Ingabe Ikhona Indlela Yokuphuma Esimweni Somuntu Esinesono?
UCHISAKO, nabantwana bakhe abane abasebasha wayevame ukuhlanza izindlu zangasese zomphakathi edolobheni eliqhele ngamakhilomitha angu-600 ukusuka ekhaya lakhe. Ngenkathi enza lokho, wayehuba isilandelo samaBuddha, ayengasiqondi ukuthi sisho ukuthini. Kwakungomunye wemikhuba yeqembu lenkolo elifuna ukuthola lokho okusemnyombweni wangempela wazo zonke izinkolo.
“Naphezu kwemikhuba eqhubekayo yokuzila,” kukhumbula uChisako, “angizange ngibuguqule ubuntu bami. Ekujuleni kwenhliziyo yami, angizange ngibathethelele abanye futhi angizange ngibonise uthando ngesisusa esiqotho.”
Ngisho nasemazweni aseMpumalanga, lapho iningi labantu lingazi khona lokho isono esiyikho njengoba kufundiswa eBhayibhelini, abaningi bazizwa benonembeza abakhathazekile ngenxa yokuthambekela kwabo okunesono, njengoba kwenza uChisako. (Roma 2:14, 15) Ubani ongakaze ahlushwe imizwa yokungahlaliseki kahle ngenxa yokungabonisi umusa kothile osesimweni esidabukisayo noma ongakaze akuzwe ukuzisola okucindezelayo ngenxa yamazwi obekungafanele ashiwo? (Jakobe 4:17) Futhi ingabe isilo esibi esiwumhawu asicashile yini ngaphakathi kwabancane nabadala ngokufanayo?
Kungani abantu benemizwa enjalo ekhathazayo? Ngoba, kungakhathaliseki ukuthi bayakuqaphela noma cha, banomuzwa wangaphakathi wokubi, wesono. Ngempela, kungakhathaliseki ukuthi abantu bayayiqaphela imfundiso yeBhayibheli yesono noma cha, bonke bayathonywa ukuthambekela okunesono. Isazi esithile kulendaba sake saphetha: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
Ingabe Isono Singasuswa?
Abantu abaningi namuhla, ikakhulukazi kweLobukholwa, bamatasa bazama ukusula imizwa yesono neyecala konembeza babo. “Lona kanye igama elithi ‘isono’ . . . cishe selinyamalele,” kusho uDkt. Karl Menninger encwadini yakhe ethi Whatever Became of Sin? Nokho, ukugwema igama elithi “isono” akusizi ngalutho kufana nje nokufuna komuntu osegugile ukugwema igama elithi “ogugile.” Kufanele sibhekane neqiniso lokuthi sinokuthambekela okunesono futhi sidinga ukukhululwa kulesosimo esidabukisayo. Kodwa ubani?
Umphostoli uPawulu ongumKristu wabuza lowombuzo ngemva kokuvuma ukuthambekela kwakhe siqu kokona naphezu kokufuna ukwenza ngenye indlela: “Wo mina-muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na?” UPawulu wayeseqhubeka ephendula: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu.” Ngani? Ngoba uNkulunkulu walungiselela ukuthethelelwa kwesono ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo.—Roma 7:14-25.
Nokho, iningi labantu abangu-3 500 000 000 abangewona amaKristu abasemhlabeni (okuyinani eliphinda kabili elamaKristu okuzisholo) lithola umqondo wesihlengo kunzima kakhulu ukuwuqonda. Ngokwesibonelo, imfundiso yesihlengo yaba isithiyo esikhulu kunazo zonke kumMuslim othile owayehlala eJapane owatadisha iBhayibheli isikhashana nje. Kubantu abaningi baseMpumalanga umqondo wokuthi umuntu oyedwa wayengafela bonke awuvamile.
Lokhu kuyaqondakala, njengoba ngisho nabanye kweLobukholwa bethola lemfundiso eyisisekelo kunzima ukuyiqonda. “Imfundiso yenkolo yokuHlengwa,” kuvuma iNew Catholic Encyclopedia, “ngandlela-thile ayiqondakali futhi iyaqhubeka iyinkinga emfundisweni yenkolo.”
Izinga lokudideka ngalemfundiso libonakala kahle emazwini ombhali wezenkolo uN. H. Barbour: “Ukufa kukaKristu kwakungasixazululi isijeziso sezono zomuntu, kwakufana nje nokuhlaba impukane ngokhanjana izwe ubuhlungu futhi ife bese lokho kubhekwa umzali wasemhlabeni njengesixazululo esifanele sesenzo esibi sengane yakhe.” Owayesebenzisana noBarbour ngalesosikhathi kwakunguCharles T. Russell, owabona isidingo esiphuthumayo sokuvikela imfundiso yesihlengo. Wazehlukanisa noBarbour futhi ngo-1879 waqala ukunyathelisa umagazini omusha, lowo kamuva owaba yilomagazini owufundayo. Kusukela ekuqaleni kwayo, INqabayokulinda iye yaba umlweli womhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.
Kodwa ingabe lemfundiso iyoke yamukeleke kulabo abangenaso isizinda “sobuKristu”? Ukuze sithole, ake siyihlolisise lemfundiso yomuntu oyedwa ofela bonke.