Iminikelo Ethokozisa Inhliziyo
EBHOKISINI elingezansi kunezibonelo zezincwadi ezimbili zokwenyusa isikhwama ezakhishwa izinkolo kweLobukholwa. Ingabe uzithola zijabulisa? Lutho neze! Nokho, izimali zidingeka ngezindlela eziningi namuhla ukuze zisize ekuthuthukiseni ukukhulekela okuvunyelwa uNkulunkulu. Ngakho-ke inhlangano yobuKristu izithola kanjani izimali ezidingekile ukuze yenze intando kaNkulunkulu?
Impendulo ingatholakala ngokuhlola izinqubo zebandla lobuKristu lekhulu lokuqala namazwi oMsunguli walo, uJesu Kristu. KuLuka 6:38 uJesu uyayala. “Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.” Yeka indlela lomfanekiso owazwakala ufaneleka ngayo ezindlebeni zababelalele uJesu ngalesosikhathi. Izingubo zabo zohlobo lwabantu baseMpumalanga zazinekhukhu ngaphakathi lokufaka noma ukugcina izinto. Igama elithi “esifubeni” (kolʹpos ngesiGre-ki), libhekisela embotsheni engenhla kancane kwebhande eyenziwa ngentambo ephothiwe, futhi abathengisi babefaka isilinganiso salokho okuthengiwe kulelikhukhu.
Bangaki abathengisi ababeyoqala bagxushe bese begqisha okuthengiweyo ukuze bafake okwengeziwe embotsheni yengubo yomthengi, futhi kuze kube yilapho ichichima khona? Bambalwa, uma babengaba khona! Nokho, amaKristu ngemisebenzi yothando yokunikelela ngesihle labo abanesidingo ayobuyiselwa insada ngesihle. Isilinganiso esilinganisela ngaso abanye, esikhulu noma esincane, sisetshenziselwa ukulinganisa lokho esiyokuvuna, hhayi nje kubantu kodwa, ngokubaluleke kakhulu, kuJehova uNkulunkulu.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:6; Galathiya 6:7.
UJesu, ngokunikela ngesihle ngaye ngokwakhe nangayenakho, wajabulela imiphumela yalesimiso. Wayewukuphana okwenziwe samuntu. Ngentshiseko nangokungenabugovu washumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwabampofu. Akazange afune ukukhokhelwa ngezinkonzo zakhe noma alindele ukuba akhokhelwe iholo elithile. Nokho akantulanga lutho. Abantu ngokuphana, bamsekela enkonzweni yakhe ngokuzithandela.—Luka 7:22; 8:1-3.
Ukupha kukaJesu kwashukumisa abanye—uSimoni Petru, uJakobe, uJohane, kanye nabanye kwabayi-12—ukuba babonise ukupha okufanayo ngokushiya konke ukuze bahlanganyele enkonzweni. (Luka 5:10, 11; 9:1-6) Lolohlobo lomnikelo lunikeza imiphumela efanayo namuhla. OFakazi BakaJehova baphana ngesikhathi sabo, amandla, nangabanakho ukuze benze abanye bezwe izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, njengoba bebonisa ukuphana ngokushumayela, abanye basashukunyiselwa ukuba babonise ukuphana ngokuhlanganyela nabo ekusakazeni izindaba ezinhle.—IzAga 11:25.
Nokho, kunokuthile okwenezela emnikelweni wethu wokushumayela okuthokozisa inhliziyo. Ukunikela ngezimali ngesisusa esiqondile nangezizathu ezinhle nakho kuyingxenye yokukhulekela kweqiniso. (2 Korinte 9:9-14) AmaKristu ekhulu lokuqala akwenza kanjani lokhu?
Indlela AmaKristu Akuqala Akwenza Ngayo
Ngosuku lokuqala lokuzalwa kwebandla lobuKristu ngonyaka ka-33 C.E., ‘ukuhlangana, ukuhlephulelana isinkwa, nokukhuleka’ kwenziwa abaphendukile ababesanda kubhapathizwa abayizi-3 000. Ngasiphi isizathu? Ukuze kube nokwenzeka ngabo ukuqinisa ukholo lwabo olusha ‘ngokuqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli.’—IzEnzo 2:41, 42.
AmaJuda namaProselithe ayezé eJerusalema ehlele ukuhlala kuphela isikhathi soMkhosi wePentekoste. Kodwa labo ababa ngamaKristu bafisa ukusala isikhashana futhi bafunde okwengeziwe ukuze baqinise ukholo lwabo olusha. Lokhu kwadala inkinga ephuthumayo yokudla nendawo yokuhlala. Abanye kulezivakashi babengenayo imali eyanele, kanti abanye babeneningi. Ngakho kwaba nesikhashana esithile kuqoqwa futhi kwabiwa izinto ezibonakalayo kulabo ababenesidingo.—IzEnzo 2:43-47.
Ukondliwa nokutholwa kwezindawo zokuhlala kwasingathwa kanjani? Abaphostoli, besebenza njengendikimba ebusayo, bahlela ukuqoqwa nokwabiwa kwezimpahla ezinikelwe. Kanjalo, izimo zakuqala zebandla lobuKristu zibonakalisa amalungu ayengabheki izinto ezibonakalayo zawo njengezawo kodwa njengokuthile okungasetshenziswa ngokwenzuzo yalo lonke ibandla. (IzEnzo 2:44; 4:32) Ngokungaphezulu, “bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengisé ngakho, bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba-yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.”—IzEnzo 4:34, 35.
Ukuthengiswa kwezindawo ezingokoqobo nokuhlanganyelwa kwazo zonke lezizinto kwakwenziwa ngokuzithandela. Akekho owayephoqelelekile ukuba athengise noma anikele, futhi lokhu kwakungakhuthazi ubumpofu. Umbono onikezwayo awuwona owokuthi amalungu ayecebile ayethengisa ngayo yonke impahla yawo bese eba ngampofu. Kunalokho, ngenxa yothando ngabakholwa kanye nawo ngaphansi kwezimo zangalesosikhathi, athengisa ngayenakho futhi anikela ngayo yonke inzuzo ukuze alungiselele lokho okwakudingeka ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:12-15.
Ngokufanayo nanamuhla, abantu ngabanye baye banikela ngempahla yabo kuWatch Tower Society noma babhala igama lalenhlangano ezincwadini zabo zamafa, kanjalo benikela eNdikimbeni Ebusayo yoFakazi BakaJehova izimali zokusetshenziswa lapho indingeko yoMbuso inkulu kakhulu khona. Konke lokhu kuphana okunjalo kusiza ekusakazeni ukukhanya okungokomoya njengoba kwenzeka ngePentekoste. Akukho okuyisibopho.
Ukungayeki Kuyisihluthulelo
Cishe eminyakeni engama-20 ngemva kwePentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPawulu ukhumbuza ibandla laseKorinte isidingo somnikelo othile. “Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani,” ebhala. Khona-ke unezela iseluleko: “Ngosuku lokuqala lweviki makube yilowo nalowo [“endlini yakhe,” NW] azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi-yikhathi kwenziwa umnikelo. Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema.” Ukunquma ukuthi kwakumelwe banikele kangakanani kubonakala ukuthi kwakuhlanganisa wonke umkhaya, kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu, ngoba kwakumelwe kwenziwe ‘ezindlini zabo.’—1 Korinte 16:1-3.
Ukusikisela kukaPawulu indlela yokunikela kungasetshenziswa amalungu ebandla namuhla. Kanjani? Ukungayeki kuyisihluthulelo. Uma ibandla lenu kumelwe likhokhele izindleko zentela nokulondolozwa kwendawo yenu yokuhlanganyela noma iHholo LoMbuso nyanga zonke, kuyosho “ukunganikeli imali enkulu kangako, kodwa ukubekela okuthile eceleni njalo isonto ngalinye noma inyanga ngenxa yezithakazelo zoMbuso,” kubhala ihhovisi legatsha ePeru. Ingabe lokhu kunengqondo kuwe? Ngisho nabantwana bangafundiswa ukuba baqaphele indlela ukunikela njalo okuyingxenye yokukhulekela kwabo ngayo.
Ngakho-ke, lapho iminikelo yenziwa ngesisusa esiqondile nangesizathu esihle, ijabulisa kokubili inhliziyo kaNkulunkulu neyomuntu. Eyesi-2 Korinte 9:7 ithi: “Yilowo nalowo anikele njengalokhu azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.”
[Ibhokisi ekhasini 28]
Izindlela Ezisetshenziswa ELobukholwa
“Inkosi ingitshele ukuba nginibhalele lencwadi . . . Bengingenakunibhalela incwadi enjengalena nganoma yini esemhlabeni ukuba uNkulunkulu akakhulumanga nami ukuba nginibhalele lencwadi futhi nginitshele ukuthi uma ningaphuthumisa [u-R50,00] ukuba ungisize manje uyonibusisa ngendlela eningakaze nibusiswe ngayo ngaphambili.”—Incwadi eyifomu evela kumfundisi waseCanada eyayisayinwe ngokuthi “Isikhonzi neSisebenzi kanye nani.”
“Vula laMafutha Okugcoba Angcwele, (ungachithi ngisho iconsi). UJesu ukulamafutha okholo. Yenza ngawo isiphambano ebunzini lakho, bese kuthi ngokholo uye wedwa endlini yakho uthathe yonke imali onayo futhi wenze isiphambano emalini ngayinye eyiphepha ukuze uNkulunkulu aqede izinkinga zakho zemali, futhi andise imali yakho njengakuLuka 6:38 . . . Lapho ugcoba imali onayo ngalamafutha okugcoba angcwele, gcoba yonke imali eyiphepha onayo. Yenza isiphambano emalini ngayinye eyiphepha, bese kuthi, imali enkulu eyiphepha onayo, uma kuwu-$20,00 $10,00 noma $5,00, yenza kuyo isiphambano ngamafutha okugcoba bese uyithumela emsebenzini weNkosi.”—Incwadi eyifomu evela “kumfundisi” eUnited States eyayisayinwe ngokuthi, “UMprofethi kaNkulunkulu iminyaka engama-30.”
[Ibhokisi ekhasini 30]
Indlela Abanye Abanikela Ngayo Emsebenzini WoMbuso
◆ IZIPHO: Iminikelo yemali ingathunyelwa ngokuqondile eWatch Tower Bible and Tract Society, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740. Kunganikelwa nangempahla. Incwadi emfushane ephawula ukuthi lokhu kungumnikelo wokuzithandela kumelwe ihambisane naleminikelo.
◆ ILUNGISELELO LEMINIKELO ENEMIBANDELA: Imali, imali ebolekiswayo, imali eyisibambiso, kanye nempahla ingase inikezwe iWatch Tower Society ngelungiselelo lokuthi lapho umuntu eyidinga, onikele ngayo abuyiselwe yona. Lendlela igwema izindleko nokungaqiniseki ngobufakazi bencwadi yefa, ngesikhathi esifanayo iqinisekisa ukuthi uma kwehla isehlakalo sokufa iNhlangano iyothola leyompahla.
◆ UMSHUWALENSE: IWatch Tower Society ingase iphawulwe njengaleyo eyodla umshuwalense wokuphila komuntu. Izimali ezilondolozwe ebhange nazo zingase zibhaliswe ngegama leNhlangano. Kukho kokubili lokhu, iNhlangano kumelwe yaziswe.
◆ AMAFA: Impahla noma imali inganikezwa iWatch Tower Society ngokusebenzisa izincwadi zamafa ezingokomthetho. Esinye isiboniselo kumelwe sithunyelwe eNhlanganweni.
Ukwaziswa okwengeziwe noma isiqondiso ngokuqondene nalokhu kungatholakala ngokubhalela iWatch Tower Bible and Tract Society, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740.
[Izithombe ekhasini 31]
Izindlela iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova eye yasebenzisa ngazo iminikelo yakho ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso eminyakeni emibili edlule:
Ukukhokhela izithunywa zevangeli namaphayona akhethekile angaphezu kuka-12 700
Ekwakheni noma ekwandiseni izakhiwo zamagatsha angama-40
Ukusekela ababonisi abajikelezayo abangaphezu kuka-5 000 nomkabo
Ekuthengeni imishini yerotary eyisishiyagalombili enyathelisa ngejubane elikhulu
Ukulungiselela izidingo zezikhonzi zaseBethel ezingaphezu kwezi-8 400
Ukusiza izisulu zezinhlekelele