Umhlangano Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu”
UMPHOSTOLI uPawulu wabhala: ‘Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba . . . abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.’—2 Thimothewu 3:1-5.
Yeka ukuthi lamazwi aluchaza ngokunembe kangakanani uquqaba lwabantu abazisholo ukuthi bangamaKristu! Ngokomunye umfundisi, “namuhla amasonto amaningi kakhulu aseye aba . . . izikhungo zokuzijabulisa.” Ngokuphambene, abalandeli bakaKristu beqiniso bangabantu ‘abashisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14) Abalandeli bakaJesu ‘bawusawoti womhlaba’ ‘nokukhanya kwezwe.’—Mathewu 5:13, 14.
Imihlangano yethu yaminyaka yonke emikhulu, yesigodi, yesizwe, neyezizwe zonke, ingezinye izici zokukhulekela kwethu ezisenza sibe yingqayizivele. Sona kanye isihloko semihlangano yethu yesigodi ka-1989, esithi “Ukuzinikela KuNkulunkulu,” sibonisa imfanelo yethu yokukhulekela esenza sehluke.
ImiBhalo igcizelela ukubaluleka kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Lomhlangano uyoba elinye ithuba lokuba ‘sizijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu. Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.’ (1 Thimothewu 4:7, 8) Futhi eyoku-1 Thimothewu 6:6 iyaqhubeka ithi: “Ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kunenzuzo enkulu.” UJesu Kristu uyisona sibonelo sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.—1 Thimothewu 3:16.
Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” lithi eu·seʹbei·a. NgamaKristu “kuwuhlobo oluphakeme lokuzinikela kuNkulunkulu.” Ukuzinikela “kuwukwenza imisebenzi engokwenkolo ngobuqotho nangentshiseko.” Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuwukusabela kwenhliziyo okuyoshukumisela umuntu ukuba aphile ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. Kusho ukujwayelana noNkulunkulu. Yeka ukuthi kumelwe sinakekele kangakanani ukuthi njengoba sisezweni, singabi ingxenye yalo! Ukwesaba uNkulunkulu kuyosivimbela ekwenzeni okubi, kodwa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kusishukumisela ukuba senze lokho okumjabulisayo. Ngokukhuthazayo, kweyesi-2 Petru 2:9 siqinisekiswa ngokuthi “iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu.”
Ukuthola ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kudinga ukuthatha uNkulunkulu neZwi lakhe ngokungathi sina. Ukuze umuntu abonise ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, udinga ukumazi ngokuqondile uNkulunkulu bese enza ngokuvumelana nalololwazi. Kudinga ukusiqaphela isidingo somuntu siqu esingokomoya. Ngenxa yokubaluleka kokukubonisa kwethu ngobuqotho ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, siludinga lonke usizo esingaluthola. Imihlangano yethu yesigodi iyokwenza okuningi ukuze isinike lolosizo. Ngezinkulumo, imiboniso nezingxoxo, siyofundiswa indlela yokubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuzo zonke izindlela zokuphila.
Siyafuna ukuba ngamaKristu oqobo futhi kanjalo sibe ngabahlukile ezweni. Ngakho yiza kulemihlangano unenhliziyo evulekile yokudla okungokomoya. Kwenze kube umgomo wakho ukuba khona engomeni yokuvula ekuseni ngosuku lokuqala, futhi uhlale kuze kube ingoma yokuphetha nomthandazo ngentambama yokugcina. Gxilisa ukunakekela kwakho esiteji njengoba isimiso siqhubeka. Melana nesilingo noma ukuthambekela kokuvakasha phakathi nesimiso. Yiza uzilungiselele ukuthatha amaphuzu. Ngokusinakekela ngokucophelela isimiso, uyokuhlomela nangaphezulu ukubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuzo zonke izindlela zokuphila: ekhaya, ebandleni, nakubantu bangaphandle.