Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu—Kuzuzisa Ezintweni Zonke
OFAKAZI BAKAJEHOVA bayazi ukuthi “ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke” futhi kubalulekile ekukhulekeleni kweqiniso. (1 Thimothewu 4:8) Ngaphandle kwakho, inkolo imane nje iwukugcina icala. Ngakho “Ukuzinikela KuNkulunkulu” kwaba yigama elifanelekile lochungechunge lwemihlangano yabo yesigodi eyaqala ngoJune odlule.
NgoAugust, imihlangano enjalo emithathu yaqhutshwa ePoland esimweni esijabulisayo. Yaqala ngemva kokuba oFakazi BakaJehova beqashelwe ngokomthetho ngoMay. (Ukuze uthole eminye imininingwane mayelana nemihlangano yasePoland, bheka iPhaphama! yesiNgisi kaDecember 22, 1989.) Ake sibukeze lapha isimiso somhlangano njengoba saqhutshwa ePoland.
Piątek w Poznaniu (NgoLwesihlanu EPoznan)
Abaphehli bodweshu abangu-50 000, befuna ngenkani isinkwa nenkululeko, babhikisha ePoznan ngoJune 1956. Lokhu kwaphumela ekufeni kwabangu-50 nasekwakhiweni kukahulumeni omusha wasePoland. Ngokuphambene ngokuphelele, eminyakeni engama-33 kamuva, esimweni esiphawulwa inala yesinkwa esingokomoya nenkululeko yobuKristu, amaKristu anokuthula ahlangana lapho ukuze ezwe izinkulumo eziphathelene ‘Nokukhonza UNkulunkulu Ofuna Ukuzinikela Okuphelele,’ okwakuyisihloko sangoLwesihlanu. Inani eliphakeme labangu-40 442 lahlangana lapho ngeSonto.
Ngemva kwenkulumo yokwamukela kasihlalo womhlangano kanye nengxoxo nabantu ‘Abaphila Ukuphila Kokuzinikela KuNkulunkulu Ngokugcwele,’ kwanikezwa iseluleko esisebenzayo enkulumweni ethi “Gwema Izindebe Ezilimazayo.” Yeka indlela okulula ngayo ukuba inkulumo engelutho iphenduke inhlebo elimazayo! Futhi inhlebo elimazayo ingaholela ekunyundeleni okubulalayo. Kodwa ngaphambi kokuba akhulume ngabanye abantu, amaKristu avuthiwe, elangazelela ukulondoloza ukuthula nobunye, azibuza ngokuhlakanipha: ‘Ingabe uJesu wayeyokusho lokhu? Ingabe kuyadinga ukushiwo? Ingabe kuyokwakha? Ngikusho ngasiphi isizathu?’
Okwakuyingqayizivele emihlanganweni yasePoland kwakuyisikhathi esasibekwa eceleni usuku ngalunye sokulalela imibiko enikezwa oFakazi abavela kwamanye amazwe. Okuhlangenwe nakho okwalandiswa izihambeli ezimelela izizwe ezihlukahlukene ezingama-24 kwagcizelela iqiniso lokuthi lona umkhaya wezwe lonke onobunye beqiniso ekuqapheleni iqiniso lokuthi “UJehova Ufuna Ukuzinikela Okuphelele.” Njengoba uNkulunkulu ekufanelekele ukuthola ukuzinikela okunjalo, izinceku zakhe kumelwe zingabi ezihlukene phakathi othandweni lomzwelo nasekukhulekeleni. Isibonelo sikaJesu sibonisa ukuthi akukho lutho olungenziwa ngokuziphoqelela ekuzinikeleni okuphelele.
Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuhilela yonke into esiyenzayo. Kanjalo, ingxoxo enezingxenye ezintathu yaxwayisa amaKristu ukuba ‘Agweme Ukunhlanhlatha’ ezintweni ezinjengokudla nophuzo, ukugqoka, nokuzilibazisa, kanye nokuzijabulisa. Ukuminza nokudakwa kuyizinhlobo zokuhaha ezenza buthuntu izinzwa ezingokomoya, zibangele izinkinga ezingokwempilo, zibangele ukuziphatha okubi, ziholele ezingozini. Izitayela zokugqoka ezeqisile—ezingahloniphekile, eziyinqaba, nezimangazayo, noma ezithusayo nokwethusa—kumelwe zigwenywe. Izimpahla eziwubudlabha, eziwukunganaki ngokweqile, noma ezimpintshayo azifanele. Indaba ayikhona ukuthi isitayela sisemfashinini yini noma cha, kodwa iwukuthi sisifanele yini isikhonzi sikaNkulunkulu. Futhi ukuzijabulisa okunokuhlubuka, ubudlova, izidakamizwa, imilingo, noma ukuziphatha okubi ngokobulili akukhona okwamaKristu.—Filipi 1:27.
Isimiso sangoLwesihlanu ntambama saqala ngenkulumo ethi “‘Inceku Ethembekileyo’ NeNdikimba Yayo Ebusayo.” Eqiniseka ngokuthembeka kwezidalwa zakhe ezithembekile, uJehova uzinikeze igunya. NeNdodana yakhe yenza kanjalo. Phakathi kwabalandeli bayo abagcotshiwe, ‘inceku ethembekileyo neqondayo,’ iNdodana ikhethe abambalwa ukuba bakhonze njengendikimba ebusayo ebonakalayo. (Mathewu 24:45) Ekhulwini leminyaka lokuqala, leliqembu lalakhiwa abaphostoli namanye amadoda amadala ambalwa eJerusalema.
Ezikhathini zanamuhla iNdikimba Ebusayo iye yahlanganiswa ngokuseduze nabahleli bezincwadi beWatch Tower Society kanye nebhodi yabaqondisi. Kodwa iNdikimba Ebusayo ihlukile kuleyonhlangano engokomthetho, njengoba isikhulumi sakuveza: “Njengoba ukuba khona kwalenhlangano kungokomthetho ngokuphelele, inendlunkulu yayo ezinze endaweni ethile, ingahlakazwa uKesari, uMbuso.” Akunjalo ngeNdikimba Ebusayo, engelona ithuluzi elimiswe ngokomthetho kodwa amalungu ayo “amiswe ngomoya ongcwele ngaphansi kokuqondisa kukaJehova noKristu.” Ngakho, iNdikimba Ebusayo iyaqhubeka isebenza futhi ithola ukusekela kokungagodli koFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.
Emihlanganweni yasePoland kwakukhona amalungu angu-5 amadoda ayi-12 eNdikimba Ebusayo esebenzayo manje. Omunye wawo wanikeza inkulumo eyisihluthulelo, ethi “Isizathu Sokuba Ufunde Imfihlakalo Engcwele Yokuzinikela KuNkulunkulu.” Lapho kwaphawulwa ukuthi imfihlakalo yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ayiseyona imfihlakalo, ngoba “iye yenziwa samuntu ngoJesu Kristu.” Isikhulumi saxoxa ngezici eziyisithupha zalemfihlakalo engcwele okukhulunywe ngayo kweyoku-1 Thimothewu 3:16, futhi sathi: “Ukwazisa kwethu ngemfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kufanele kusiholele ekubeni silandele njalo ngokuseduze ezinyathelweni zikaJesu.”
Izinkulumo ezimbili eziwuchungechunge zakwenza kwacaca ukuthi ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kudingekile kwabasha nakwabadala ngokufanayo. Abazali banomthwalo wemfanelo wokunika abantwana babo ifa elingokomoya ngokubafundisa ukuba babe nomuzwa ofanele wokulungile nokungalungile. Isifundo somkhaya esiyinzuzo, kuhlanganise nengxoxo yezinkinga zabantwana ethinta izimo ezingokoqobo, siyinto okumelwe yenziwe. Beqaphela njalo izimpawu zezingozi, abazali kumelwe bavikele abantwana babo kubangane abangebahle, ngisho nangaphakathi ebandleni.
Ngakolunye uhlangothi, ukuze intsha iphile ukuphila okuzuzisayo, kumelwe ibheke kuKristu, ‘owayishiyela isibonelo sokuba ilandele ezinyathelweni zakhe.’ (1 Petru 2:21) Yabuzwa ngokufanelekile: “Uma ukhuliselwe eqinisweni, uyakwazi okukholelwayo, kodwa ingabe uyazi ukuthi kungani?” Yakhuthazwa ukuba yenze iqiniso libe ngelayo ngokuba izibonele ngokwayo ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi oFakazi BakaJehova baneqiniso ngempela.
Emazweni amaningi lengxoxo yalethwa emvuthwandaba ngokukhululwa kwencwadi entsha enamakhasi angama-320 ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. (Siza ubheke ibhokisi elihambisana nalesihloko elithi, “‘Isipho’ Sentsha ‘Esivela KuJehova.’”) Kwethenjwa ukuthi intsha yasePoland nakwamanye amazwe aseMpumalanga Yurophu ngolunye usuku nayo iyokwazi ukuzuza eselulekweni esihle esiqukethwe yilencwadi ngokuyifunda ngezilimi zayo.
Sabota w Chorzowie (NgoMgqibelo EChorzów)
IChorzów iyisikhungo sezimboni esisenkabeni yezindawo zamalahle zaseningizimu Poland. Izimayini zamalahle zaseSilesia ziye zaletha inzuzo kwezomnotho kuleyondawo. Kodwa isihloko sengxoxo esasiyinhloko phakathi kwabantu abayizi-65 710 eNkundleni Yemidlalo iSlaski ngoAugust odlule sasiwuhlobo oluphakeme lwenzuzo.
“Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Kusho Inzuzo Enkulu,” isihloko sangoMgqibelo, kwachazwa isikhulumi sokuqala esimisweni santambama. (1 Thimothewu 6:6) Okwakugcizelela ubuqiniso bamazwi esikhulumi kwakuyizingxoxo nabantu abaye bajabulela inzuzo enkulu ekuphileni kwabo siqu ngokuphishekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.
Phakathi nesimiso sasekuseni, izinzuzo zokuphishekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu zazigcizelelwe ochungechungeni. “Ngokufunda Njalo [iZwi likaNkulunkulu] Ngokuqonda,” sihlola incazelo yalokho esikufundayo, futhi sicabangela ngomthandazo indlela yokusebenzisa lokho esikufundayo, thina njengamaKristu siyakwazi ukuphishekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu “Ngokwenza Ukukhanya Kwethu Kukhanye Njalo.” (Joshuwa 1:8) Kwaphawulwa ukuthi uma ngamunye woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke engachitha imizuzu eyi-15 ngosuku ekhuluma ngokwethukela nabanye, ngonyaka kungachithwa amahora engeziwe ayizigidi ezingama-327 emsebenzini wokufakaza ngoMbuso.
Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuphishekelwa futhi “Ngokumelana Nesilingo.” Izinto ezinjengokudla, uphuzo, ubulili, noma imali, nakuba zingezimbi zona ngokwazo, zingaba zimbi ngaphansi kwezimo ezingafanele. Indlela yokuvikeleka iwukugwema ukuzichaya ngokungadingekile engcebweni yezwe, ezincwadini ezingcolile, ezidakamizweni, nasebudakweni, kanye nokuba matasa kwalo ngezinjabulo, njengomculo, ezemidlalo, nezindaba zomphakathi. Umthandazo ubalulekile. AmaKristu kumelwe afunde ukuzonda okubi. Lokho kufanelekile, njengoba isikhulumi esalandela saveza ukuthi kufanele ‘Angabe Esaphilela Intando Yomuntu Kepha EkaNkulunkulu.’
Abantu abaningi ngokwandayo banquma ukwenza lokho kanye. Lokhu kwabonakala lapho oFakazi abasha abayizi-2 663 bebonakalisa obala ukuzimisela kwabo ‘Ukuphishekela Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu NjengamaKristu Azinikezele, Abhapathiziwe.’ (Kuyo yomithathu lemihlangano yasePoland, ababhapathizwa bafinyelela engqikithini yabayizi-6 093.) Ukuze balondoloze injabulo enkonzweni kaJehova, labo ababezobhapathizwa bakhuthazwa ukuba bazindle ngezizathu eziningi zokujabula: ubungane noJehova, ubuzalwane babo bomhlaba wonke, nethemba lokuphila ePharadesi.
Ukuzithoba kobuKristu kwaxoxwa ngakho enkulumweni ethi “Ukubonakalisa Imisebenzi Yokuzinikela KuNkulunkulu—Njengamadoda Angaphansi Kobunhlobo BukaKristu.” Amadoda anokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ayonakekela imisebenzi yemikhaya yawo ngendlela yothando, enjengekaKristu. “Njengabesifazane Ababonisa Ukuzithoba Okufanele,” odadewethu abangamaKristu bayoba abasekelayo, abangazithonyi izinhloko zemikhaya ngokungafanele noma bavumele imizwelo ibaphambukisele ekwenzeni izinqumo zobuwula. “Njengabantwana Abalalela Abazali,” intsha iyofunda ukulalela, ukuphendula emihlanganweni, nokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu.
Yeka iseluleko esihle! Nokho, yeka ukuthi inkolo yamanga iye yahluleka ngokudabukisa kanjani ukunikeza isiqondiso esifaneleka kanjalo! Ngenxa yalokhu, ifanelwe ukulahlwa okunamandla, okwalandela enkulumweni ethi “Ukudalula ‘Umuntu Ongenamthetho.’” Lomuntu oyimfihlakalo wachazwa “‘njengomuntu’ ohlanganisa abantu abaningi, bonke abefundisi benkolo beLobukholwa eliyisihlubuki.” Benedumela elibi ngenxa yokushushisa kwabo izinceku zikaNkulunkulu, abefundisi manje sebeye bajoyinwa “yizihlubuki zanamuhla, ngaphambili ezazithi zingoFakazi, [kodwa] ezibuyela ebuhlanzweni obuyizimfundiso zeLobukholwa, futhi zabambisana nezidakwa ezingokomoya zeBabiloni Elikhulu ekushayeni nasekuhlaseleni isigaba senceku kaJehova ethembekileyo neqondayo.” Ihlombe labonisa ukuvumelana nalokho isikhulumi esasikusho lapho sithi: “Sizoqhubeka silidalule iBabiloni Elikhulu ‘nomuntu’ walo ‘ongenamthetho.’”
Lokhu kudinga isibindi, ikakhulukazi esikhathini lapho, ngokukaM. G. Henschel, ilungu leNdikimba Ebusayo, abantu abaningi “befulathela uNkulunkulu neZwi lakhe, iBhayibheli.” Nakuba “iBhayibheli libukelwa phansi kakhulu namuhla,” iBhayibheli liye laphumelela ekuvivinyweni ukuhamba kwesikhathi. Isikhulumi sathi “ayikho incwadi ekhiqizwe abantu kuphela eyayingaba nokuqonda okujule kangaka futhi ibe ngenembile ngaso sonke isikhathi.” Sathi “oFakazi BakaJehova bavumela iZwi likaNkulunkulu libe namandla ekuphileni kwabo [futhi] ubuzalwane bezizwe zonke bamaKristu aqotho obubangelwa yiwo buwubufakazi obunamandla bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe.” Usuku lwafinyelela umvuthwandaba ojabulisayo ngokumenyezelwa kwencwadi entsha ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, eyakhululwa ngezilimi eziningana.
Niedziela w Warszawie (NgeSonto EWarsaw)
Izihambeli zaseWarsaw ngokuvamile ziyahamba ziyobona isikhumbuzo esiphawula indawo enedumela elibi iWarsaw Ghetto, lapho amaNazi ayisa khona amakhulu ezinkulungwane zamaJuda ayezobulawa phakathi neMpi Yezwe II. Nokho, endaweni eqhele nje ngebanga elingathatha imizuzu embalwa ngemoto iNkundla Yemidlalo iX-Lecia yayichichima, abantu abayizi-60 366 ngoAugust 13, ababeze ukuzozwa imibono ephathelene ‘Nokulahla Ukungamesabi UNkulunkulu Futhi Uphile Ngokuzinikela Kokumesaba,’ okwakuyisihloko sangeSonto.—Thithu 2:12.
Ukuphila ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngokucacile kuvimbela ukubonakalisa umoya wezwe wokuzibusa. Idrama ebonisa izimo eziyiqiniso ekuphileni ethi “Zithobeni KuJehova,” eyanikezwa ngentshiseko yasePoland, yagcizelela izinguquko ezibalulekile amaKristu okumelwe azenze ukuze amukelwe uNkulunkulu.
Ilungu leNdikimba Ebusayo lacaphuna eyoku-1 Korinte 8:6, ethi: “Kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise.” Laphawula ukuthi imfundiso eyisisekelo yobuKristu akuyena uZiqu-zintathu, njengoba abaningi besho, kodwa ukulwelwa kukaJehova ngoMbuso wakhe ngaphansi kukaKristu. Lachaza: “Imfundiso kaZiqu-zintathu iwukuphambuka eqinisweni, ukuhlubuka kulo.” Kanjalo, abantu ababiza uMariya ngokuthi umama kaNkulunkulu nangokuthi uMkhulumeli Wesifazane phakathi kukaNkulunkulu nomuntu ‘abamazi uNkulunkulu.’ (Roma 1:28) Ngokufanelekile, “ukukhulekela uNkulunkulu ngokufanelekile kusho ukulahla imfundiso kaZiqu-zintathu.” Ihlombe lahlangabeza ukukhululwa kwencwajana enamakhasi angama-32 ethi: Czy wierzyć w Trójcę? (Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?) Yeka ithuluzi elihle lokudalula ukuba ngamanga kwalemfundiso edelela uNkulunkulu!
Izisulu zaseWarsaw Ghetto azizange zikhululwe. Kodwa isithembiso sikaNkulunkulu, njengoba sachazwa enkulumweni yeningi, siwukuthi “Ukukhululwa Kuseduze Kubantu Abanokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu!” (2 Petru 2:9) Lokhu kunjalo naphezu kokuba amaKristu eyizisulu zobudlova obuphindwe kabili—bohlobo lwansuku zonke nalolo oluqondiswa kuwo njengoshushiso. Isikhulumi, sifuna ukuba umuntu ngamunye azihlole, sagcizelela ukuthi “ukukhululwa kungokwalabo nje kuphela abanokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, abazinikele ngempela, labo ababonisa ukuthembeka kwabo ngokulalela.”
Ngemva kwesikhumbuzo sokugcina sokuba ‘Bavuthe Emoyeni,’ umhlangano waphetha ngenkulumo eshukumisayo eyayinesihloko esithi “Ukuziqeqesha Kwethu Okuqhubekayo Ngokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Kuyazuzisa.” Ababekhona emhlanganweni babe sebevula amaculo abo amasha esiPolish, ayefika nje esanda kunyatheliswa emasontweni ambalwa ngaphambili, futhi ngobunye benza “Umthandazo Wokubonga” ngengoma 45.
Kwalandela umthandazo wokuphetha owawushukumisa imizwa, kwase kuqubuka ihlombe elinjengokuduma kwezulu, eWarsaw, ePoznan, naseChorzów. EWarsaw ihlombe elinamandla elashaywa izandla ezingamashumi ezinkulungwane laduma elinye emva kwelinye imizuzu engaphezu kweyi-11. Akekho owayefuna ukuhamba, futhi ukuhalalisa ababekubonisa bemile, okwakubonisa injabulo yalesixuku esikhulu soFakazi, abaningi baso abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu ababekhona ngokokuqala emhlanganweni wezinsuku ezintathu, kwakubonisa ngokuphawulekayo ukubonga kwabo kuJehova nasenhlanganweni yakhe. Kwakunjengokungathi basabela kulokho iHubo 47:1, 2 elikushoyo: “Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.” Njengoba esinye sezenzakalo ezinhle kunazo zonke emlandweni wosuku lwanamuhla woFakazi BakaJehova sasisondela ekupheleni, labobazalwane abaqotho balungiselela ukubhekisa amabombo emakhaya, izinhliziyo zabo zichichima injabulo nokuzimisela ukuthuthukisa ubufakazi obuhle boMbuso ngokuvumelana nesibonelo sikaJesu esiyigugu sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Izincwadi Ezintsha Zishukumisela ‘Ezenzweni Zokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu’
Incwadi entsha ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? nencwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? zombili zabangela amazwi amaningi okwazisa. Omunye udade ubhala lokhu ngencwajana ethi UZiqu-zintathu: “Ngimangele, ngihlabeke umxhwele, futhi ingijabulisile. Ngiyabonga kakhulu ngesikhathi esiningi, amandla, nomsebenzi eniwenzile ninyathelisa lencwadi enhle.”
Omunye udade wabhala lokhu ngencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?: “Ngifuna ukunibonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngalencwadi entsha enhle kakhulu. Angazi, ingabe niyaqaphela nje ukuthi iwumsebenzi wobuciko kangakanani? Ngokuvamile ngidwebela amagama asemqoka. Kodwa ningehlulile ngoba igama ngalinye libalulekile. Ngisanda kuqeda isahluko 5, kodwa kuye kwadingeka ukuba ngibonge.”
[Ibhokisi ekhasini 30]
‘Isipho’ Sentsha ‘Esivela KuJehova’
Isici esivelele semihlangano eUnited States nakwamanye amazwe amaningi kwakuyisimiso sangoLwesihlanu ntambama, lapho intsha ephakathi kweminyaka eyi-10 neyi-19 icelwa ukuba ihlale engxenyeni eyayiyibekelwe. Ngemva kochungechunge lwezinkulumo ezikhethekile, ngamunye wanikezwa ikhophi yesihle yencwadi entsha ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Emhlabeni wonke, kwakhululwa amakhophi acishe abe yizi-8 840 000 ngezilimi ezingama-21, futhi kuye kwamukelwa amakhulu ezincwadi zokwazisa!
“Emihlanganweni edlule, kuye kwaba khona izinkulumo ezibekelwa intsha,” kubhala enye intombazane eyeve eshumini nambili, “kodwa umphumela wokusihlalisa sonke ndawonye wawungakholeki.” Omunye osemusha uyabhala: “Ngahlala engxenyeni yentsha. Lokhu kwangikhuthaza kangangokuthi, kusukela ngalesosikhathi, bengibhala amaphuzu emihlanganweni, ngitadisha ngokwengeziwe, futhi ngiphendula. Ngicabanga ukubhapathizwa ngehlobo elilandelayo.”
Ngentsha eningi, lokhu okuhlangenwe nakho kwakuyisenzakalo esiyingqopha-mlando. “Lapho isikhulumi simemezela ukuthi kwakufanele sihlale engxenyeni ekhethekile,” kukhumbula enye intombazane esentsha, “ngazi ukuthi kunento enkulu eyayizokwenzeka. Lapho bememezela ukukhululwa kwencwadi, ngazizwa ngijabule kangangokuthi ngangifuna ukukhala. Bengilokhu ngazi ukuthi niyasinakekela thina esisebasha, kodwa lokhu kwakujulisa enhliziyweni yami. Lencwadi iyilokho kanye ebesikudinga!”
“Ibhalwe kahle,” kusho osemusha okuthiwa uLeah, “futhi izithombe zingokoqobo zikwenza ucabange ngempela.” Amakhophi alencwadi ayesemhlanganweni ayequkethe isigijimi esifushane esivela eNdikimbeni Ebusayo esibhekiswe “Kubo Bonke OFakazi BakaJehova Abasebasha.” “Leyoncwajana ekhethekile yangithinta kakhulu,” kusho uAndreá. “Kimina kuzwakala sengathi othile uJehova amkhethele ukuba ahlale naye ezulwini ukhuluma nami ngokoqobo!”
Abaningi bakwazisa ukuthi leyoncwadi yanikezwa njengesipho. Omunye umzali uyakhumbula: “Ngakhala izinyembezi. Bafowethu, abahlanu baleyontsha babengabami, abaneminyaka esukela kweyi-11 kuya kweyi-16. Ngangingakwazi ukuthenga izincwadi ezimbili kuphela.” Omunye osemusha okuthiwa uMark uyabhala: “Ngaqala ukubala ukuthi kumelwe ukuba kwabiza malini ukunika osemusha ngamunye incwadi eyodwa, kodwa ngaqaphela ukuthi isiqondiso esingaphakathi sasibiza kakhulu. Uma lencwadi isiza osemusha oyedwa kuphela ophambukayo ukuba abuyele endleleni eyisa ekuphileni noma, okungcono kunalokho, isiza iningi lethu ukuba lihlale kuleyondlela, kwakuzifanele zonke lezozindleko.”
Intsha eningi yaqala ukuzuza kuleyoncwadi ngokushesha. “Ngaya emhlangaweni wethu ngoJuly 7-9,” kusho omunye osemusha, “futhi ngoMsombuluko, ngoJuly 10 ngase ngiyiqedile!” Omunye wathi: “Izahluko ezimbili zokugcina zangikhuthaza ngempela ukuba ngiqale ukuthatha ukuphila kwami ngokungathi sína ngokwengeziwe. Ngake ngalungiselela ukubhapathizwa kodwa ngabuye ngashintsha umqondo. Manje njengoba sengithole lencwadi emangalisayo, ngiyaqaphela ukuthi ‘lelizwe liyadlula’ nokuthi kudingeka ngithathe isinyathelo manje.”
Intombazane esentsha yabhala: “Ngenxa yokuthi izikhathi zishintshile, bengilokhu ngicabanga ukuthi abantu abadala abayazi indlela esizizwa ngayo. Anazi ukuthi ngijabule kanjani ukubona ukuthi benginephutha. Ukusinakekela kwenu kungenza ngizizwe ngibalulekile.” Elinye iqembu lentsha laseSweden labhala: “Sinomuzwa wokuthi niyasiqonda njengentsha, futhi sizizwa siseduze kakhulu nani.”
Omunye osemusha wakufingqa kahle lapho ethi: “Mina nomfowethu nodadewethu siyayithanda lencwadi. Sinomuzwa wokuthi iyisipho esivela kuJehova ngokuqondile.” Sithandazela njalo ukuthi lesisipho siqhubeke sisebenza ukuze kubusiswe intsha eyesaba uNkulunkulu.
[Ishadi ekhasini 29]
Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Kuyanda EYurophu!
Inani Eliphakeme Lababakhona Ababhapathizwa
Emhlanganweni Emhlanganweni
1979 1984 1989 1979 1984 1989
AUSTRIA 17 847 20 908 25 153 236 257 307
BELGIUM 23 185 28 456 30 622 234 248 429
BRITAIN 113 910 137 008 160 704 605 937 1 344
DENMARK 21 057 23 267 24 645 122 147 249
FINLAND 20 293 23 501 25 679 215 302 329
FRANCE 89 073 110 745 156 751 1 361 1 856 3 201
GERMANY 129 342 140 681 159 819 1 154 1 009 1 694
ITALY 117 163 169 328 240 041 2 515 3 769 6 295
LUXEMBOURG 1 141 1 327 3 131 8 12 61
NETHERLANDS 36 768 42 060 44 185 126 143 271
NORWAY 10 327 11 352 13 829 107 159 294
POLAND — 94 134a 166 518 — 3 140b 6 093
PORTUGAL 35 108 47 843 59 797 862 1 068 1 546
SPAIN 62 201 84 706 115 981 1 278 1 521 2 935
SWEDEN 21 286 25 204 30 943 279 323 410
SWITZERLAND 14 455 17 457 23 867 130 225 349
IZINGQIKITHI 713 156 977 977 1 281 665 9 232 15 116 25 807
[Imibhalo yaphansi]
a Amanani ka-1985
b Amanani ka-1985
[Isithombe ekhasini 26]
Ukukhululwa kwencwajana ethi ‘uZiqu-zintathu’ kwakuwumthombo wenjabulo eWarsaw
[Isithombe ekhasini 31]
OFakazi abasanda kuzinikezela eChorzów baphishekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngokubhapathizwa