqhubeka zanda. Abanye balaba abanjengezimvu, njengamaNethini namadodana ezinceku zikaSolomoni, manje sebeye babelwa imithwalo yemfanelo enzima ngaphansi kokuqondisa kwensali. (Isaya 61:5)—4/15, amakhasi 16-17.

▫ Wayesho ukuthini umprofethi uZefaniya lapho ethi: “Mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova”? (Zefaniya 2:2, 3)

Ukuze noma ubani avikeleke phakathi ‘nosizi olukhulu’ oluzayo, akuyona indaba yokuthi uma uke wasindiswa, uhlala usindisiwe. (Mathewu 24:13, 21) Ukusitshekelwa ngalolosuku kuyoxhomeka ekuqhubekeni komuntu enza izinto ezintathu: Kumelwe afune uJehova, afune ukulunga, futhi afune ukuthobeka.—5/1, amakhasi 15-16.

▫ Kungamuphi umqondo uMikayeli ‘ama’ ngawo “esikhathini sokugcina”? (Daniyeli 12:1, 4, NW)

Kusukela ekumisweni kwakhe njengeNkosi ngo-1914, uMikayeli ubelokhu ‘emela’ abantu bakaJehova. Kodwa ngokushesha uMikayeli ‘uzokuma’ ngomqondo okhethekile kakhulu—njengeNxusa likaJehova lokususa konke ukonakala emhlabeni nanjengoMkhululi wabantu bakaNkulunkulu.—5/1, ikhasi 17.

▫ Injabulo yeqiniso ixhomeke kuphi?

Injabulo yeqiniso ixhomeke ebuhlotsheni bethu obuyigugu noJehova, ukuvunyelwa nguye, nesibusiso sakhe. (IzAga 10:22) Ngakho, injabulo yeqiniso ayinakutholakala ngaphandle kokulalela uJehova nokuzithoba ngenjabulo entandweni yakhe. (Luka 11:28)—5/15, amakhasi 16, 19.

▫ Lapho uJesu enza izimangaliso zakhe zokuphulukisa, ingabe ukholo lwaludingeka kulowo ophulukiswayo?

Isilinganiso esithile sokholo sasidingeka kwabaningi ukuze beze kuJesu ukuba baphulukiswe. (Mathewu 8:13) Nokho, akukho ukuvunywa kokholo okwakudingeka ukuze uJesu enze izimangaliso zakhe, njengalapho ephulukisa unyonga olwalungazi ukuthi uJesu ungubani. (Johane 5:5-13) UJesu wabuyisela ngisho nendlebe eyayinqunyiwe yenceku yompristi omkhulu, eyayiphakathi kweqembu lezitha zikaJesu. (Luka 22:50, 51) Lezimangaliso zenziwa ngamandla omoya ongcwele kaNkulunkulu, hhayi ngenxa yokholo lomuntu ogulayo.—6/1, ikhasi 3.

▫ Yini emelelwa “inetha” okukhulunywa ngalo emfanekisweni kaJesu kuMathewu 13:47-50?

“Inetha” limelela ithuluzi lasemhlabeni elithi liyibandla likaNkulunkulu elibutha “izinhlanzi.” Liye lahlanganisa kokubili eLobukholwa nebandla lamaKristu agcotshiwe, eliye laqhubeka libutha ‘izinhlanzi ezinhle,’ ngaphansi kwesiqondiso sezingelosi, ngokuvumelana noMathewu 13:49.—6/15, ikhasi 20.

▫ Iziphi ezinye zezimiso abahluleli kwaIsrayeli okwakumelwe bazisebenzise ekwenzeni izabelo zabo?

Ukwahlulela okulinganayo ngabacebile nabampofu, ukungakhethi okuqinile, kanye nokungakwamukeli ukufunjathiswa. (Levitikusi 19:15; Duteronomi 16:19)—7/1, ikhasi 13.

▫ Yini abadala okufanele bazame ukuyifinyelela ngokuqulwa kwamacala okwahlulela?

Enye injongo iwukuthola amaqiniso endaba, lokhu bekwenza ngothando. Lapho sebewazi, abadala kumelwe benze noma yini edingekile ukuze bavikele ibandla futhi bagcine phakathi kwalo izindinganiso zikaJehova eziphakeme nokusebenza okukhululekile komoya kaNkulunkulu. Ukuqula icala futhi okokusiza, uma kunokwenzeka, isoni esisengozini. (Qhathanisa noLuka 15:8-10.)—7/1, amakhasi 18-19.

▫ Kungani amaphupho ahlobene nobulili obungekho emthethweni elimaza kangaka?

Ngokwamazwi kaJesu akuMathewu 5:27, 28, bonke labo abaqhubeka behlanganyela emaphusheni obulili obungekho emthethweni banecala lokuphinga ezinhliziyweni zabo. Futhi kunengozi yangempela yokuthi amaphupho anjalo angase aholele ekuziphatheni okubi.—7/15, ikhasi 15.

▫ Kungaziphi izindlela uJehova angase asisize ngazo ukuba sibheke izilingo zethu ngokufanele futhi ngaleyondlela sizikhuthazelele?

ImiBhalo ingase ilethwe ekunakekeleni kwethu ngesikholwa nabo noma lapho sitadisha iBhayibheli. Izenzakalo okwaphunyukwa kuzo ngamalungiselelo kaNkulunkulu zingase zisisize ukuba sibone lokho okumelwe sikwenze. Izingelosi zingase zihlanganyele ekusiqondiseni, noma singase sithole isiqondiso ngomoya ongcwele. (Heberu 1:14)—7/15, ikhasi 21.

▫ Ingabe uMkhandlu waseNicaea ngo-325 C.E. wamisa noma waqinisa imfundiso kaZiqu-zintathu?

Cha, uMkhandlu waseNicaea walinganisa nje kuphela iNdodana noYise ngokuthi “banesimo esisodwa.” Umqondo wokuthi uYise, iNdodana, nomoya ongcwele ngabanye babenguNkulunkulu weqiniso—uNkulunkulu ongumthath’ emunye—awuzange usungulwe yilowomkhandlu kungebona noFata beSonto lokuqala.—8/1, ikhasi 20.

▫ Ingabe uJobe wayengukuphela komuntu owayethembekile kuJehova ngesikhathi ayephila ngaso? (Jobe 1:8)

Cha, incwadi kaJobe ngokwayo ibonisa ukuthi uElihu wayamukelwa uNkulunkulu. Futhi, ngesikhathi uJobe ayephila ngaso, kwakunamaIsrayeli amaningi ayehlala eGibithe, futhi asikho isizathu sokucabanga ukuthi bonke laba babengathembekile futhi bengamukeleki kuNkulunkulu.—8/1, ikhasi 31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela