Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 12/1 k. 32
  • “Ukuvikeleka Kwempilo Yami”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuvikeleka Kwempilo Yami”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 12/1 k. 32

“Ukuvikeleka Kwempilo Yami”

Yilokho onesikhokhelo waseSenegal, eNtshonalanga Afrika, akusho ngomagazini iPhaphama! Wabhala:

“Kuyinjabulo enkulu ukuba ngifunde njalo iPhaphama! ngenxa yezihloko ezinhle ezihlanganisayo, ezifanela kahle nezidingwa kakhulu izwe lethu lanamuhla. Sekuphele iminyaka emibili nengxenye nginesikhokhelo. Ngalencwadi ngifisa ukubonga abahleli nabanyathelisi ngosizo lwabo ekuvikelweni kwempilo yami, hhayi eyami kuphela kodwa neyabanye abaningi abaye baphumelela ekunqobeni umkhuba kagwayi futhi balondoloza impilo yabo ngokuthola amandla adingekile ngokufunda izihloko ezikuPhaphama! Sizani niqhubeke nilungiselela ukwaziswa ngezingozi zikagwayi, njengoba ngithola ukuthi izingxenye ezintathu kwezine zentsha engiyaziyo ziyabhema, okungalimazi nje kuphela impilo yayo neyabanye kodwa futhi okuqeda imali yayo. Nginibonga ngakho konke engikutholayo ngokufunda umagazini wenu.”

Sinomuzwa wokuthi nawe futhi, uyosizakala ngokufunda iPhaphama! Thola isikhokhelo sonyaka ngokugcwalisa nangokuthumela isiqeshana esingezansi sihambisane no-R3,25.

Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka sePhaphama! ngifaka u-R3,25 ngomagazini abayi-12 (umagazini owodwa ngenyanga).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela