Ukufakaza Endaweni Yamabhizinisi—Ngendlela YaseJapane
UMYALO kaJesu Kristu wokufinyelelisa umsebenzi wokufakaza “ezingxenyeni ezikude zomhlaba” kumelwe uhlanganise nezindawo zamabhizinisi. (IzEnzo 1:8, NW) EJapane, ukufakaza ngoMbuso kubantu abasebenza ezinhlanganweni zomphakathi nasemahhovisi ezinkampane ezinkulu kubeka inselele yangempela. Kwelinye ibandla abamemezeli boMbuso bathola imvume yokufakaza ngomagazini esakhiweni samahhovisi sasedolobheni ngesikhathi sekhefu lasemini. Labamemezeli abathandazanga nje kuphela kuJehova ukuba abanikeze isibindi kodwa futhi banakisisa nendlela yabo yokugqoka nokuziphatha baze balungiselela ngisho namabheji abhalwe amagama abo nabaveza njengoFakazi BakaJehova.
UFakazi wayefika esisebenzini, athi: “Uxolo, nginikezwé imvume yokukhuluma nabantu lapha. Ungathanda ukungilalela njengoba udla?” OFakazi kwakudingeka babonise ukuhlakanipha futhi basebenzise amazwi ‘ayoliswe ngosawoti.’ (Kolose 4:6) Ekuhambeleni kwabo kokuqala, bahambisa omagazini abangu-39, kodwa kwadinga ukuhambela okune ukuze sihlanganiswe sonke isakhiwo esinezitezi eziyisishiyagalombili lapho kusebenza khona abantu abayi-1 500. Bahambisa nomagazini abayikhulu futhi bakwazi ukuqalisa imizila kamagazini nokwenza izimpindelo.
Omunye wabamemezeli wenza impindelo kumphathi othile. Lapho ezwa kufundwa umbhalo othile kuyiNew World Translation, wathi: “LeliBhayibheli kulula ukuliqonda. Leli engake ngalifunda ngaphambili lalibhalwe ngesiJapane esidala futhi kwakunzima ukulifunda.” Walethelwa iNew World Translation ngesonto elilandelayo.
Ingabe ungakwenza okwengeziwe ensimini yebandla lakini ukuze ushumayele izindaba ezinhle ‘kubantu bonke,’ kuhlanganise nalabo abasezindaweni zamabhizinisi?—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 2:4.