Wahlabeka Umxhwele
Lapho ehamba ngomzila ohamba ngaphansi komhlaba eNew York ngentwasahlobo edlule, owesifazane osemusha wayefunda incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Indoda eyayihleli eceleni kwakhe yayibona lencwadi, futhi njengoba ayephenya amakhasi, yahlatshwa umxhwele imifanekiso ekhangayo. Yathi: “Hawu, leyoncwadi ibonakala ithakazelisa ngempela!”
Owesifazane waphendula: “Yebo, kunjalo. Ichaza incwadi yeBhayibheli yesAmbulo, isahluko ngasinye.”
“Ngingayithola kanjani enye yazo?” kubuza lendoda.
“KoFakazi BakaJehova,” kuphendula owesifazane. Kodwa khona manjalo waqhubeka: “Uyazi ukuthini, lencwadi engiyiphethe yintsha, futhi ingu-$3 [R7,50] kuphela, ngakho ngingakunika yona.”
Ngokushesha yakhipha imali ephaketheni layo futhi yayithatha incwadi. Khona manjalo, isitimela sama, futhi kwadingeka ukuba isheshe yehle.
Lencwadi enoqwembe oluqinile ethakazelisayo, enamakhasi alingana nawalomagazini, ihlola ivesi ngalinye layo yonke incwadi yeBhayibheli yesAmbulo. Inikeza incazelo ecacile, enengqondo ngezilo, ngodrako, ngesifebe esikhulu, nangezinye izici ezingokomfanekiso zesAmbulo. Uyobona lokho ezikushoyo osukwini lwethu. Cela ukuba uyithunyelelwe namuhla.
Sizani ningithumelele incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! enamakhasi angama-320, iposi likhokhelwe. Ngifaka u-R7,50 (R.S.A.).