Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 12/15 k. 25
  • “Umhume Wabaphangi” Wanamuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Umhume Wabaphangi” Wanamuhla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 12/15 k. 25

“Umhume Wabaphangi” Wanamuhla

KUMAGAZINI iNatural History, uprofesa wesayensi yenhlalo yabantu uColin Turnbull walandisa ngokuhlangenwe nakho kwakhe njengesivakashi eJerusalema. Wathi “umoya kaKhisimusi” ayeseqale ukuba nawo “wehla ngokushesha” lapho ebona izitolo zalowomuzi “zigcwele izimpahla ezingenamsebenzi ezidayiswa ngamanani ahlekisayo kubathengi bakaKhisimusi (izivakashi) ababebonakala bephoqelekile ukuthenga.”

‘Ngomoya wakhe kaKhisimusi’ uTurnbull wathi: “[Wa]phela ngokwengeziwe kwenye indawo engangicabanga ukuthi ingase i[wu]-vuselele—ithuna eliwuMgodi Ongcwele.” (Ingaphakathi lalo libonakala ngenhla.) Lapho, ukuziphatha kwezivakashi “ezazibonakala zibonisa ukuntula okusobala inhlonipho ngabangcwele” kwamdumaza njengoba “zazidudulana zisunduzana ngendlela okungeyona nakancane eyobuKristu, zisebenzisa amahlombe nezindololwane ukuze zikwazi ukungena esangweni elincane eliya emgodini. Ngezikhathi ezithile kwakuqubuka impi encane, ehambisana nokuthuka nezenzo ezazingengcwele neze.”

Kunokuba “babuyisele umoya wobungcwele,” kusho uTurnbull, abefundisi ababephethe “bawuqeda wonke umqondo wobungcwele ngokubeka kwabo siqu isibonelo sokuziphatha kobudlova.” Wakhuluma “ngomunye owayegqoke ingubo ensundu, enesigqoko esikhulu, onesimo esinjengesikaRasputin [o]wayesusa ngokhahlo izivakashi ezivamile emlonyeni womgodi isikhathi ngasinye lapho kungena iqembu lezivakashi ezikhokha kakhudlwana, eziphethe amakhandlela (ezibizwa ngokuthi amapilgrim), ezaziholwa ngomuye uRasputin.” Umphumela, kusho lomfundisi, waba “ngubutha phakathi kwababengenamakhandlela nababenamakhandlela, naphakathi kwabefundisi abehlukahlukene, njengoba kwakubonakala kunokulandelana okungapheli kwamahlelo aphikisanayo alwela isikhathi nendawo.”

Umngane kaprofesa Turnbull “wayeqhele [ngamamitha] ambalwa emuva kwendawo engcwele, eguqe phansi ngezandla nangamadolo, ingxenye yakhe isitheke emgodini osodongeni.” UTurnbull walandisa: “Njengoba ngangibhekekile, isandla sakhe sokunene saphumela ngaphandle futhi saphuphutha imali ekhukhwini lakhe, kodwa enye ingalo yakhe yasala ngaphakathi, yeluleke njengokungathi ibanjiwe. Nokho, lapho esedlulisele imali phakathi emgodini, ingalo yakhe yangakwesokhohlo yakhululwa futhi umngane wami wasukuma . . . Esandleni sakhe sokhohlo wayephethe isiphambano sokhuni esincane, simanzi lapho sasichelwe khona ngamanzi okuthiwa angcwele indela eyayinalelolungelo futhi eyayigobe ngokuzifihla emhumeni omncane, ilindele isilulu sayo.”

UJesu Kristu waqaphela isimo esifanayo esasenziwa abantu abanethonya ethempelini, futhi wabatshela ukuthi babelenza “umhume wabaphangi.” (Luka 19:45, 46) Yebo, osukwini lwethu ‘imihume yabaphangi’ enjalo ayikho neze eJerusalema kuphela.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela