Indlela UJehova Achumisa Ngayo Umsebenzi Wakhe
EMASHUMINI eminyaka amuva oFakazi BakaJehova baye baba nokwanda okuphawulekayo. Eminyakeni eyishumi kuphela nje edlule, baye banda besuka emabandleni angu-42 600 kuya engqikithini yangu-60 192 emazweni angu-212. Ngenxa yalokhu, abanye baye babuza: Umsebenzi woFakazi usekelwa kanjani ngokwezimali? IWatch Tower Society inenjabulo ukuphendula lombuzo neminye ehlobene nawo kulesihloko.
Ingabe oFakazi BakaJehova bayakukhokha okweshumi?
Cha. KwaIsrayeli wasendulo, okweshumi kwakukhokhwa ngaphansi koMthetho kaMose ukuze kusekelwe izisebenzi zasethempelini likaNkulunkulu, amaLevi nabapristi. (Numeri 18:21, 24-29) Laba babengenazo izindawo zesizwe ngaphandle kwemizi ethile, ngakho babedinga lokhu kusekelwa okukhethekile. Ngaphezu kwalokho, amaIsrayeli athembekile ayekhululekile ukunikela iminikelo yokuzithandela ngemisebenzi ekhethekile, njengokwakhiwa kwetabernakele futhi, kamuva, nethempeli.—Eksodusi 25:1-8; 1 IziKronike 29:3-7.
Nokho, lapho uJesu efa, iBhayibheli lithi ‘wawenza ize umthetho wemiyalo esezimisweni.’ (Efesu 2:15; Kolose 2:13, 14) Ngamanye amazwi, emehlweni kaNkulunkulu uMthetho wawungasabophi kokubili kumaJuda noma kumaKristu. Ngakho-ke, kanye nezinye izici zoMthetho, njengemihlatshelo yasikhathi sonke ethempelini, ukukhokha okweshumi kwakungasadingekile ngabathembekile.
Phakathi kwamaKristu, ukupha kushukunyiswa uthando, hhayi umthetho. Umphostoli uPawulu wasichaza lesimiso lapho ehlela inkongozelo ngamaKristu aswelayo aseJudiya. Wathi: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.” (2 Korinte 9:7) Lendlela engokomBhalo yokupha yokuzithandela iyasetshenziswa oFakazi BakaJehova.
Ingabe niyaphendukela ezidlweni zokuqoqa izimali, izimvilophu zenkongozelo, ukukhankasela iminikelo, nezindlela ezifanayo zokuqoqa imali?
Cha, amaKristu eqiniso awadingi ukucindezelwa noma ukufumbathiswa ukuba anikele ngokununuselwa ngemiklomelo. Amaqembu enkolo aphendukela ekugembuleni, ekudayiseni, komaziqokele, emikhosini yokuzijabulisa, ekuqashiseni ngamabhentshi asemasontweni, noma ukudluliswa kwamapuleti enkongozelo embula ukuthi awazange anikeze abantu bawo ukudla okungokomoya, ngakho umoya kaNkulunkulu awuwashukumiseli amalungu awo ukuba anikele ngokukhululekile ngemali. Okufanayo kungashiwo nangalabo abaphendukela emkhubeni ophelelwe isikhathi wokukhokha okweshumi.—Mathewu 10:8.
Niyisekela kanjani ngokwezimali imisebenzi enjengokwakhiwa kwamaHholo oMbuso amasha namahhovisi egatsha, kanye nokwandisa kwenu endlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn nasePatterson, eNew York?
UJehova uthululela umoya wakhe phezu koFakazi bakhe, ebenza ukuba “benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.” (1 Thimothewu 6:18, 19) Lomoya ushukumisa oFakazi BakaJehova ukuba basekele umsebenzi woMbuso ngazo zonke izindlela.
Ngokwesibonelo, ngo-1989, oFakazi abangu-3 787 188 emazweni angu-212 basebenzisa amahora angu-835 426 538 ekufundiseni abanye ngeZwi likaNkulunkulu. Futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zasikhathi sonke ezingu-3 419 745 nabantu abathakazelayo. Noma iziphi izindleko ezaphakama kulomsebenzi zathwalwa abantu ngabanye ababewenza. UJehova wabusisa lomsebenzi wothando ngokwanda ngoFakazi abangu-263 855 abasanda kubhapathizwa.
Umoya ofanayo wokupha ushukumisa oFakazi nabantu abanesithakazelo ukuba basekele lomsebenzi ngendlela engokwezimali. Ngaphandle kokusiza ekukhokheleni izindleko zasikhathi sonke zebandla abakulo, basekela noma yimuphi umsebenzi wokwakha ongase ube odingekile, njengokuvuselela noma ukwandisa iHholo labo loMbuso noma iHholo Lomhlangano noma ukwakha elisha. Unyaka ngamunye, ngenxa yokwanda okusheshayo, inani elikhulu lamaHholo oMbuso kumelwe lakhiwe, amanye abiza ngisho namakhulu ezinkulungwane zamaRandi. Izindleko zawo zithwalwa oFakazi bakuleyondawo ngeminikelo yabo yokuzithandela nomsebenzi.
Ngaphezu kwalokho, emazweni amaningi izakhiwo zegatsha zokunyathelisa nezamahhovisi kanye nezakhiwo zokuhlala kuye kwadingeka ukuba zandiswe—noma kwakhiwe ezintsha—ukuze kube nendawo yezisebenzi ezandayo neyezinto ezidingwa yinhlangano ekhulayo. Nalokhu kusekelwa yiminikelo yokuzithandela nezisebenzi, njengoba kunjalo nangemisebenzi yokwakha nokuvuselela eBrooklyn nasePatterson, eNew York. Lapho kunokwenzeka, oFakazi bakuleyondawo bakusekela ngezimali ukwakha. Kwezinye izimo, iWatch Tower Society ihlela ukuba amagatsha athole usizo—kokubili ngokwezimali nangezisebenzi ezinekhono—kwamanye amazwe. Ngaleyondlela, ngaphansi kokuqondisa kweNhlangano, kuba khona “ukulingana.”—2 Korinte 8:14.
Kungani ningabi nezibhedlela noma imithola-mpilo futhi ningene emsebenzini wokuzinikeza usizo nezinye izinkonzo zezenhlalo njengoba kwenza amaqembu enkolo amaningi?
OFakazi BakaJehova basabela ngokushesha ezimweni eziphuthumayo ngemva kwempi noma kwenhlekelele engokwemvelo uma bengakwazi. Empeleni, ngokuvamile baba phakathi kwabokuqala abafika nokudla, okokwembatha, nezisebenzi zokuzithandela ezisiza ekuvusweni kwezakhiwo. Nokho, oFakazi BakaJehova abanazo izibhedlela noma imithola-mpilo, njengoba nje bengenayo iminyango yezicima-mlilo noma amaphoyisa, nako okungokokusindisa ukuphila.
Bayizikhonzi ezizinikele zevangeli, futhi isabelo sabo siwukushumayela nokufundisa ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba kube ubufakazi ngaphambi kokuba ukuphela kufike. (Mathewu 24:14) Njengoba uJesu asho, ukuvuna kukhulu kanti izisebenzi ziyingcosana. Kungaba okungenakuthethelelwa ukuwushaya indiva lomsebenzi obaluleke kakhulu ukuze kuthathwe eminye imisebenzi, kungakhathaliseki ukuthi ituseka kangakanani.—Mathewu 9:37, 38.
Ngokuzenzakalelayo, oFakazi BakaJehova abaningi bangodokotela, abahlengikazi, nabasizi basesibhedlela. Kodwa lomsebenzi bawubheka njengoza ngemva komsebenzi wabo oyinhloko, inkonzo yobuKristu.
Ingabe noma iziphi izikhulu noma amalungu eWatch Tower Society ayayenza imali ngemisebenzi yenu emikhulu yokunyathelisa?
Ngokuqinisekile, cha! Ngokomthetho, iNhlangano iyinhlangano engasebenzeli inzuzo. Abekho ababambe iqhaza ngezimali zabo, azikho izabelo zemali, awekho ngisho namaholo. Isikhonzi ngasinye endlunkulu, kuhlanganise nomongameli weNhlangano nabaqondisi, siye senza isifungo esingokomthetho sobumpofu. Sithola ukudla, indawo yokuhlala, nokunakekelwa kwezokwelapha okudingekile, kuhlanganise nemadlana yokuzinakekela yezindleko ezincane. Uma uFakazi ethatha uhambo oluphathelene nezindaba zeNhlangano, izindleko zakhe ngokuvamile ziyakhokhelwa.
Ngaphezu kwalokho, akukho-ndawo emhlabeni lapho izikhonzi zethu zikhokhisa khona ngokwenza imishado, ukubhapathiza, noma imingcwabo. Futhi ayikho inkokhiso yokungena noma inkongozelo ezinkulumweni zasobala noma emihlanganweni emikhulu.
Njengoba amasoso enkongozelo engalokothi adluliswe, amabandla ngamanye ayithola kanjani iminikelo ukuze abhekane nezindleko zawo?
Kugcinwa amabhokisi omnikelo emaHholo oMbuso ukuze abantu ngabanye benze iminikelo yokuzithandela uma befisa. (2 AmaKhosi 12:9) Yonke iminikelo, kungakhathaliseki ukuthi mikhulu noma mincane, iyaziswa. (Marku 12:42-44) Kanye ngenyanga, isikhonzi esinakekela izimali zebandla sifundela ibandla isitatimende esifushane silazise ngengqikithi yeminikelo eyamukelwe, izimali ezisetshenzisiwe, neminikelo ethunyelwe yibandla eWatch Tower Society ukuze kusekelwe umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke neminye imisebenzi.
Uma abantu ngabanye beliqonda lelilungiselelo, bakhululekile ukuba nengxenye uma befisa, ngamunye “njengenhlanhla yakhe.” (1 Korinte 16:2) Lokhu kuyinqubo yebandla ngalinye kwangaphezu kuka-60 000 emhlabeni wonke.
NgePentekoste amaKristu ayehlanganyela izinto ngokulinganayo. Ingabe oFakazi BakaJehova bayakwenza lokho?
Kwaphakama isimo esiphuthumayo ngemva kwePentekoste lika-33 C.E. ngenkathi amaJuda asezindaweni ezikude ayesanda kuguqulelwa ebuKristwini esala eJerusalema ukuze angenise ukukhanyiselwa okungokomoya okwengeziwe. Ayedinga izindlu zesikhashana nokudla; ngakho amaKristu akuleyondawo athengisa izindawo ngokuzithandela futhi inzuzo ayaba ukuze kulungiselelwe inkathi ende yobudlelwane. (IzEnzo 2:1, 38-47; 4:32-37) Akekho owayephoqelelwa ukuba athengise noma anikele. (IzEnzo 5:1-4) Lokhu kuhlanganyela izinto ngokulinganayo kwakungebona ubukhomanisi, njengoba abanye becabanga. Kwakumane kuyilungiselelo lesikhashana. Lapho amaKristu ephindela emuva emakhaya awo, lanqamuka.
Ingabe niyafundisa ukuthi ukupha ngezinto ezibonakalayo kuyindlela yokuhlawulela izono?
Lutho neze! IBhayibheli lithi: “Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.”—1 Petru 1:18, 19.
OFakazi BakaJehova banokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu ukuze basindiswe. Abayenzi iminikelo yokuzithandela belindele ukuthi lokhu kuyobalethela insindiso. Noma kunjalo, bayazi ukuthi kudingeka imali eningi ukuze kusakazwe izindaba ezinhle zezwe elisha likaNkulunkulu lokulunga. (2 Petru 3:13) Futhi bayazi ukuthi ukunikelela lokhu kumemezela kuyilungelo elivela kuJehova.
Lapho yenza umnikelo omkhulu wethempeli likaJehova indodana yakhe uSolomoni eyayizolakha, iNkosi uDavide yakhuleka: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho. . . . Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe-namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikuniké wena.”—1 IziKronike 29:11, 14.
Namuhla, oFakazi BakaJehova nabanye abantu abathanda ukulunga bazizwa ngendlela efanayo naleyo uDavide azizwa ngayo. Bayajabula ngokuba nethuba lokwenza iminikelo yokusekela umsebenzi wokudumisa uJehova, beqaphela ukuthi kakade konke abakunikelela inkonzo yakhe kuvela kuye. UJehova uyawubusisa lomoya, futhi yilendlela achumisa ngayo umsebenzi wakhe.
[Ibhokisi ekhasini 23]
INDLELA ABANYE ABANIKELA NGAYO EMSEBENZINI WOMBUSO
◻ IZIPHO: Iminikelo yokuzithandela yemali ingathunyelwa ngokuqondile eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201, noma ehhovisi legatsha leNhlangano elisendaweni yakini. Impahla enjengezindlu nezindawo, kuhlanganise namatshe ayigugu noma ezinye izinto ezibalulekile, nakho kunganikelwa. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi kungumnikelo oqondile kumelwe ihambisane naleminikelo.
◻ ILUNGISELELO LOMNIKELO ONEMIBANDELA: Imali ingase inikwe iWatch Tower Society ngendlela yokuyigcinela umniniyo, ngelungiselelo lokuthi uma kwenzeka kuba nesidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo.
◻ UMSHUWALENSE: IWatch Tower Society ingabhaliswa njengendlalifa yomshuwalense kungaba owokuphila noma owomhlala-phansi/wokuguga. INhlangano kumelwe yaziswe nganoma yimaphi amalungiselelo anjalo.
◻ IZINCWADI ZEFA: Indawo noma imali ingabhaliswa ngeWatch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho. Ikhophi kumelwe ithunyelwe eNhlanganweni. (ENingizimu Afrika izincwadi zefa kufanele zibhaliswe ngeJehovah’s Witnesses of South Africa.)
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe neseluleko ngokuphathelene nezindaba ezinjalo, bhalela iTreasure’s Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740, noma ihhovisi legatsha leNhlangano elisendaweni yakini.
[Isithombe ekhasini 24]
Ingxenye yesikhungo semfundo yeBhayibheli soFakazi BakaJehova esisakhiwa ePatterson, eNew York
[Izithombe ekhasini 25]
UJehova uyawuchumisa umsebenzi wokwakha owenziwa abantu bakhe abanikela ngokuzithandela