Incwadi Yemvelo NeBhayibheli
“Indawo yonke iyangidida! Anginakucabanga ukuthi ‘iwashi’ elinje lingaba khona ngaphandle kokuba khona koMenzi walo.”—UVoltaire, isazi sefilosofi saseFrance sekhulu le-18.
IWASHI elinembayo lishukumisa ukwazisa ngekhono nangesiphiwo somenzi walo. Kodwa kuthiwani ngendawo yonke esizungezile? Ingabe lokho kungembula, okungenani ngezinga elithile, ubuntu boMdali wayo?
Cishe eminyakeni eyizi-2 000 edlule, umphostoli uPawulu, omunye wabalobi beBhayibheli, wanikeza impendulo yalombuzo: “Ngokuba okungabonwayo [kukaNkulunkulu], kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Ngakho, singafundani ngokuqaphela lencwadi yemvelo?
Lokho Iwashi Elisifundisa Khona Ngomenzi Walo
Impophoma enhle, ulwandle ngesikhathi sesiphepho, isibhakabhaka sasebusuku esicwebile esigcwele izinkulungwane zezinkanyezi—lezi ezinye zezinto ezisenza sicabange ngoMdali onamandla. Ukushaya emhloleni kokuzungeza konozungezilanga kungasikhumbuza nathi, njengoba kwakhumbuza uVoltaire, ukuthi uMdali kumelwe kube uMhleli oMuhle, uMenzi wewashi oyiNgcweti.—IHubo 104:1.
Imikhiqizo yomhlaba enhlobonhlobo—izithelo nemifino esiyithola ngobuningi—nayo inikeza ubufakazi bokuphana kukaNkulunkulu. UPawulu wakuqinisekisa lokhu lapho ethi uNkulunkulu “akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”—IzEnzo 14:17.
Lokho Iwashi Elingasitsheli Khona
Ukuhlolwa okuqhubekayo kwencwadi yemvelo bekuyosifundisa nangezinye izimfanelo zikaNkulunkulu. Kodwa uma sincika kulokho esikufunda endalweni kuphela, ulwazi lwethu ngoNkulunkulu luyohlala njalo lulinganiselwe. Umlobi waseFrance uRobert Lenoble uyakuchaza lokhu encwadini yakhe ethi Esquisse d’une histoire de l’idée de Nature, (Umlando Ofushanisiwe Womqondo Wemvelo): “Umuntu uyolokhu ephendulela ukunakekela kwakhe eNdalweni ukuze aqonde okungaqondakali kwayo futhi athole imfihlo yayo, imfihlo engeke iphumele ngaphandle kwendlu abesayensi abasebenzela kuyo.” Abantu baseFrance abangaphezu kwengxenye iphephandaba iLa Croix elaxoxa nabo—kungakhathaliseki ukuthi babengamakholwa noma babengakholelwa kuNkulunkulu—bavumelana nalokhu futhi bayavuma ukuthi “isayensi ayisoze yakwazi ukunikeza incazelo eyanele yendawo yonke, njengoba izinto eziningi zingezemfundo yefilosofi noma yenkolo.”
Cishe eminyakeni eyizi-3 500 edlule, uJobe othembekile wafinyelela esiphethweni esifanayo. Waphakamisa umbuzo: “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi? Iphi indawo yokuqonda na?” Ingabe lokhu kuhlakanipha kutholakala encwadini yemvelo? “Utwa luthi: Akukho kimi; ulwandle luthi: Akukho kimi. Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe ezinyonini zezulu.”—Jobe 28:12, 14, 21.
Khona-ke, kumelwe siyephi ukuze sithole lokhu kuhlakanipha? Leyoncwadi efanayo iyaphendula: “UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho; yena uyazi indawo yakho.” (Jobe 28:23) Futhi uNkulunkulu uye wahlanganyela ukuhlakanipha kwakhe nesintu ngendlela emangalisayo ngeZwi lakhe, iBhayibheli.
Ulwazi Oluyingqayizivele Oluvela EBhayibhelini
IBhayibheli lisinikeza ukuqonda okuyingqayizivele ngendabuko yesintu. Lisitshela ukuthi uNkulunkulu walungisa umhlaba futhi wayesebeka khona umbhangqwana wokuqala wesintu. Abazali bethu bokuqala babeyophila phakade endaweni ephelele. Kodwa bahlubuka, futhi ngesono sabo bavulela bonke ububi—kuhlanganise isono nokufa okuye kwahlupha isintu.—Genesise, izahluko 1 kuya kwesesi-3; Roma 5:12-21.
IBhayibheli lisitshela futhi ngokuningiliziwe ngezinyathelo ezathathwa uNkulunkulu ukuba alungise isimo. Eminyakeni eyizinkulungwane ngemva kuka-Adamu noEva, iNdodana yakhe siqu uNkulunkulu, uJesu, yeza emhlabeni ukuzonikeza isintu ithuba lokubuyisana noNkulunkulu. Ngakho-ke uKristu wanikeza isintu esasizoba nokholo kuye nesasizoqaphela inani lomhlatshelo wakhe ithemba lokuphila okuphakade emhlabeni ozoguqulwa ube yipharadesi.—Luka 23:43; Johane 3:16.
Lelithemba linikezwa umuntu ngamunye wethu. Ukuze siliqaphele kumelwe sizuze ‘ulwazi oluqondile ngokuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nalowo amthumile, uJesu Kristu.’ Kumelwe futhi siphile ngokuvumelana nalelothemba. Lolulwazi oluqondile lutholakala eBhayibhelini.—Johane 17:3; Jakobe 2:24-26.
Ubungathanda yini ukuthola impendulo eningiliziwe yemibuzo efana nethi, Umuntu wavelaphi? Yini eyenzekayo ngemva kokufa? Izinkinga zesintu zibangelwa yini? Ingabe likhona ithemba lokuthi ngolunye usuku ziyoxazululwa? UNkulunkulu uzosilethela nini futhi kanjani isintu izimo eziphelele? Uma kunjalo, sikukhuthaza ukuba ubheke eBhayibhelini, okuwukuphela kwencwadi ezokunikeza izimpendulo ezivela kuNkulunkulu wendawo yonke nencwadi okuwuphela kwayo equkethe ‘ithemba lokuphila okuphakade.’ Injongo yezincwadi zeWatchtower Society ukukusiza ukuba uthole lezimpendulo eBhayibhelini lakho.—Thithu 1:1, 2.
[Isithombe ekhasini 5]
Indawo yonke yembula izici zobuntu bukaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 6]
IBhayibheli kuphela elingasitshela ngezinjongo zikaNkulunkulu ngomuntu nangomhlaba