Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 10/1 k. 3
  • Ingabe Isihogo Siyashisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Isihogo Siyashisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwenzekeni Ngesihogo Somlilo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Iqiniso Ngesihogo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Obani Abaya Esihogweni?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 10/1 k. 3

Ingabe Isihogo Siyashisa?

“ENKATHINI ethile eminyakeni yawo-1960 isiHogo sanyamalala.” Washo kanjalo umlobi waseBrithani uDavid Lodge encwadini yakhe ethi Souls and Bodies, futhi amazwi akhe abonisa indlela yokucabanga yamaKatolika namaProthestani amaningi phakathi namashumi eminyaka alandela impi yezwe yesibili. Isikhathi esithile, amasonto amakhulu amaningi ngokwawo ayifiphaza imfundiso yawo engokomthetho yesihogo esivutha amalangabi emizamweni yawo yokuvumelana nezindlela zanamuhla zokucabanga.

Umqondo wokujeziswa ngemva kokufa wawungamukeleki kubantu ikakhulukazi ngenxa yokuthi umqondo wesono ngokwaso wawusufiphele ezingqondweni zabo. Lapho kuxoxwa naye ngo-1984, uKhadinali waseRome uRatzinger wathi: “Impucuko yethu . . . inaka izimo ezinciphisa ukungathi sína kwesono nezaba ngomzamo wokususa umuzwa wabantu wokuba necala, wokuba nesono . . . , yona kanye leyonto ukukholelwa esihogweni nasesiHlanzweni okuhlangene nayo.”

Ingabe kungenzeka namuhla ukuba kukholelwe ekubeni ngokoqobo kwesono ngaphandle kokwamukela imfundiso yokujeziswa ngemva kokufa esihlanzweni nasesihogweni? Incwadi yamuva nje, iAbrégé de la foi catholique (Ukholo LwamaKatolika Ngamafuphi), isingeniso sayo esabhalwa uKhadinali waseFrance uDecourtray, ibeka lombuzo ngokuqondile: “Ingabe kudingekile ukukholelwa esihogweni?” Impendulo: “Akunakwenzeka ukugwema umbuzo owesabisayo wesihogo.” Incwadi ethi Vatican Council II—More Postconciliar Documents (1982) icaphuna “Isivumo sokholo Sabantu BakaNkulunkulu” njengesithi: “Sikholelwa . . . [ukuthi] labo abaye basabela othandweni nasemseni kaNkulunkulu bayoya ekuphileni okuphakade. Labo abaye bakwenqaba kwaze kwaba sekugcineni bayosiwa emlilweni ongacinywa.”

Ngakho, naphezu kwayo yonke imizamo engokwenkolo yokufakazela okuphikisana naso, isihogo somlilo sisalokhu siyingxenye yemfundiso yamaKatolika engokomthetho. Nokho iNew Dictionary of Christian Theology (1983) ikhuluma ‘ngokudumazeka’ ‘nangokungajabuli’ lemfundiso yokulahlwa kwaphakade ekubangela amalungu amaningi amasonto eLobukholwa namuhla. Anenkinga ekuvumelaniseni lemfundiso nombono kaNkulunkulu wothando. Ayazibuza: ‘Ingabe ngempela isihogo esishisayo siyimfundiso yobuKristu nengokweBhayibheli? Uma kungenjalo, yavelaphi?’

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Bourges Cathedral, France

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela