Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UJehova Ubusisa Abagcini Bobuqotho ECyprus
UJESU wathi kubalandeli bakhe: “Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:20) Futhi uJehova, ngomprofethi uIsaya, wathi: “Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela.” (Isaya 54:17) Zombili lezinkulumo ziye zabonakala ziyiqiniso eCyprus, lapho oFakazi BakaJehova abagcina ubuqotho bematasa beshumayela izindaba ezinhle.
◻ “ISonto lamaGreki lobuOrthodox belishabasheka kakhulu lizama ukukhubaza umsebenzi wethu,” kusho umbiko ovela kulelozwe. “Abapristi basakaza amapheshana asisola ngezinto eziningi natshela abantu ukuba bagweme izingxoxo noFakazi BakaJehova. Bavakashela ngisho nabantu abatadisha iBhayibheli noFakazi bezama ukubadumaza. EPaphos, umpristi oyisazi senkolo wazama ukubonisa abantu abathathu abahlukene ukuba bayeke ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngezikhathi ezingafani, ngamunye wabathathu, wamema umzalwane ukuba axoxe nalesisazi senkolo. Ngokujabulisayo, manje bobathathu bahlanganyela ngenkuthalo nenhlangano kaJehova.” Yebo, lokhu kwamcunula umpristi owathi: “Angisayikuphinde ngixoxe noFakazi BakaJehova.” Abanye abapristi baze ngisho bashaya abanye babazalwane lapho bematasa enkonzweni. Nokho, ngokuvamile imizamo yabefundisi iba ukuzigwaza ngowabo, futhi manje abantu abengeziwe bamelela uJehova.
◻ Okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eCyprus kubonisa ukuthi ukugcina ubuqotho ngaphansi kokuphikiswa kuletha izibusiso. Umyeni wowesifazane othile wabulawa phakathi nempi ka-1974, emshiya nentombazane encane okwakumelwe ayikhulise. Lowesifazane wabuye washada. Esangululwe ubuzenzisi babefundisi nokungaqiniseki ngekusasa, wavuma ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wathuthuka ngokushesha futhi waqala ukutshela izihlobo zakhe ngezinto ezinhle ayezifunda. Ukuphikiswa kwaqala. Uvivinyo olukhulu lwafika lapho indodakazi yakhe eneminyaka eyi-15 ithi: “Ngiye ngalahlekelwa ngubaba, futhi uma ungayeki ukutadisha noFakazi BakaJehova, ngizokuphika ukuthi ungumama. Ngizoba intandane.” Nokho, owesifazane waqhubeka efunda.
Ngolunye usuku lentombazane yavakashela umngane wayo esibhedlela. Embhedeni wasesibhedlela oseduze kwalowo, uFakazi wayezobona isihlobo sakhe lapho ngesikhathi esifanayo umpristi wayezobona sona lesosiguli. Ingxoxo yaqala phakathi komzalwane nompristi. Umzalwane wayezothile futhi enekhono, esebenzisa iBhayibheli ukuba achaze isimo sakhe. Ngakolunye uhlangothi, umpristi, wayenonya. Waphakamisa izwi, kodwa akalivulanga nakanye iBhayibheli. Lentombazane yasibuka lesenzakalo futhi yahlatshwa umxhwele umusa womzalwane neqiniso lokuthi wayesebenzisa iBhayibheli. Ngabo lobobusuku, lapho umzalwane nomkakhe bevakashela unina ukuba batadishe iBhayibheli, lentombazane yachaza lokho okwakwenzeke esibhedlela futhi yababuza: “Ingabe ningangifundela nami?” Manje lentombazane isifunda kabili ngesonto, futhi umyeni wayo naye uyafundelwa. Unina ungummemezeli obhapathiziwe.
Ngempela, uJehova ubusisa izinceku zakhe ezigcina ubuqotho eCyprus!
[Isithombe ekhasini 7]
Umphostoli uPawulu naye wahlangabezana nokuphikiswa ePaphos