Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ososayensi bathi ezinye izinkanyezi ziyasha noma ziqhume, pho, kungani uIsaya 40:26 ethi “ayisilali neyodwa [inkanyezi]”?
Lapha uJehova akaxoxi ngokuthi uyazivumela yini izinkanyezi ukuba zinyamalale noma cha. Ugcizelela izinga lokuhlakanipha kwakhe namandla.
ENkosini uHezekiya umprofethi uIsaya waphinda isixwayiso sikaNkulunkulu sokuthi abaseBabiloni babeyothumba amaJuda. (Isaya 39:5-7) Ingabe abaseBabiloni babeyokwazi ukugcina abantu bakaNkulunkulu phakade? Cha. UJehova akazange ahlose kuphela ukubakhulula ngemva kweminyaka engama-70 kodwa wayeyokwenza. Akukho okwakungathiya Lowo ‘ongalinganisa amanzi ngentende yesandla sakhe, alinganise izulu ngeminwe eyeluliweyo.’ Kwakungeke kudingeke abonisane nanoma ubani, ngoba kuye “izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni.” (Isaya 40:12-17) Ukuze agcizelele amandla akhe amangalisayo, uJehova wabhekisela ukunakekela emandleni akhe abonakala endalweni, lawo ayebonwa uHezekiya esikhathini esingaphambili. (Isaya 37:16, 17) UNkulunkulu wathi:
“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye? usho oNgcwele. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.”—Isaya 40:25, 26.
Ososayensi balinganisela ukuthi kunezinkulungwane zezigidi zezinkanyezi emthaleni wethu iMilky Way, nokuthi kunemithala eyizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu. Nokho, uNkulunkulu wazi inkanyezi ngayinye ngegama, ngegama layo ngayinye noma ngesiqu esinjengegama, mhlawumbe ngolimi lwaphezulu. Uyena oziyalayo ukuthi zime kanjani. Njengojenene okwazi ukubutha amabutho, uJehova wayengazibiza izinkanyezi ukuba zibuthane. Uma ayengenza kanjalo, akukho neyodwa ‘eyayingasilala.’ Njengoba azi ukuthi inkanyezi ngayinye imi kuphi, ngisho noma ezinye zazo ziphela ngokwemvelo, akummangalisi Lowo owazi konke okwenzekayo.—Qhathanisa noIsaya 34:16.
Izazi zezinkanyezi nezazi zesayensi yemvelo zicabanga ukuthi izinkanyezi ziyasha noma ziqhume. Kwethi Red Giants and White Dwarfs, uRobert Jastrow uchaza indlela lokhu okungenzeka ngayo: “Phakathi . . . kwenkanyezi kuqalisa uchungechunge lwemicikilisho yenuzi, lapho zonke ezinye izakhi zendawo yonke zakhiwa khona ngesakhi esiyinhloko, ihydrogen. Ekugcineni lemicikilisho yenuzi yaphela, futhi ukuphila kwenkanyezi kwafinyelela esiphethweni. Njengoba ingenazo izakhi zayo zamandla enuzi, yawa ngenxa yesisindo sayo siqu, futhi ngemva kokuwa kwayo kwavela ukuqhuma, izichitha emoyeni zonke izinto eziye zakheka phakathi kwenkanyezi phakathi nesikhathi sayo sokuphila.”
Kucatshangwa ukuthi ezinye izinkanyezi, njengoba ziqeda ihydrogen yazo, zishintsha zibe izimbulunga ezinkulu ezibomvu bese ziba izimbulungana ezimhlophe noma amasupernova, ezinye zigcine ngokuba izinkanyezi zeneutron noma, ngendlela okucatshangwa ngayo, amablack hole.
Nakuba izincazelo ezinjalo zamukelwa kabanzi, izwi eliwujuqu kungenzeka ukuthi alikazwiwa; kusengafundwa okwengeziwe. Ngokwesibonelo, cabangela amaphuzu avezwe kuyiNew York Times kaJanuary 24, 1989: “Ososayensi bakholelwa ukuthi basonqenqemeni lokuthola izinto ezinkulu ‘ngenkathi yobumnyama’ yendawo yonke, inkathi enzima kusukela emizuzwini emithathu ngemva kwesikhathi sokuqhuma kwendalo kuze kube sekuveleni kwemithala emikhulu kakhulu. . . . Njengoba kunobufakazi obuncane kangaka obuqondile, isiqalo sezinto siye sabakhungathekisa ngokuphelele ososayensi. UJames S. Trefil, isazi sesayensi yemvelo eYunivesithi iGeorge Mason eFairfax, eVa., siye sabhala: ‘Inkinga yokuchaza ukuba khona kwemithala iye yaba enye yezinzima kakhulu ezintweni eziphathelene nomkhathi. Ngendlela esibona ngayo, akumelwe ibe khona, kodwa ikhona.’”
Lesosihloko saxoxa ngalokho okungenzeka ukuthi kwenzeka phakathi ‘nemizuzu yokuqala emithathu’ njengoba kuchazwa uDkt. John Mather, isazi sesayensi yemvelo yokwakheka kwezinkanyezi. Nokho, siyafunda: “UDkt. Mather, ebona ukudideka okuqhubekayo kwalowo axoxa naye, waphazamisa ukulanda kwakhe ngombono wemvelo owamukelwa ngokuvamile ngokuba athi, ‘Yebo, siyakuqamba konke lokhu,’ esho ukuthi kuwukunwetshwa kwezincazelo ezisekelwe ekuqageleni.”
Yebo, ososayensi abangabantu balinganiselwe kakhulu uma kuziwa kulokho abakwazi ngempela nabangase bakwazi. Nokho, yeka ukuthi kuhluke kanjani ngoMdali. Ulwazi lwakhe namandla amakhulu ngokuqinisekile kukufanelekele ukuba simesabe. Umhubi washo ngokufanelekile ukuthi: “Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa. . . . Haleluya!”—IHubo 147:4, 5, 20.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
NASA photo