Isihlengo Ngenxa Yabaningi
NGOMARCH 31, 1970, indiza ethile yathunjwa eduze neNtaba iFuji eJapane. Amalungu ayisishiyagalolunye eqembu elaziwa ngokuthi iJapanese Red Army Faction athumba abagibeli abangaphezu kuka-120 nabashayeli bendiza ase ephoqelela ukuba iye eNyakatho Korea.
Lapho lendiza ithi cababa eSeoul, eRepublic yaseKorea, iphini likangqongqoshe wezokuthutha laseJapane uShinjiro Yamamura labeka ngokuzithandela ukuphila kwalo engozini ngenxa yabathunjwa. Bevuma ukumthatha njengesiqinisekiso sokuphepha kwabo siqu, abathumbi bakhulula bonke abathunjwa ngaphandle kwabasebenza endizeni. Base behamba ngendiza baya ePyongyang, lapho banikezela khona kuziphathimandla zaseNyakatho Korea. UMnu. Yamamura nomshayeli wendiza kamuva baphindela eJapane bengalinyaziwe.
Kulokhu, umuntu oyedwa wazinikela ngenxa yokuphila kwabathunjwa abangaphezu kuka-120. Lokhu kungasisiza ukuba sibone indlela umuntu oyedwa owayenganikela ngayo ngokuphila kwakhe njengesihlengo ngenxa yabaningi. Kodwa ukuze siqonde imfundiso yeBhayibheli yesihlengo, kumelwe siyihlolisise ngokwengeziwe lendaba.
Phakathi kokunye, kudingeka silandelele umsuka wesono. “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile,” kuchaza iBhayibheli. (Roma 5:12) Kwenzeka kanjani lokho? Umuntu okukhulunywa ngaye lapho kwakunguAdamu, umuntu wokuqala owadalwa. Ungazifundela ukulandisa okungokomlando kokudalwa kwakhe nalokho okwaholela ekushiyeni kwakhe indinganiso kaNkulunkulu. Lokhu kunikezwe ezahlukweni zokuqala ezintathu zencwadi yeBhayibheli kaGenesise.
Lokho kulandisa kwembula ukuthi kwakukhona umshoshozeli owayengabonakali lapho uAdamu eqala ukona. Ukuze anelise ukulangazelela kwakhe siqu amandla, lowomshoshozeli wenza isu lokubusa uAdamu nanoma iyiphi inzalo ayengaba nayo. Lomshoshozeli kwakunguSathane uDeveli. Ubizwa nangokuthi “inyoka endala” ngoba wasebenzisa inyoka ekuholeleni uAdamu esonweni. (IsAmbulo 12:9) Nakuba uMdali wesintu onothando ayemtshelile uAdamu ukuba ahloniphe ilungelo laKhe lokunquma okuhle nokubi, inyoka yayengela umka-Adamu, uEva, ekungamlalelini uNkulunkulu. Yena wabe eseyenga umyeni wakhe ukuba angalaleli. Ngaleyonkambo, uAdamu wabonisa ukukhululeka ekubusweni uNkulunkulu, ngokuzithandela waba onesono, futhi wayengadlulisela kuphela lolohlobo lokuphila enzalweni yakhe.
Namanje sisahlushwa imiphumela yalokho. Kanjani? Phela, uMdali wayeyale kahle ukuthi uma uAdamu noEva bekhetha ngamabomu ukungalaleli, umphumela wawuyoba ukufa. Ngakho-ke, ngokona uAdamu wathengisa sonke isintu ebugqileni besono nokufa.—Genesise 2:17; 3:1-7.
Isintu sasingahlengwa kanjani kulesosimo esinesono? UJesu Kristu weza emhlabeni ‘ukuzonikela ukuphila kwakhe, kube-yisihlengo sabaningi,’ futhi lokhu kwavula indlela yokuhlenga isintu.—Mathewu 20:28.
Ukusibekela Nokukhulula
IBhayibheli libonisa ukuthi inqubo yokuhlenga isintu yayihilela izinyathelo ezimbili: (1) ukuthenga (2) nokukhulula. Ngokuphathelene negama lesiGreki (lyʹtron) elihunyushwe ngokuthi “isihlengo,” isazi seBhayibheli uAlbert Barnes sabhala: “Igama elithi isihlengo ngokwezwi nezwi lisho inkokhelo ekhokhelwa ukuhlenga abathunjwa. Empini, lapho iziboshwa zithathwa yisitha, imali efunwayo ukuze zikhululwe ibizwa ngokuthi isihlengo; okusho ukuthi, siyilokho ezikhululwa ngakho. Ngakho noma yini ekhulula noma ubani esimweni sokujeziswa, noma ekuhluphekeni, noma esonweni, ibizwa ngokuthi isihlengo.”
Yebo, “noma yini ekhulula noma ubani” ingabizwa ngokuthi ilyʹtron. Ngakho leligama lesiGreki liqokomisa isenzo noma inqubo yokukhulula.a
Umphostoli uPawulu wasebenzisa igama elihlobene naleli elithi an·tiʹly·tron ukuze agcizelele inani lenkokhelo eyakhokhwa njengesihlengo. Kweyoku-1 Thimothewu 2:6 (NW), wabhala ukuthi “[uJesu] wazinikela” waba “isihlengo esifanelanayo ngenxa yabo bonke.” Iphawula ngalokhu, iGreek and English Lexicon to the New Testament kaParkhurst ithi: “Siyibonisa kahle inkokhelo abathunjwa abahlengwa ngayo esitheni; kanye nalolohlobo lokuzinikela ngenxa yabo lapho ukuphila komuntu kuhlengwa khona ukuphila komunye.” Lapha kugcizelelwa ukufanelana noma amandla aphumelelayo enkokhelo yesihlengo ekhokhelwa ukwenza ubulungisa. Umhlatshelo kaJesu wesihlengo kwakungashiwo kanjani ukuthi ‘uyisihlengo esifanelanayo’?
Isihlengo Esifanelanayo
UAdamu wathengisela sonke isintu, kuhlanganise nathi, esonweni nokufa. Inkokhelo, noma isijeziso, ayikhokha kwakuwukuphila kwakhe kobuntu okuphelele, okwakungaphila phakade. Ukuze lokhu kusitshekelwe, okunye ukuphila kobuntu okuphelele—isihlengo esifanelanayo—kwakumelwe kukhokhwe. Nokho, akekho ozelwe abantu abangaphelele owayengalungiselela ukuphila kobuntu okuphelele okwakudingeka. (Jobe 14:4; IHubo 51:5) Nokho, ngokuhlakanipha kwakhe uNkulunkulu wavula indlela yokuphuma kulokhu kukhungatheka. Wadlulisela ukuphila okuphelele kweNdodana yakhe ezelwe yodwa ezulwini wakufaka esibelethweni sencasakazi, enza ukuba izalwe njengomuntu ophelele. (Luka 1:30-38; Johane 3:16-18) Lemfundiso yokuzalwa kukaJesu yincasakazi ayiyona indaba eqanjelwe ukuba iphakamise umsunguli wenkolo. Kunalokho, ichaza isinyathelo esinengqondo elungiselelweni likaNkulunkulu lesihlengo.
Ukuze afeze lokho kuhlenga, uJesu kwakumelwe agcine umbhalo ohlanzekile ngaso sonke isikhathi lapho esemhlabeni. Lokhu wakwenza. Khona-ke wafa ukufa komhlatshelo. Ngalendlela, uJesu wakhokha inkokhelo ewukuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo sokukhulula isintu. (1 Petru 1:19) Ngakho singasho ngokunembile ukuthi “munye owafela bonke.” (2 Korinte 5:14) Yebo, “njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.”—1 Korinte 15:22.
Umuntu Oyedwa Ngenxa Yabaningi
Endabeni yokuthumba okukhulunywe ngayo ngaphambili, abathunjwa babengenayo indlela yokuzikhulula ngokwabo, ngisho noma babecebile. Kwakudingeka usizo oluvela ngaphandle, futhi umuntu owayezozinikela ngenxa yabo kwakumelwe ahlangabezane nemibandela ethile. Kunjalo futhi ngendlela enkulu kakhulu ngokuphathelene nesihlengo esasidingeka ukuze kuhlengwe isintu. Umhubi wabhala: ‘Labo abazigabisa ngomcebo wabo omkhulu. Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu inhlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini.’ (IHubo 49:6-8) Ngempela, kwakunesidingo sosizo oluvela ngaphandle ngesintu. Ukuphila komuntu oyedwa kwakuyokwanela ukuhlenga sonke isintu uma nje ayehlangabezana nemibandela eyayifuneka ukuze kwenziwe ubulungisa bukaNkulunkulu. UJesu Kristu uye waba ukuphela komuntu ophelele owahlangabezana nalezimfanelo.
UJehova uNkulunkulu uye walungiselela ukukhululwa kwesintu ngokuba uJesu Kristu akhokhe isihlengo. Kodwa uNkulunkulu uye wenza okwengeziwe. Uye wadlulisela isigwebo sokufa kuSathane uDeveli, lowo owaholela isintu esonweni. (IsAmbulo 12:7-9) UJehova ngokushesha uzombopha lowo onecala futhi ekugcineni uyokhipha isahlulelo ‘ngokumphonsa echibini lomlilo nesibabule,’ okufanekisela ukubhujiswa kwaphakade. (IsAmbulo 20:1-3, 7-10, 14) Ngokususwa kwalesidalwa esibi somoya nangokusetshenziswa kwesihlengo, isintu siyojabulela ukukhululwa hhayi nje ekubanjweni yisono nokufa kuphela kodwa futhi nasethonyeni likaSathane. Sikhululeke kanjalo futhi inzuzo yomhlatshelo kaKristu wesihlengo isetshenziswe ngokugcwele, isintu esilalelayo siyoqhubekela ekupheleleni kobuntu.
Ilungiselelo Lesihlengo Nawe
Lapho sebefundile ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu, abaningi eMpumalanga baye bakwazisa ngokujulile lokho uNkulunkulu aye wabenzela khona. UKazuo uyisibonelo. Ukuphila kwakhe kwakugxile ekuhogeleni utinasi kapende adakwe. Lapho eshayela edakwe yiwo, kaningi wayeshayisa imoto yakhe. Abathathu babangane bakhe bazibulala ngemva kokuba bekhahlaze impilo yabo. NoKazuo wazama ukuzibulala. Kamuva, waqala ukutadisha iBhayibheli. Eshukunyiswe iqiniso ayelifunda, wanquma ukuhlanza ukuphila kwakhe. Walwa nomkhuba wakhe wokukhahlameza umzimba wakhe ngotinase kapende, futhi wehluleka kaningi. Wayebhekene nenhlekelele ngenxa yesifiso sakhe esingokwenyama kanye nokulangazelela ukwenza okulungile. Yeka indlela ajabula ngayo ngokukwazi ukuthandazela intethelelo kuNkulunkulu ngenzuzo yomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu! Ngomthandazo nangosizo lwabangane abangamaKristu, uKazuo wawunqoba umkhuba wakhe futhi manje ukhonza uJehova njengesikhonzi esijabulayo esinonembeza ohlanzekile.
Uyamkhumbula uChisako, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwesihloko esanduleleyo? Ngokutadisha iBhayibheli, naye waliqonda ilungiselelo lothando lesihlengo. Washukunyiswa ngokujulile lapho efunda ukuthi uNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ukuze ikhulule isintu esonweni. UChisako wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova. Ngisho namanje, eminyakeni yobudala engu-77, usebenza amahora angaba ngu-90 nyanga zonke etshela abanye ngothando olukhulu lukaJehova nangomusa ongasifanele awubonisayo.
Isihlengo kufanele sibaluleke nakuwena. Ngaso, uNkulunkulu uyovula indlela eya enkululekweni yeqiniso ngesintu—ukukhululeka esonweni nokufa. Ikusasa elihle kakhulu lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi lingaphambi kwalabo abemukela umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Siza uthintane noFakazi BakaJehova futhi uzihlolele ngokwakho ukuthi ungakujabulela kanjani ukukhululeka esonweni nokufa ngelungiselelo lothando lesihlengo.
[Umbhalo waphansi]
a EmiBhalweni YesiHeberu, elithi pa·dhahʹ kanye namanye amagama ahlobene nalo ahunyushwe ngokuthi “hlenga” noma “inkokhelo yokuhlenga,” okuqokomisa ukukhulula okwakuhilelekile.—Duteronomi 9:26.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
Courtesy of the Mainichi Shimbun