Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 2/1 k. 32
  • “Ayigudl’ Iguma”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ayigudl’ Iguma”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 2/1 k. 32

“Ayigudl’ Iguma”

Akulula ukukhula kulezikhathi ezinezinkinga. Intsha ibhekana nezimo eziningi ezintsha futhi kumelwe yenze izinqumo ezinzima. Ingabe kufanele ngiphuze? Ngizamukele izidakamizwa? Ikuphi ukuziphatha okufanele nomuntu wobulili obuhlukile? Intsha idinga izimpendulo ezisebenzayo, ezingagudlˈ iguma. Lapho efunda incwadi entsha ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, osemusha waseGreensboro, eNyakatho Carolina, wabhala:

“Lencwadi iyaqondakala kakhulu futhi inezibonelo ezinhle zenkinga ngayinye. Uma nje uke waqala ukuyifunda, ngeke ukwazi ukuyibeka phansi, izahluko zithakazelisa kakhulu. Ngingathi ayigudl’ iguma, kodwa inikeza amakhambi aqondile ezinkingeni.

“Lilonke, lencwadi iyamangalisa, ineqiniso, yinhle, . . . amazwi awanakuchaza ngokwanele ukuthi yinhle kangakanani lencwadi. Ngingayitusa kakhulu kubo bonke lencwadi, ikakhulukazi entsheni.”

Thola lencwadi entsha, enemifanekiso ekhangayo ngokugcwalisa nokuthumela lesigqebhezana. Ingu-R3,75.

Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi angama-320, ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, iposi likhokhelwe. Ngifaka u-R3,75.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela