Indlela Yokushumayela Ensimini Yamabhizinisi
1. Iziphi ezinye zezinzuzo zokushumayela ensimini yamabhizinisi?
1 Ungathanda yini ukushumayela ensimini lapho ngokuvamile abantu bamukela khona izivakashi nalapho abantu betholakala khona? Ungakwazi ukukwenza lokho khona kanye ensimini yebandla lenu. Kanjani? Ngokushumayela ezindaweni zamabhizinisi ezitholakala lapho. Abamemezeli abashumayela ezindaweni zamabhizinisi ngokuvamile bathola imiphumela emihle.
2. Ungahlelwa kanjani umsebenzi wokushumayela ensimini yamabhizinisi?
2 Amanye amabandla anezindawo zamabhizinisi eziwela ensimini ayabelwe. Umzalwane onakekela insimu yebandla angase alungiselele amakhadi akhethekile ebalazwe lensimu alezi zingxenye zensimu ezigcwele amabhizinisi. Noma imaphi amakhadi amabalazwe ezindawo ezihlala abantu kodwa anezindawo zamabhizinisi kufanele abonise ngokucacile ukuthi lawo mabhizinisi akufanele kushunyayelwe kuwo lapho kusetshenzwa insimu ehlala abantu. Kwamanye amasimu, kungashunyayelwa ezindaweni zamabhizinisi lapho kusetshenzwa insimu ehlala abantu. Uma ungakaze ushumayele endaweni yamabhizinisi, qala ngokuzama ezindaweni zamabhizinisi ezimbalwa ezincane.
3. Yini eyosisiza ukuba siphumelele lapho sishumayela ensimini yamabhizinisi?
3 Sebenzisa Indlela Elula: Lapho ushumayela ensimini yamabhizinisi, kubalulekile ukugqoka ngendlela obungagqoka ngayo lapho usemhlanganweni eHholo LoMbuso. Kuhle nokuya kuleyo ndawo yebhizinisi lapho kungematasa kakhulu. Uma kungenzeka, ngena uma kungenabathengi abalinde ukuthengiselwa. Cela ukukhuluma nemenenja noma nomphathi. Shaya ngamafuphi futhi uqonde ngqó ephuzwini. Yini ongayisho?
4-6. Yini esingayisho lapho sifakaza kumthengisi noma kuyimenenja?
4 Lapho ukhuluma nomthengisi noma nemenenja, ungase usho okuthile okufana nalokhu: “Abantu bamabhizinisi bamatasa kakhulu kangangokuthi kuyaqabukela sibathola emakhaya, ngakho sinivakashela ezindaweni zenu zokusebenza. Omagazini bethu banikeza umbono obanzi wokubukwa kwezwe ngezenzakalo zamuva.” Yibe usumbonisa iphuzu elifushane komunye umagazini.
5 Noma ungase uzame le ndlela elula: “Abantu abaningi bangathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli kodwa banesikhathi esincane kakhulu. Leli pheshana lichaza ilungiselelo lesifundo samahhala ongasithola ukuze sikusize uthole izimpendulo zemibuzo yakho yeBhayibheli.” Yibe usumbonisa amakhasi 4 kuya ku-5 epheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli?
6 Uma umphathi ebonakala ematasa, ungase nje umnikeze ipheshana bese uthi: “Ngizophinde ngibuye lapho ungasematasa kakhulu. Ngingathanda ukwazi ukuthi ulizwe kanjani leli pheshana.”
7. Singasihlakulela kanjani isithakazelo esisithola ensimini yamabhizinisi?
7 Ukuhlakulela Isithakazelo Esibonisiwe: Ungakwazi nokuqhuba isifundo seBhayibheli ensimini yamabhizinisi. Iphayona elikhethekile lalihambisela usomabhizinisi othile omagazini njalo. Lapho lo somabhizinisi ethi uyakwazisa lokho ayekufunda, iphayona lambonisa indlela yokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, kusetshenziswa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Kwaqalwa isifundo khona lapho ebhizinisini lale ndoda. Licabangela izimo, leli phayona laliqhuba isifundo imizuzu engu-10 noma engu-15 isikhathi ngasinye. Kwangathi nathi singaqhubeka sifuna abafanelekayo ngokushumayela ensimini yamabhizinisi.