Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 10/1 kk. 3-4
  • Iwusizo Kangakanani Inkolo Yanamuhla?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iwusizo Kangakanani Inkolo Yanamuhla?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiqondiso Esiwusizo Siyantuleka
  • Umsebenzi Usengozini
  • Ukwehlukana Okuphazamisayo
  • Ingabe Ungayithola Inkolo Okuyiyo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Inkolo—Isiza Ngani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukubhekisisa Inkolo
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 10/1 kk. 3-4

Iwusizo Kangakanani Inkolo Yanamuhla?

“NGALAHLA iBhayibheli endlini engenamuntu lapho ngiya ekamelweni lami. Ngangicabanga ukuthi angisayophinde ngilicoshe noma ngisonte kwelinye isonto. Ngangiye ngafuna cishe iminyaka eyisithupha. Nokho angitholanga lusizo.”

URonald, umsebenzisi wamacomputer oneminyaka engama-26 ubudala, wayedlule ebunzimeni obuthile futhi esaba ukuthi ukuphila kwakhe kwakuyowohloka. Inkolo yabonakala ingelusizo lwalutho kuye. Wathi, “Ngiqedile ngayo.”

NjengoRonald, abantu abaningi ibadumazile inkolo. Kuthiwani ngawe? Ingabe ucabanga ukuthi inkolo iye yabanika abantu usizo olungokoqobo nesiqondiso ukuze babe izisebenzi ezikanye nawe ezingcono, omakhelwane, amadoda, abafazi, abazali, noma abantwana? Ingabe inkolo iye yaba amandla okuthula nobunye phakathi kwabantu? Ingabe ibasizile ukuba baqonde injongo yokuphila? Ingabe iye yagxilisa ezingqondweni zabo nasezinhliziyweni ithemba eliqinisekile lekusasa?

Isiqondiso Esiwusizo Siyantuleka

Kulelizwe elinzima, abantu badinga isiqondiso esihlakaniphile nesicacile. Ingabe bangakulindela lokhu kubaholi ezintweni ezingokomoya? Encwadini eyayiya kumhleli kamagazini, owesifazane wakhonona:

“Esikuzwayo nje kuphela manje esontweni lethu . . . osekunesikhathi eside manje uthando, uthando, uthando. . . . Kwenzekeni emagameni athi ‘Unga-’—Ungabulali. Ungebi,’ nakho konke okunye? Sidinga ukukhunjuzwa ngazo zonke izikhathi ukuthi ezinye izinto zingoQha bo qha bo. . . . Kodwa asisalizwa ngisho negama elithi ‘iSono.’ Kunjengokungathi bayaligwema njengokungathi liyigama elinezinhlamvu ezine elingcolile.”

Ngokusobala, abanye banomuzwa wokuthi abeluleki babo bezenkolo baye baba ngabayekelela kakhulu, abavumela noma yini. Abaholi abanjalo bezinto ezingokomoya bayantengantenga. Banjengodokotela abahlola inkinga yesiguli sakhe ngokugcina icala futhi asinikeze umuthi oxutshiwe. Ziyini ezinye zezizathu zokwehluleka okunjalo?

Umsebenzi Usengozini

Umuntu osindwa yizinkinga zakhe siqu ngeke akwazi ukuchitha isikhathi esiningi nomzamo esiza abanye. Umbiko wemithombo yezindaba ubonisa ukuthi inani elandayo labefundisi lisindwa yizinkinga zemisebenzi yabo nezabo siqu. Nazi ezinye izibonelo:

“Nakuba ukucindezeleka nokukhathala kuvamile emisebenzini eminingi namuhla, akukho lapho kukubi ngokwengeziwe khona kunaphakathi kwabefundisi bamaJuda,” kusho isazi sengqondo sasemthola-mpilo uDr. Leslie R. Freedman ngemva kokufunda iminyaka emine eyunivesithi ngabefundisi bamaJuda.

“Ukuba nganginendodana, ingabe ngangiyofuna ukuba ibe umpristi? Ngokudabukisayo, impendulo yami kumelwe ibe ucha,” kuphika umpristi, uWilliam Wells, embikweni ngezinkinga zabefundisi. Kungani? Uthi akanakuyikhuthaza insizwa ukuba icabangele umsebenzi okhathazwa kakhulu “ingxabano, isiphithiphithi, nokungaqiniseki njengoba ubupristi bamaRoma Katolika bunjalo namuhla.”

Abapristi esontweni lamaLuthela laseSweden elisekelwa uHulumeni nabo basenkingeni. Iphephandaba laseSweden lansuku zonke lithi: “Abapristi banezinkinga zengqondo, lezo okuthi uma zizimbi kakhulu ziholele ekuzibulaleni. . . . Umsebenzi wabefundisi usengozini.”

Ukwehlukana Okuphazamisayo

Kulawomazwe lapho abaholi benkolo behileleke khona ezimpini ezikhathazayo nezihlukanisayo, bayaphambukiswa ekubeni banikeze ukunakekela okufanelekile ezidingweni zabantu ezingokomoya. Futhi kumelwe bahlanganyele umthwalo wemfanelo ngokulahleka kwezisebenzi nemali leyo ebingasetshenziselwa inhlala-kahle yabantu engokwezinto ezibonakalayo.

Kuzo zonke izingxenye zomhlaba kunalabo abaye balahlekelwa ukuthembela kwabo enkolweni futhi baba nomqondo ophambene ngokwenkolo. Ukulahlekelwa amalungu nokwehla kwabantu abasontayo kuyabikwa ezindaweni ezinjengeSweden, Finland, iJalimane, iBrithani, i-Italy, iCanada, neUnited States.

Ingabe uphakathi kwabantu, njengoRonald, abacabanga ukuthi baqedile ngenkolo? Nokho, kungenzeka yini ukuthi ikhona inkolo eye yabonakala iwusizo kwabaningi? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokhu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela