Ingabe Uzibalile Izindleko?
“INI! Unqaba ithuba elimangalisa kangaka?” Umqondisi wayengakukholelwa lokho ayesanda kukuzwa. Ongaphansi kwakhe, owesifazane ohlonishwayo ngenxa yekhono lakhe nokuziphatha okuhle, wayesanda kwenqaba ithuba lokufunda phesheya iminyaka emibili ngezindleko zenkampane. Kungani enza kanjalo?
Ukwamukela lelithuba, kuchaza owesifazane, bekuyosho ukwehlukaniswa nomyeni wakhe nezingane ezimbili iminyaka emibili. Ubeyobakhumbula kakhulu. Okubaluleke ngokwengeziwe, ubeyobe futhi akayinaki imisebenzi yakhe ayinikwe uNkulunkulu njengenkosikazi nomama. Ukulahlekelwa okungokomzwelo nokungokomoya bekuyoba inani eliphakeme kakhulu ukuba alikhokhe. Ngaleyondlela, ngemva kokubala izindleko, wanquma ukulinqaba lelithuba.
Yini owawuyoyenza ukuba wawunguye? Ngokusobala, akubona bonke ababeyovumelana nesinqumo esenziwa yilona wesifazane ongumKristu. Abanye, njengasebenza nabo, bangase babe nomuzwa wokuthi udlale ngethuba elihle lokuthuthukisa umsebenzi wakhe. Abanye bangase ngisho bambeke icala lokungacabangeli ikusasa lomkhaya wakhe, ngoba, iminyaka emibili ibizodlula ngokushesha. Nokho, isinqumo sakhe kwakungesona esemizwelo. Sasisekelwe ekucabangeni okujulile nasezimisweni ezibona kude. Ziyini lezimiso?
Okungaphezu Komqondo Ovamile
Umuntu ohlakaniphe kakhulu owake wahamba emhlabeni, uJesu Kristu, wanikeza isiqondiso komunye wemifanekiso yakhe. “Ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?” kubuza uJesu. “Funa kuthi esebeké isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: Lomuntu waqala ukwakha, kabanga-namandla okuqeda.”—Luka 14:28-30.
Wonke umuntu uzovuma ukuthi kuwukuhlakanipha ukubala izindleko ngaphambi kokunquma ukwenza noma yini ebalulekile. Ngokwesibonelo, uma umuntu efuna ukuthenga indlu, ingabe ubengasayina isivumelwano ngokuphamazela ngaphandle ngisho kokuthola izindleko futhi aqiniseke ukuthi unawo yini amandla angokwezimali okukuqeda lokho? Ubeyobhekwa njengesiwula ngempela uma enze into enjalo. Yebo, kuwukwahlulela okuhle ukubala izindleko ngaphambi kokuba umuntu aqalise ukwenza okuthile.
Nokho, laliyini ngempela iphuzu uJesu ayeliveza ngalowomfanekiso? Ngaphambi nje kokwethula lomfanekiso, wathi: “Nalowo ongathwali [isigxobo sakhe sokuhlushwa, NW], angilandele, angebe-ngumfundi wami.” (Luka 14:27) Ngaleyondlela, umongo ubonisa ukuthi uJesu wayenganikezi nje iseluleko sokwahlulela okuhle ngezinto zethu esizenzayo ezivamile zansuku zonke. Kunalokho, wayekhuluma ngokubala izindleko ngokuhlobene nokuba umfundi wakhe.
Ngomfanekiso wakhe, uJesu wabonisa ukuthi ukuba umfundi wakhe kuhilela izinguquko nokuzidela. Ngani? Ngenxa yokuthi lesimiso sezinto samanje sithanda izinto ezibonakalayo futhi sishukunyiswa ubugovu. Abantu abaningi bakhathalela kakhulu ukwanelisa izifiso zabo zenyama, bengazinakekeli kangako noma kwanhlobo izidingo zabo ezingokomoya noma ubuhlobo babo noNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-4) Nokho, lesimo sengqondo, noma lomoya, siphikisana ngokuqondile naleso esaboniswa uJesu Kristu. “INdodana yomuntu” esho, ‘ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.’ Wabeka phambili izinto ezingokomoya kunezinto ezibonakalayo lapho ethi: “NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi-lutho.”—Mathewu 20:28; Johane 6:63.
Ngokomphumela, lapho uJesu eluleka labo ababefuna ukuba abafundi bakhe ukuba babale izindleko, ngokuyinhloko wayengakhulumi ngezinto ezibonakalayo, kodwa ezingokomoya. Yini ebaluleke ngokwengeziwe kubo, izinzuzo ezibonakalayo izwe elizinikezayo noma izinzuzo ezingokomoya ezilethwa ubufundi? Kungakho ngemva kokunikeza lomfanekiso nohlobene nawo, aphetha: “Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe-ngumfundi wami.” (Luka 14:33) Ingabe ozoba umlandeli kaJesu uzimisele futhi ukulungele ukwenza ukuzidela okunjalo, noma ingabe kuyinani eliphakeme kakhulu ukuba likhokhwe?
Umbono Olinganiselayo
Ngisho nakuba izinto ezibonakalayo zingase zilethe izinzuzo ezisobala ezibonakala ngokwengeziwe nezisheshayo, izinzuzo zokuphishekela izinto ezingokomoya zihlala njalo futhi ziyanelisa. UJesu wakubeka ngalendlela: “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.” (Mathewu 6:19, 20) Esikhathini sethu, ukwehla kwamandla emali, ukwehla kwenani lezimpahla ezingase zithengwe noma zidayiswe, ukwehluleka kwamabhange, njalonjalo, kuye kwenza umonakalo kwabaningi ababeka ithemba labo engcebweni yezinto ezibonakalayo kuphela. Nokho umphostoli uPawulu usinxusa ukuba ‘singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.’ (2 Korinte 4:18) Nokho, singawuhlakulela kanjani umbono onjalo?
Singenza kanjalo ngokulingisa iSibonelo sethu, uJesu Kristu. Lapho esemhlabeni, wayengeyena nhlobo umuntu ongayithandi injabulo, njengoba kufakazelwa iqiniso lokuthi ngezinye izikhathi wayehlanganyela emadilini omshado nasezidlweni. Nokho, ngokusobala wenza izinto ezingokomoya zaza kuqala kuyena. Ukuze afeze intando kaYise, wayezimisele ukuyeka ngisho nalokho okubhekwa njengezidingo. Wake wathi: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” (Luka 9:58) Wayebheka ukwenza intando kaYise njengokubaluleke nokujabulisa kangangokuthi ngobuqotho obuvela enhliziyweni wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.”—Johane 4:34.
UJesu wabonisa lokho akubheka njengokubalulekile ngendlela enqaba ngayo izilingo zikaSathane. UDeveli wazama ukwenza uJesu ukuba asebenzise amandla aKhe awanikezwe uNkulunkulu ukuba azizuzise Yena ngokwakhe, ukuba anelise izidingo zaKhe ezingokwenyama, nokuba azuze udumo lwezwe nokuba isilomo. UJesu wayazi kahle ukuthi izinzuzo ezinjalo ezisolisayo zazingatholakala kuphela ngezindleko eziphakeme kakhulu—ukulahlekelwa ukuvunyelwa uNkulunkulu—izindleko eziphakeme kunalokho ayezimisele ukukukhokha, ngoba wayebazisa ubuhlobo bakhe obuhle noYise ngaphezu kwanoma yini enye. Kungakho akwenqaba ngaphandle kokungabaza ayekunikwa uSathane.—Mathewu 4:1-10.
Njengabalandeli bakaKristu, ngokuqinisekile sifuna ukubheka izinto ezibalulekile njengeNkosi yethu. Kulesimiso sezinto samanje esingaphansi kokuqondisa kukaSathane, kunezinto eziningi ezingase zibonakale zithembisa izinzuzo ezinhle kodwa eqinisweni ezingaba ezilimazayo ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu. Izinto ezinjengokufuna okuqhubekayo izikhundla eziphakeme emsebenzini wokuziphilisa, ukuphishekela imfundo ephakeme ukuze umuntu aqhubezele isikhundla sakhe, ukuqomisa abangakholwa, noma ukuhlanganyela ezinhlelweni zebhizinisi ezisolekayo kungase kalula kuholele ekulahlekelweni ukholo futhi ekugcineni ekulahlekelweni umusa kaJehova. Kumelwe sibale izindleko ngokunakekela lapho sibhekene nezilingo ezinjalo.
Ukuhlakanipha Kweqiniso Kuyisivikelo
Eminyakeni embalwa edlule, insizwa engumKristu edolobheni elikhulu eMpumalanga Ekude yayinethuba lokuya phesheya ukuze ithuthukise izifundo zayo. Nakuba yayisinayo kakade imfundo enhle yezwe nomsebenzi oholela kahle, yaba nomuzwa wokuthi lokhu kwakunganele; yayifuna ukuthuthukisa izimo zayo ekuphileni. AmaKristu akanye nayo azama ukubonisana nayo ngokuvumelana namaphuzu angokomBhalo esisanda kuwacabangela, kodwa yaba nenkani futhi yaqhubeka necebo layo. Nakuba yazama ukubambelela okholweni lwayo ekuqaleni, kancane kancane yalahlekelwa ukwazisa kwayo ngamaqiniso eBhayibheli, futhi yaqala ukungabaza. Esikhathini esingangonyaka noma ngaphezulu, yalahlekelwa ukholo lwayo ngokuphelele futhi yathi ikholelwa ekuthini uNkulunkulu akaziwa. Kuyavunywa, ukuthola iziqu eziphakeme zemfundo yezwe ethuthukisiwe kwayilethela isilinganiso esithile sokwaneliseka. Kodwa ngodumo lwesikhashana, yeka inani elisindayo okwakumelwe ilikhokhe—ukuwohlokelwa ukholo kanye nengozi yokulahlekelwa ukuphila okuphakade!—1 Thimothewu 1:19.
Ngakolunye uhlangothi, labo abenqabela noma yini ukuba ifake engozini ubuhlobo babo noNkulunkulu baye bavuna izibusiso ezinkulu kuJehova.
Isibonelo salokhu esensizwa eyayinebhizinisi lokupenda nokuklama edolobheni elifanayo elishiwo ngenhla. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa nje iqalise ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, yabhekana nesicelo esilingayo—ukwenza umsebenzi wokuvuselela obiza u-R82 000. Nokho, wawuzohilela ukugwema ukunamathela emithethweni yokwakha nezimiso zokwakha isakhiwo esingekho emthethweni. Njengoba yayifunde ukuthi amaKristu kumelwe agcine umthetho, yaqaphela ukuthi ukwamukela lomsebenzi kwakungasho ukulahlekelwa umusa kaNkulunkulu. (Roma 13:1, 2) Ngemva kokucabangela lendaba ngokunakekela, yawenqaba lomsebenzi. Waba yini umphumela? Lesenzo sokholo sabonakala siwushintsho olukhulu ekuthuthukeni kwayo okungokomoya. Phakathi nonyaka, yathuthukela ephuzwini lokuzinikezela nobhapathizo. Yadayisa ibhizinisi layo futhi yathola umsebenzi owawuyinikeza isikhathi esengeziwe kakhulu sezinto ezingokomoya. Manje isikhonza uJehova ngenjabulo nangentshiseko.
Zombili lezinsizwa zabala izindleko. Yini eyenza umehluko ekukhetheni kwazo? Ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu! Kanjani? Ukuhlakanipha kuyikhono lokusebenzisa ulwazi ngendlela ngokuvamile eletha izinzuzo ezihlala njalo, futhi ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu kusho ukusebenzisa ulwazi ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu ngathi. Nakuba zombili lezinsizwa zazinolwazi oluthile lweBhayibheli, ukulusebenzisa kwazo kwaholela emiphumeleni ehlukene. Incwadi yezAga ithi: “Ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine, ukuze wophulwe endleleni yobubi.”—IzAga 2:10-12.
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liwumthombo wokuhlakanipha kweqiniso ongaphendukela kuwo njalo ukuze uthole isiqondiso lapho kumelwe wenze izinqumo ezibalulekile. Kunokuba uzibone uhlakaniphile, qaphela leseluleko: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” (IzAga 3:5, 6) Kumelwe sithobeke futhi sizimisele ukufundiswa, sigweme umoya wokuzenzela okwethu nowokuzibusa ovame kangaka namuhla.
Yebo, asinakukugwema ukuvuna lokho esikutshalayo, futhi kulungile futhi kuwubulungisa ukuba sithole imiphumela yezinqumo nokukhetha esikwenzayo. (Galathiya 6:7, 8) Ngakho bala izindleko ngaphambi kwakho konke okwenzayo. Ungavumeli noma yikuphi okubonakala kuyinzuzo ukuba kukuphange ingokomoya lakho noma ubuhlobo bakho noJehova uNkulunkulu. Thandazela ukuhlakanipha nokwahlulela okuhle ekwenzeni izinqumo ezifanele, ngoba izinqumo ozenzayo manje zingase zisho umehluko phakathi kokuphila nokufa—phakade!—Qhathanisa noDuteronomi 30:19, 20.
[Izithombe ekhasini 28]
Ingabe uyobeka imisebenzi engokomoya kuqala ekuphileni noma umsebenzi ofundelwayo wezwe?