Ingabe Ungayithola Inkolo Okuyiyo?
URONALD—okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulelayo—wacabanga ukuba ayeke ukufuna kwakhe inkolo eyayizomnikeza usizo lwangempela nesiqondiso. Kodwa wanquma ukuzinikeza ithuba lokugcina. Wathi: “Uma wayekhona ngempela uNkulunkulu, ngangifuna ukuba azi ukuthi ngangimfuna ngobuqotho.” Ngakho ngobunye ubusuku uRonald wathandaza: “Uma ngempela unguNkulunkulu onothando, ngithole ngoba sengineminyaka eminingi ngikufuna futhi ngingatholi lutho.”
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva emsebenzini, uRonald wabelwa ukuba asebenze ishifu nomunye woFakazi BakaJehova. Waqala ukubuza lodade imibuzo ngeBhayibheli. Izimpendulo zashukumisa isifiso sakhe sokufuna ukwazi. Ngokushesha waqala ukutadisha iBhayibheli njalo. Futhi waya emihlanganweni yebandla yoFakazi BakaJehova.
Ezinyangeni eziyisithupha kamuva uRonald wayeseqiniseka ngokuthi wayeyitholile inkolo eyamnikeza isisusa sokulungisa ukuphila kwakhe ngendlela engokoqobo kakhulu. Ngemva kweminyaka emithathu yokuhlanganyela noFakazi BakaJehova, wachaza encwadini eyayiya kumagazini INqabayokulinda ezinye zezinzuzo ayeye wazithola kulokhu kuhlangana nabo.
Ukuqedwa ‘Komoya Wokubulala’
URonald uyabhala: “Inzuzo yokuqala ekufundeni iqiniso [imfundiso yeBhayibheli] kwakuwukukwazi kangcono ukulawula intukuthelo yami. Esikhathini eside ngangihileleke ekuzilolongeleni ukulwa. . . . Ngangiziqeqesha amahora ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili ngosuku, futhi kwakuhlale kufakwa kimi ukuba ngibe nomoya wokubulala.”
Ukulwa nokubulala akuzona izindlela eziphumelelayo zokuxazulula ukungezwani nomuntu okanye naye. Ngakho-ke, inkolo ewusizo ithonyela ekuthuleni. IBhayibheli kwabaseRoma 12:18 lithi: “Hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.” OFakazi BakaJehova abayiqeqesheli ukulwa imizimba yabo, futhi abafuni ukuzivikela ngokufunda ukuphatha izibhamu. Baziwa emhlabeni wonke ngokuma kwabo okunokuthula, kokungathathi-hlangothi ngesikhathi sempi.
Lapho indelakazi engumRoma Katolika ibona usizo noma amandla enkolo enjalo, yabhala kumagazini wesonto laseItaly: “Yeka indlela izwe ebelizohluka ngayo uma sonke ngolunye usuku besiyovuka ekuseni sesinqume ngokuqinile ukuba singaphinde sithathe izikhali, . . . njengoFakazi BakaJehova!”
Lesimo sengqondo esinokuthula phakathi koFakazi siye saba nengxenye ekubunjweni kobuzalwane bomhlaba wonke babantu abangaphezu kwezigidi ezintathu emazweni angama-208. Baphathana njengabangane beqiniso, kungakhathaliseki ubuzwe babo, uhlanga, noma ezenhlalo. Lokhu kuwusizo kakhulu ezweni elinenzondo, ikakhulukazi lapho kudingeka usizo. UEva, owesifazane osemusha waseSweden ongomunye woFakazi BakaJehova, wathola okuhlangenwe nakho kwalokhu.
Lapho evakashele eGrisi, uEva wangenwa isifo solwebu lobuchopho (meningitis). Elahlekelwe yingqondo, futhi igazi lakhe ligcwele ubuthi futhi ophela ngaphakathi, waphuthunyiswa esibhedlela saseAthens, lapho ayengazi muntu khona. Uyise owayeseSweden waziswa ngocingo. Washayela umdala webandla lendawo loFakazi BakaJehova ucingo. Lomdala washayela oFakazi abaziyo eAthens ucingo. Ngokushesha uEva wavakashelwa akholwa kanye nabo abangamaGreki ayengakaze ahlangane nabo ngaphambili.
Lokhu kusikhumbuza umfanekiso owasetshenziswa umphostoli uPawulu, ebonisa indlela ubunye nozwela okuhambisana ngayo. Kweyoku-1 Korinte 12:25, 26 wathi: “Kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso.”
Lokhu yikho uEva athola okuhlangenwe nakho kwakho eGrisi. Cishe esikhathini esingamasonto amathathu abangane bakhe abasha abazange bamshiye engenamuntu omvakashelayo. Walulama futhi wabuyela kubo. Uthi: “Ngazithola ngempela izinzuzo zobuzalwane obunothando.”
Ukungafisi ‘Leyomali Engaphezulu’
Masibuyele emuva encwadini kaRonald. Ngemva kokulandisa indlela inkolelo yakhe entsha eyamsiza ngayo ukuba alawule intukuthelo yakhe, ayeke ‘lowomoya wokubulala,’ futhi abe nokuthula ngokwengeziwe, uthi imfundiso yeBhayibheli yamnikeza umbono olinganiselwe ngomsebenzi nemali. URonald uthi, “ngangiyisazi samacomputer esihamba phambili kumqashi wami, futhi ngangivame ukungabi nomkhaya wami nabangane ukuze nje ngisebenze isikhathi eseqile. Ngasebenza ebusuku iminyaka engaphezu kweyisikhombisa. Ngaso sonke isikhathi ngangifuna lelodollar elingaphezulu.”
Isifiso esinjalo ‘saleyomali engaphezulu,’ kamuva, singalimaza, silimaze ngokubulalayo. “Kwabanye, imali isho ukulondeka. Kwabanye, isho amandla. Kwabanye isho ukuthi bazokwazi ukuthenga uthando, futhi eqenjini lesine isho umncintiswano nokuphumelela emdlalweni,” kusho isazi sengqondo uJay Rohrlich, onamakhasimende amaningi angosozimali asesifundeni saseWall Street eNew York.
Uphawula ngalokhu, umbiko kumagazini iScience Digest uthi: “Inkolelo yokuthi imali ingaveza lezizinto . . . ngokuvamile iholela ekuphelelweni amandla, ukuqwasha, izifo zenhliziyo nezinkinga nomngane womshado noma abantwana.” Nasi iseluleko seBhayibheli: “Ukwenza kwenu makungabi-ngokokufisa imali.” URonald wakwazi lokho futhi wakusebenzisa. Wakuthola kuzuzisa kakhulu.—Heberu 13:5.
Umbono Ofanele Ngomsebenzi
Isifiso semali ngokuvamile sibangela abantu ukuba bafune ukuchuma ngomsebenzi noma kunzima. Lokhu kungabangela abantu abaphile kahle ukucindezeleka okukhulu nokuphazamiseka ngokwemizwelo—kuze kube ngisho nasephuzwini lokuzibulala. “Enye indoda, eyafika emsebenzini ngelinye ilanga yathola ideski layo lisusiwe, yakhwela phezu kwesakhiwo esiphakeme yayisiziphonsa phansi.” UDr. Douglas LaBier washo lokhu engxoxweni ephathelene nokuxhumana phakathi kwemisebenzi nezinkinga ezingokomzwelo kuyiU.S.News & World Report.
UDr. LaBier uthi, “Okudingekayo, ukuphila okuthuthuke ngokwengeziwe, okungagxilisiwe kakhulu emsebenzini. Ngaphezu kwezinto ezinjengokudla okwanele, ukuphumula nokunyakazisa umzimba, abantu abafuna ukuphila okulinganiselwe ngokwengeziwe badinga ukucabanga ngokwenza okwengeziwe ngemikhaya yabo futhi babe namakhono angadingi umsebenzi abanikeza injabulo.”
OFakazi BakaJehova bafunda eBhayibhelini ukuba ngabalinganiselayo ngomsebenzi nangemali. UmShumayeli 4:4, 6 ukhuluma ngomsebenzi onzima ohilela “umhawu womuntu ngomakhelwane wakhe” futhi uthi: “Kungcono ukhweshe lokuthula kunezandla zombili zigcwele umshikashika kanye nokufuna umoya.” URonald wakuthola lokhu kuwukuhlakanipha okuwusizo. Wanciphisa umsebenzi wakhe wokuziphilisa ukuze abe nesikhathi esengeziwe sezithakazelo zakhe ezingokomoya nezomkhaya wakhe nabangane.
Ukuphila Komkhaya Okuthokozisa Ngokwengeziwe
Khona-ke encwadini yakhe uRonald uthi iseluleko seBhayibheli ngomshado nokuphila komkhaya siye samsiza ukuba abhekane ngokuhlakanipha ngokwengeziwe nezimo zomkhaya. Lokhu kudingekile manje lapho ukuphila komkhaya kubonakala kunhlanhlatha ezindaweni eziningi. Amazwe anezimboni abika amanani emishado ambalwa, amadivosi engeziwe, nokwehla kwesibalo sezingane ezizalwayo.
Lokhu kuyathusa ngoba emkhayeni kulapho ezinye zezidingo zomuntu eziningi eziyisisekelo zaneliswa khona. Ekuhloleni, iSydney Morning Herald yaseAustralia yabuza abantu abayizi-2 000 ukuthi yikuphi kokulandelayo okwabanikeza ukwaneliseka okukhulu: umsebenzi, umkhaya, abangane, imisebenzi yokuzijabulisa, impahla, noma inkolo. Abaningi kakhulu banikeza “umkhaya” indawo yokuqala.
OFakazi BakaJehova banesithakazelo ekugcineni imikhaya yabo iqinile. Ngokwesibonelo, eminyakeni eyisihlanu nje kuphela edlule, omagazini babo ababili INqabayokulinda nePhaphama! (okunabayizi-22 000 000 abanyatheliswa isikhathi ngasinye ngezilimi ezingaphezu kwe-100) baye baba nezihloko eziwusizo ezingama-60 eziphathelene nokusingathwa kwezimo ezihlukene ekuphileni komkhaya. Ngokungangabazeki, inkolo esekelwe eBhayibhelini esiza abantu ukuba banakekele imikhaya yabo ngendlela yokuhlakanipha neyothando iwusizo.
Umbuzo Omkhulu Othi “Kungani?” Uyaphendulwa
URonald uphetha incwadi yakhe ngokuthi: “Kunento eyodwa ehlala ifika engqondweni lapho ngifunda iphephandaba, ngibuka izindaba, ngixoxa nabantu engisebenza nabo, noma ngitshela abanye ngokholo lwami. Iwukuthi ukuba omunye woFakazi BakaJehova kunginikeza impendulo komunye wemibuzo ebuzwa kabanzi emhlabeni—‘Kungani?’ Kungani kunobugebengu, ubudlova, impi, ukuziphatha okubi, izifo, iziyaluyalu, ngaphandle kwazo zonke izinkinga zansuku zonke? Ukwazi ukuthi lesimiso nezinkinga zaso zingezesikhashana kuye kwasusa umthwalo onzima emahlombe ami.”
IBhayibheli lembula lokho okubangela isimo sezwe sanamuhla esikhathazayo. Lichaza ukuthi kungani injongo yasekuqaleni yoMdali yokwenza lomhlaba ube yikhaya eliyipharadesi lesintu ingakagcwaliseki. Lichaza indlela uNkulunkulu azosusa ngayo wonke amathonya aphazamisayo emhlabeni futhi enzele abantu ipharadesi elihlala njalo ukuba balijabulele phakade.—2 Petru 3:9-13.
Ukuze inkolo ibe usizo, kumelwe ithele izithelo ezinhle. Kumelwe ikhiqize abantu abangcono. Kumelwe ikwazi ukuchaza ukuthi kungani izinto zinjengoba zinjalo emhlabeni namuhla. Futhi kumelwe igxilise ithemba eliqinisekile ngekusasa ezingqondweni nasezinhliziyweni zabantu. URonald wafuna inkolo enjalo, futhi wayithola. Ithuba elifanayo lisakuvulekele.—Mathewu 7:17-20.
[Isithombe ekhasini 5]
AmaKristu eqiniso aphathana njengabangane beqiniso