Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 8/15 kk. 28-30
  • Ukulondoloza Ubunye Bethu BobuKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulondoloza Ubunye Bethu BobuKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukudla Etafuleni Elifanayo
  • Ukungapheleli Nombono Oweqisayo
  • ‘Ungikhubekisile’
  • Ubunye Abusikho Ukufana
  • ‘Gcinani Umoya Wobunye’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • “UJehova Oyedwa” Ubutha Umkhaya Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ubunye Bobukristu Bukhazimulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Londolozani Ubunye Kulezi Zinsuku Zokugcina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 8/15 kk. 28-30

Ukulondoloza Ubunye Bethu BobuKristu

“CABANGA nje ubizwa ngokuthi mzalwane noma dade,” kwabhala umlobi ongumKatolika uDomenico Mosso, “ungabizwa umpristi, kodwa ubizwa umnumzane oseqinile oseceleni kwakho noma intombazane enhle esand’ ukufika ngakwesokudla sakho. ‘Angizwa?’ ‘Ngithi, sawubona mzalwane.’ ‘Ungakusho kanjani lokho . . . Angikwazi neze, ngakho-ke ungijwayele kanjani? Ngaphandle kwalokho, sisesontweni.’”

Umuzwa ongokoqobo wobuzalwane awukho ngempela emasontweni eLobukholwa. Lokhu kubonisa ukuntula kwabo ubunye bobuKristu. Nokho, akunjalo ngoFakazi BakaJehova. Njengabalandeli bakaJesu bakuqala, ngokukhululekile sibizana ngokuthi mzalwane nodade. (2 Petru 3:15) Kungakhathaliseki ukuthi siyaphi emhlabeni, ukwamukelwa kobuzalwane okufudumele kutholakala ngokushesha njengeHholo LoMbuso eliseduze kakhulu. Ubunye buyabonakaliswa futhi ngeqiniso lokuthi onke amabandla alandela indlela efanayo yokufundiswa nokuthi bonke oFakazi bahlanganyela ekushumayeleni ‘izindaba ezinhle zoMbuso.’—Mathewu 24:14, NW.

Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu Kristu wathandaza: ‘Ngicelela . . . nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe-munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe.’ (Johane 17:20, 21) Umbhalo weBhayibheli ubonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu wawuphendula umthandazo kaJesu. Phakathi kwamaKristu akuqala, ubutha obabunesikhathi eside phakathi kwamaJuda nabeZizwe baqedwa amandla ahlanganisayo ezimfundiso zikaKristu.—Galathiya 3:28.

Nokho, kwadinga umzamo ukuze kulondolozwe lobubunye. Umphostoli uPawulu wanxusa ayesebenza kanye nabo ‘ukuba bahambe ngokufanele ukubizwa [kwasezulwini] . . . bakhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.’ Kwakungamelwe bahlukane babe amahlelo ahlukahlukene. Cha, “munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo, munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke.” Abaphostoli, abelusi, nabafundisi ebandleni babelungiselelwe ukuze babasize ‘bonke bafinyelele ebunyeni bokukholwa.’—Efesu 4:1-6, 11-14.

OFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla baye balondoloza ‘lobunye’ ngokuphumelelayo. Nokho, izici ezihlukahlukene—umoya wokuzibusa, ukwahlukana kwamasiko nokwezinhlanga, ubuthakathaka obuhlukahlukene nokungapheleli kumaKristu esikanye nawo—kungasongela ‘ubunye bethu okholweni.’ Bungalondolozwa kanjani?

Ukudla Etafuleni Elifanayo

UJehova akakhanyiseli umKristu ngamunye. Kunalokho, uKristu wamisa isigaba ‘senceku ethembekileyo neqondayo’ ukuba silungiselele izincwadi zokufunda ezingokomBhalo neseluleko esifika ngesikhathi kumaKristu emhlabeni wonke. (Mathewu 24:45-47) Kanjalo INqabayokulinda ikhishwa ngezilimi eziyi-103 ukuze isize ekuhlangabezaneni nesidingo somhlaba wonke.

Ukudla etafuleni elifanayo elingokomoya kusize kakhulu ekuvezeni nasekulondolozeni ubunye bokholo. Nokho, ngezinye izikhathi esinye iseluleko singabonakala singasebenzi emazweni athile. Ingabe kumelwe sibe nomuzwa wokuthi asikudingi lokhu kwaziswa? Lutho neze. Ezinye zezixwayiso zikaPawulu kumaKristu ayehlala edolobheni laseKorinte elaliziphethe kabi, likhonza izithombe kungenzeka azizange zibonakale zisebenza ngokugcwele kumaKristu ayehlala emaphandleni. (1 Korinte 6:15, 16; 10:14) Kodwa, amaKristu kuyo yonke indawo ayebheka imibhalo kaPawulu njengengxenye ‘yemiBhalo.’—2 Petru 3:16, NW.

Ngokufanayo namuhla, ezinye izihloko zingabonakala zingenalusizo ezimweni zendawo njengoba ezinye zinjalo. Kodwa kusamelwe samukele isixwayiso sangaphambili, sazi ukuthi eminyakeni yethu yokuxhumana okusheshayo, ukuthambekela okubi okwaqala engxenyeni eyodwa yomhlaba kungasakazeka ngokushesha!

Ukungapheleli Nombono Oweqisayo

“Sonke siyakhubeka ngokuningi,” kwasho umfundi uJakobe. (Jakobe 3:2) Ngenxa yokungapheleli, abantu futhi bathambekele ekweqiseni. Lokhu kungase kungabonakali kuyinkinga uma abantu benemibono efanayo. Ngokwesibonelo, abantu ababili abangamanono ngokweqile bangahlalisana kahle. Kodwa uma omunye eyinuku futhi omunye eyinono bangaxabana njalo!

OFakazi BakaJehova bavela “kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Ngokomphumela, abantu ngabanye phakathi kwethu bangase babe nemiqondo ehlukene kakhulu ngezindaba ezinjengohlobo lokudla, ukugqoka, ukunakekela impilo, ngisho nomkhuba wokuziphatha kwabantu. Imibono enjalo engafani akudingeki ukuba yakhe umhosha phakathi kwethu. IBhayibheli liyasixwayisa ngokumelene nokweqisa futhi lisikhuthaza ukuba sisebenzele ukulinganisela nokuqonda. ‘Ukuhlakanipha okwaphezulu . . . kunokuthula, nokuva,’ kusho iBhayibheli.—Jakobe 3:17.

Yiqiniso, iBhayibheli lizisola ngokungagwegwesi izenzo ezithile. Kodwa, ngokuvamile limane lisikhuthaza ukuba sithathe inkambo ephakathi kwezinhlangothi ezimbili ezeqisayo. Cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngezihloko ezilandelayo:

Umsebenzi Wokuziphilisa: “Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima, nesidenge siyalamba.” (IzAga 19:15) “Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.”—Mathewu 6:24.

Ukukhuluma: “Obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.” (IzAga 10:19) “Konke kunesikhathi sakho, . . . isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.”—UmShumayeli 3:1, 7.

Ukuhlalisana Nabantu: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) “Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe.”—IzAga 25:17.

Ukukhulisa Ingane: “Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha. oyithandayo uyayilaya ngesineke.” (IzAga 13:24) “Ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.”—Kolose 3:21.

Lapho imibono yethu iba ngelinganiselayo ngokwengeziwe kunokuba yeqise, siba nezingxabano ezimbalwa namanye amaKristu. Kodwa kuthiwani uma ukungezwani kulokhu kuqhubeka ngenxa yokungapheleli? Khumbula amazwi kaPawulu asencwadini yabaseKolose 3:13: “Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye.”

‘Ungikhubekisile’

Nokho, abanye ebandleni, bangase bathande ukuthinteka ngokweqile, befuna izisusa ezimbi emazwini nasezenzweni eziqotho. Mhlawumbe lokhu kubangelwa isizinda sabo. Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, yeka ukuthi kudumaza kanjani uma labobantu abashesha ukuthinteka bezivumela ukuba baphathwe kabi izinto ezincane noma, ngokungaphezulu, baphazamise abanye ngendaba ethile ngokutshala izimbewu zokuqeda ubunye!

Yiqiniso, iBhayibheli liyakulahla ukuziphatha okungakhubekisa abanye abafundi. (Luka 17:1, 2) Futhi asebevuthiwe kumelwe bacabangele imizwa yamaKristu akanye nabo. Ngesikhathi esifanayo, iBhayibheli liseluleka ngokuqinile ngokumelene nokuthinteka ngokushesha ngokweqile nokukhulisa ukuthinteka ezingqondweni zethu. (UmShumayeli 7:9) Ngaphandle kwalokho, ukusakaza ukusola kubazalwane bethu ngokukuveza obala ukushiyeka komunye enye yezinto ‘uJehova azizondayo.’—IzAga 6:16-19.

Umoya kaJehova ungasisiza ukuba sinqobe ukushesha ukuthinteka. Kunokuba sinake kakhulu amaphutha abazalwane bethu, ngosizo lomoya, singacabanga ngokuqondile, imicabango eyakhayo. (Filipi 4:8) Lokhu kuthuthukisa ubunye.

Ubunye Abusikho Ukufana

Nokho, ubunye bomhlaba wonke abusho ukuqedwa kobuntu bomuntu noma ukuchitha ukuzikhethela kwakhe. Lapho izimiso zeBhayibheli zisebenza, siyakujabulela ukushiya izindlela zokucabanga kokuzibusa zalelizwe futhi samukele ukuhola komoya kaJehova. Nokho, ekufezeni umsebenzi wethu njengabashumayeli, kunamathuba amaningi okubonakalisa ubuntu bethu, yebo, nokucabanga. Yiqiniso, abazalwane bethu ngokuvamile basebenzisa ukuhlakanipha okukhulu ekuvumelaniseni izindlela zabo zokufakaza nezimo zendawo.

Ngakho-ke kunensimu ebanzi yomsebenzi lapho izimiso ezingokomBhalo zingadingeki khona ngokuqondile, kuhlanganise nemikhuba ethile yendawo. Esifundeni saseYurophu, ngokuvamile abantu bayaxhawulana. Ezingxenyeni zaseMpumalanga Ekude, bayakhothama. Konke kuyamukeleka kumaKristu. Noma cabangela ukugqoka nokuzilungisa. IBhayibheli linikeza izeluleko eziyisisekelo zesizotha nokulinganisela. Kulezozinto, singalandela lokho esikuthandayo thina, kulapho sibonisa “ukuba nengqondo.”—1 Thimothewu 2:9, 10, NW.

Khona-ke abadala baqaphela njalo ukuthi banikeza iseluleko ngesisekelo esiqinile seBhayibheli kunokunquma ngokuthandwa yibo. Yiqiniso, uma kuziwa ezindabeni ezingokomoya, bayohola ekuthuthukiseni ubunye beqiniso. Nathi singayifeza ingxenye yethu. Singaqhubeka ‘sizihlola, sibone ukuba sisekukholweni yini’ ngesifundo sasikhathi sonke seBhayibheli nezincwadi ‘zenceku ethembekileyo.’ (2 Korinte 13:5) Singalondoloza ubunye bethu ngemisebenzi ‘ngokulumemezela ngesibindi’ ukholo lwethu.—Heberu 13:15.

Ngalendlela siyolalela iseluleko esiphefumlelwe esithi: “Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.”—1 Korinte 1:10.

[Isithombe ekhasini 30]

Ukulondoloza ubuhlobo obuhle, ngisho nalapho umuntu enesisekelo sokuphatheka kabi, kubalulekile ebunyeni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela