Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 8/15 k. 31
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UZamcolo Awusilo Ihaba
  • Ukukhathalela Abampofu?
  • Izwe Elabhujiswa
    Ukusindela Emhlabeni Omusha
  • IVatican II—Iyisibusiso Noma Iyisiqalekiso?
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Isikhukhula Sosuku LukaNowa Samboza Wonke Umhlaba Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—I
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 8/15 k. 31

Ukuqondisisa Izindaba

UZamcolo Awusilo Ihaba

Ukulandisa okungokweBhayibheli kukazamcolo womhlaba wonke bekulokhu kugxekwa njengokusekelwe endabeni eqanjiwe kunaseqinisweni. INew Catholic Encyclopedia iyavuma: “Ngokuvamile kuyavunywa manje ukuthi isigigaba sikaNowa nomkhumbi asiyona indaba ewumbiko ongokomlando kodwa siyindaba ecatshangelwayo esezincwadini yolunye uhlobo oluhluke ngokuphelele.” Abanye abagxeki baye baphikisa ngokuthi wonke umswakama osemkhathini ubungabangela amasentimitha ambalwa nje kuphela emvula yomhlaba wonke.

Kodwa ngokwendaba ekuGenesise,umthombo wamanzi kazamcolo wawungewona nje umswakama osemkhathini. KuGenesise 1:6 sitshelwa ukuthi uMdali wamemezela: “Makubekhona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi [ezilwandle] namanzi [angaphezu komkhathi].” Ngokusobala amanzi agcinwa ngaphezu komkhathi ahlala lapho kwaze kwaba uZamcolo. Ngokukamphostoli uPetru, “amazulu” awumkhathi namanzi angaphezu kwawo nangaphansi kwawo ayeyindlela ‘okwalethwa ngayo uzamcolo ezweni [langesikhathi sikaNowa].’—2 Petru 3:5, 6; Genesise 1:7.

Imiphumela ebhubhisayo yezikhukhula zamanzi yezwiwa muva nje eNingizimu Afrika lapho uzamcolo ugadla isifunda saseNatali futhi uthatha ukuphila kwabantu abayizi-300. Ekhulumela lenhlekelele, uK. H. Cooper wezokuvikelwa kwezemvelo waphawula: “Ngokuvamile bengizibuza ukuthi yini ebingenzeka kulolusuku nakulenkathi uma imvula ibingana izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40 inganqamuki. . . . Ingabe leyomvula ibingakhukhula yonke into ephilayo emhlabeni? Ngemva kokubona lokho okwenzeke muva nje ngemva kokuna kwemvula izinsuku ezine eNatali,” uCooper waqhubeka, “manje ngiyaqiniseka ngokuba yiqiniso kwendaba eseTestamenteni Elidala.”

Ukukhathalela Abampofu?

Lingavalwa kanjani igebe elihlukanisa abantu abampofu nabacebile? Lena indaba eyacatshangelwa uPapa John Paul II encwadini yakhe ephuma njalo yamuva enesihloko esithi Sollicitudo rei socialis (Ukukhathalela Ezenhlalo). Upapa waveza ukuthi isonto kufanele lizizwe libophekile ukuba linciphise usizi lwalabo abahluphekayo. Kanjani? Ebona abantu abaswele, umuntu akanakukwazi ukungabanaki ekhetha ukuba kube nezinto eziningi ngokweqile zokuhlobisa isonto nezimpahla ezibizayo zokukhulekela uNkulunkulu; ngokuphambene kungaba okubophayo ukudayisa lezizinto ukuze kulungiselelwe ukudla, iziphuzo, izinto zokwembatha nendawo yokuhlala kwalabo abantula lezizinto.”

Nokho, ephawula encwadini ephuma njalo kapapa, uchwepheshe waseVatican uDomenico Del Rio waphawula kuLa Repubblica: “Kusobala ukuthi abantu manje bazolindela ukubona . . . upapa ngokwakhe, nalabo abamzungezile, bebeka isibonelo. Isakhiwo sesonto saseVatican kanye nezakhiwo zamasonto zaseRoma zigcwele ‘izimpahla ezibizayo,’ mhlawumbe futhi ‘izinto zokuhlobisa isonto eziningi ngokweqile.’” Nokho, ngokukamagazini iFortune, “Izikhulu zaseVatican ziyawenqaba umqondo wokudela lezozinto ngisho nento engangesitsha saseGrisi sokuhlobisa ukuze bathole imali.”

Lapho uJesu eyala umbusi ocebile ukuba’adayise konke anakho futhi abele abampofu imali,’ leyondoda yangathandi ukwenza kanjalo. “Yadabuka, ngokuba yayinengcebo enkulu.” Ngokufanelekile, uJesu waxwayisa: “Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba-khona lapho.”—Marku 10:21, 22; Mathewu 6:21.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela