‘Izosha Ezithoba Inhliziyo’
Ngokuqinisekile, lezi zifiseleka kakhulu kulezikhathi eziphuthumayo. Ngalokhu, umama osemusha waseJapane wabhala ngokuphathelene nemihlangano yoFakazi BakaJehova:
“Lapho ngiqala ukuya eHholo LoMbuso futhi ngizwa izingoma zokudumisa, ngacabanga, ‘Yeka umculo omnandi, . . . izosha ezithoba inhliziyo!’ . . . Ngase nginesikhathi esithile ngizibuza ukuthi akhona yini amakhasethi noma amarekhodi alezingoma zokudumisa. Uma ekhona, ngingathanda ukuwathenga. . . . Ngibheka izingoma zokudumisa njengezilunge kakhulu. Ukuba besinamakhasethi, bengizowalalela lapho ngenza imisebenzi yami yasendlini nalapho ngidlalisa umntwana wami, futhi lokho bekuzoba kuhle kakhulu.”
Siyajabula ukusho ukuthi amakhasethi anjalo ayatholakala. Ialbhamu enhle enesihloko esithi “Sing Praises to Jehovah,” enamakhasethi ayisishiyagalombili omculo omnandi wopiyano, iyatholakala ngo-R40 kuphela. Ungathola ialbhamu yakho ngokugcwalisa nokuthumela isigqebhezana esingezansi, kanye nemali.
Sizani ningithumelele ialbhamu ethi “Sing Praises to Jehovah” enamakhasethi omculo ayisishiyagalombili. Ngifaka u-R40.