Niyemukelwa Emihlanganweni Yesigodi ‘Yokuzinikela KuNkulunkulu’
YEKA isihloko esihle esinaso somhlangano wesigodi walonyaka: “Ukuzinikela KuNkulunkulu”! Futhi yeka isibonelo esihle sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu uJesu Kristu asibekela sona! Akumangalisi ukuthi umphostoli uPawulu waphefumlelwa ukuba abhale lokhu ngaye: “Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.”—1 Thimothewu 3:16.
Umhlangano wethu wesigodi uzosiqinisa ukuba sibe ngabantu abanokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kweqiniso, njengoba uJesu ayenjalo. Ngakho, okokuqala, sifuna ukuqiniseka ukuthi asivumeli lutho ukuba luphazamise ukudla kwethu lelidili elingokomoya. Ngakho-ke, masibe sezindaweni zethu zokuhlala ngoLwesihlanu ekuseni ngo–9:50 ukuze sijabulele umculo ngaleyondlela sibe sesimweni sengqondo esifanele ukuze sizuze ngokugcwele esimisweni esiyolandela. Isihloko esikhethelwe usuku lokuqala sithi “Ukukhonza UNkulunkulu Ofuna Ukuzinikela Okuphelele,” esisekelwe kuEksodusi 20:5. Inkulumo kasihlalo ifaneleka kakhulu: “Niyemukelwa, Nina-bantu Abazinikela Ngenxa Yokwesaba UNkulunkulu!” Ngosuku lokuqala siyokwakhiwa nangokomoya izinkulumo ezibonisa ukuthi kungani uNkulunkulu ephikelela efuna ukuzinikela kokumesaba nokuthi kungani kudingeka sifunde imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Futhi kuyoba nokwaziswa okuvusa amadlingozi ngokuthi ungubani uNkulunkulu weqiniso. Futhi, ngenxa yezinkinga intsha yethu ebhekene nazo, kuyoba nesigijimi esikhethekile esilungiselelwe yona.
Isihloko sangoMgqibelo sithi “Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Kusho Inzuzo Enkulu,” sisekelwe kweyoku-1 Thimothewu 6:6. Ekuseni, siyokwamukela isiyalo mayelana nokuthi yini ngempela edingekayo ukuze siphishekele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Futhi, yebo, kuyoba khona nenkulumo yobhapathizo elungiselelwe labo abalungele ukungenela inkambo yokuphila konke yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. NgoMgqibelo ntambama kuyogcizelelwa kithi isidingo sokuthembeka ‘encekwini ethembekileyo neqondayo,’ futhi siyobe sesifunda ukuthi singazibonakalisa kanjani izenzo zokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu emkhayeni.
Esithi “Lahla Ukungamesabi UNkulunkulu Uphile Ngokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu,” esicashunwe kuThithu 2:12, yisihloko sangeSonto. Ekuseni, siyokwamukela iseluleko esifike ngesikhathi esisixwayisa ‘ngomuntu ongenamthetho’ nangokuphambuka ezindabeni zokudla nokuphuza, ukuzilungisa, nokuzijabulisa. (2 Thesalonika 2:3) Lena iyolandelwa idrama yosuku lwanamuhla egcizelela ukubaluleka kokuzithoba kuNkulunkulu. Inkulumo yeningi ntambana iyokwethula izindaba ezinhle zokuthi ukukhululwa kuseduze kubantu abanokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Idili lethu elingokomoya liyophetha ngengxoxo ebonisa ukuthi “Ukuziqeqesha Kwethu Okuqhubekayo Ngokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Kuyazuzisa.”
Ngakho yiza ukulungele ukuhambisana nezikhulumi lapho zibhekisela emibhalweni ethile yeBhayibheli nokubhala phansi encwajaneni amaphuzu avelele ezinkulumo. Ukubhala amaphuzu kuwusizo olukhulu ekugxiliseni ingqondo nasekuzuzeni ngokugcwele kulokho umuntu akuzwayo. Futhi masingakhohlwa iqiniso lokuthi kudingeka umsebenzi omkhulu ukuze umhlangano uqhubeke ngokuphumelelayo nangokushelelayo nokuthi izandla eziningi zenza umsebenzi ube lula. Ngokuvuma ngokuzithandela ukusiza, siyozwa injabulo enkulu yokupha.—IzEnzo 20:35.
Ngakho sengathi ukuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu kungasiqhubezela ukuba size kulomhlangano wesigodi futhi kusishukumisele ukuba sizuze okuningi kuwo. Sengathi singahamba siqinisiwe futhi sizimisele ukuphila ukuphila kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngokugcwele ngokwengeziwe.