Ingabe Uyamdumisa UJehova Ngezinto Zakho Eziyigugu?
“Bafowethu Abathandekayo: Ninjani? Ngifuna ukuba isithunywa sevangeli uma sengimdala. Ngicela nisebenzise lelidollar nisize izithunywa zevangeli.” Wabhala kanjalo uShelley oneminyaka emithathu. Isandla sakhe sobungane sahunyushwa unina ngasekugcineni kwencwadi yakhe.
Ngokukhulu ukunganaki, uStephen wabhala: “Bible and Tract Society Othandekayo. Ngineminyaka eyi-8. Ngihlala ku-89 St. Ngithemba ukuthi uphila kahle. Ngikunika idollar elilodwa ukuze ufake emalini yeHholo LoMbuso. Ngithumelele incwadi ngokushesha.”
KUNGANI labantu abasha babhalela indlunkulu yeWatchtower Society? Ngoba babefuna ukudumisa uJehova ngokusebenzisa lokho ababenakho ekuphakamiseni udumo lwakhe. Babelandela iseluleko seBhayibheli: “Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.”—IzAga 3:9.
Ngokuqinisekile uJehova ulufanele loludumo. Akekho ongafaniswa naye. Njengoba isAmbulo 4:11 sisho: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.” Akulona nje iqiniso ukuthi “siphila, sihamba, sikhona kuye,” kodwa uye wasinikeza okungcono kakhulu ngathi. (IzEnzo 17:28) Njengoba umlobi weBhayibheli uJakobe esikhumbuza, uNkulunkulu unguMniki ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.’—Jakobe 1:17.
Nokho, akusibo bonke abasibonayo isidingo sokudumisa uJehova. Eqinisweni, izigidi zabantu azizange zilazi ngisho negama lakhe! Abaningi bakhulekela izinto ezidaliweyo “kunoMdali.” (Roma 1:25) Abantu abanhliziyo-ziqotho badinga ukufundiswa. Badinga ukwazi ukuthi uJehova ngokushesha uzophendukela esenzweni. Ngokubusa kweNdodana yakhe, uyohlanza umhlaba phakade kubacindezeli nasekucindezeleni kwabo, abuyisele izinto esimweni esiphelele, abuyisele iPharadesi namandla omuntu okuphila phakade ngempilo ephelele. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:1, 3, 4) Ngempela, khona kanye ukuphila kwalabo abafuna ukulunga kuxhomeke ekungeniseni kwabo lololwazi nokwenza ngokuvumelana nalo.—Zefaniya 2:3; Johane 17:3.
Ukuzimisela Nokwazisa Kudingekile
Ingabe nawe ubungathanda ukuhlanganyela kulomsebenzi osindisa ukuphila? Kuningi okuhilelekile ekusakazeni “izindaba ezinhle” zalowoMbuso “kuwo wonke umhlaba owakhiwe.” (Mathewu 24:14, NW) Izisebenzi ezizimisele kumelwe ziqeqeshwe, zihlonyiswe, futhi zithunywe ukuyoshumayela. Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukubona abantu abangaphezu kwezi-2 800 000 manje bedumisa uJehova ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke! Izibalo ezinkulu zalaba zenza kanjalo isikhathi esigcwele, abanye baze baye ngisho nasezindaweni lapho indingeko inkulu khona. Izinkulungwane zezithunywa zevangeli kakade seziye zathunywa ukuba zihole emsebenzini wokushumayela kwamanye amazwe, futhi abengeziwe balokhu benezelwa kuzo.
Ukwengamela, ukunakekela, nokusekela wonke lomsebenzi kudinga ukuhlela okukhulu. Izakhiwo ezintsha zamagatsha namakhaya ezithunywa zevangeli emhlabeni wonke kuye kwadingeka ukuba zakhiwe futhi zinezelwe. Izindawo eziseduze zokukhulekela—amaHholo oMbuso namaHholo oMhlangano—njengamanje akhiwa ngezinga elingenakufaniswa. Kuyathokozisa ukubona indlela abantu bakaJehova abaye basabela ngayo ngokuzithandela, bebonisa ukuzimisela ekusebenziseni konke okwabo enkonzweni kaJehova. (IHubo 110:3) Kodwa “ukusheshisa” okwabikezelwa komsebenzi wokuqoqela ngaphakathi kulezinsuku zokugcina manje kudinga ukuzimisela okukhulu kokudumisa uJehova ngezinto zethu eziyigugu. (Isaya 60:22) Yini-ke, efunekayo kithi?
Ukwazisa kungenye into—ukwazisa ngakho konke lokho uJehova aye wasinikeza khona. Yebo, izinto esinazo ngempela ziyizipho ezivela kuJehova. “Unantoni,” kubuza umphostoli uPawulu, “ongayamukeliswanga na?” (1 Korinte 4:7) Futhi uNkulunkulu uye wasinikeza zona ngayiphi injongo? Ukuze sisebenzise izipho ezinjalo ekumdumiseni!—1 Petru 4:10, 11.
Lezizipho zihlanganisa izinto zethu ezingokwenyama, ezingokwengqondo, ezingokomoya, nezibonakalayo—yebo, ukuphila ngokwakho. Futhi yeka ukuthi uJehova uye waphana kanjani komunye nomunye wethu! Yeka isibonelo esihle aye wasibeka ngokupha! Ngokuqinisekile, ukuthola kwethu okungaka ngokupha kukaJehova kumelwe kusishukumisele ukuba sibonise ukwazisa ngamalungiselelo anjalo. Ngaleyondlela ingabe asishukumiseleki ukumdumisa ngalokho esinakho?
Mhlawumbe unomuzwa wokuthi ulinganiselwe kulokho ongakwenza. Kakade, akuyena wonke umuntu ongakhonza njengesithunywa sevangeli ezweni elikude noma azinikele kwesinye isici senkonzo kaNkulunkulu yesikhathi esigcwele. Futhi abaningi bethu abanawo amandla noma izindlela zokuya kosiza ezakhiweni. Izimo zomuntu siqu futhi zenza kube nesilinganiso esincane salabo abanganikela ukuphila kwabo ekukhonzeni emahhovisi egatsha lapho izincwadi ezibalulekile, njengalomagazini, zinyatheliswa khona. Nokho ngamunye wethu angayithola injabulo enkulu eza ngokupha. (IzEnzo 20:35) Futhi sonke angakusebenzisa ukuphila kwethu nenkulumo ngezindlela ezithokozisa uNkulunkulu zilethe udumo kuye.—Kolose 3:23.
Indlela Okungenziwa Ngayo
Nakuba besebancane, uShelley noStephen bayithola indlela. Baqaphela ukuthi umnikelo wabo eWatchtower Society ungasetshenziswa ekuthuthukiseni umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. Futhi umnikelo wabo, kungakhathaliseki inani, ngokuqinisekile waziswa. UStephen wayithola incwadi yakhe yokwazisa. Njengoba noShelley osemncane ayithola. Akulona inani kodwa isisusa esibalulekile, ngoba ukuze isipho samukeleke kumelwe sibe ngesokuzithandela ngokuphelele. (2 Korinte 9:7) UJehova uyathokoziswa iminikelo yethu, kungakhathaliseki ukuthi mikhulu noma mincane, uma ibonisa ukuzinikela kwethu ngomphefumulo wonke kuye.—Luka 21:1-4.
Khona-ke, ukwazisa kulandelwa isenzo. Ingabe sesiye sazibala izinto eziyigugu esinazo ezingasetshenziswa ekudumiseni uNkulunkulu? Ukuphila kwethu, ngakho konke ukuqina namandla esinawo, ngokuqinisekile kuyigugu futhi akumelwe kusaphazelwe emigomweni eyize. Ingabe sisebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka ekuthuthukiseni nasekuqiniseni ubuhlobo obuseduze, nobomuntu siqu noJehova? Ingabe siyamdumisa ngokumemezela igama lakhe nesigijimi ngezindebe zethu? (Heberu 13:15, 16) Abantwana abancane nabo bayizinto eziyigugu esiziphiwe uJehova. (IHubo 127:3) Ingabe siyabakhuthazela ukunikezela ukuphila kwabo enkonzweni kaNkulunkulu?
Khona-ke kukhona igolide lethu elingokoqobo, isiliva, nokunye okuyimali. Iminikelo yalolohlobo isekela amabandla ethu esiwasebenzisayo, kuhlanganise nokunakekela amaHholo oMbuso namaHholo eMihlangano asebenza njengezinkundla zemfundo yeBhayibheli nemisebenzi yokushumayela emphakathini wakithi. Uma ithunyelwa endlunkulu yeWatchtower Society noma ehhovisi legatsha ezweni elithile, leminikelo isiza ekuthuthukiseni umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke. Izipho ezinjalo zingabekelwa eceleni ukuze zisetshenziselwe noma iyiphi injongo njengoba sifisa. UShelley osemncane, enomgomo wenkonzo yezithunywa zevangeli engqondweni, wafuna ukusiza izithunywa zevangeli. UStephen, ezwa ngesidingo esikhulu samakhulu amaHholo oMbuso engeziwe nezindleko ezinkulu ezihilelekile, wafuna ukuba umnikelo wakhe ufakwe eMalini YamaHholo OMbuso eNhlangano. Abanye banikelela izidingo ezikhethekile, njengokunikeza usizo ngezikhathi zenhlekelele.
Nokho, ezikhathini eziningi abantu bakhetha ukuba ihhovisi legatsha kube yilo elenza isinqumo sokuthi imali ingasetshenziswa kanjani, njengoba labo bazalwane bayazi ukuthi isiphi isidingo esicindezela kakhulu. Omunye owanikela wabhala: “Sizani namukele isheke leNhlangano ukuze lisetshenziselwe lapho ibona lifaneleka khona ekuthuthukiseni umsebenzi wokushumayela. Sijabula kakhulu ukubona ukwanda okuhle ngenxa yemizamo yabo bonke abantu bakaJehova nesibusiso sikaJehova sisemsebenzini.” Enye incwadi yathi: “Muva nje, lapho sengithatha umhlala-phansi, ngathola isabelo semali eyisamba sivela enkampanini engangikade ngiyisebenzela. Kuyisifiso esiqotho sami nomkami ukuba enye yalemali isetshenziswe ekuthuthukiseni ukumemezela ngoMbuso. Ngakho yamukelani nanto isheke elivela kithi nakubantwana bethu. Kwangathi uJehova anganibusisa njengoba ninquma indlela lemali engase isetshenziswe ngayo kangcono kakhulu.”
Kuyamthokozisa uJehova ukubona ukuzinikela okunjalo ekumdumiseni ngezinto zethu eziyigugu. Uyaqhubeka nesithembiso: “Izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.” NjengakuIsrayeli wasendulo, ngakho namuhla uJehova uwuvuza kakhulu umoya wokuphana onjalo. Ukusetshenziswa kwezinto eziyigugu zomuntu ekumdumiseni akusho ukuncipha kwazo kodwa kusho ukwanda kwazo ngenxa yesibusiso sikaJehova kulowo onikele ngazo!—IzAga 3:9, 10.
Yeka ilungelo esinalo ngokukwazi ukudumisa uJehova futhi sime njengabahlukile “phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo”! Futhi yeka ilungelo lethu okuyilo ukukwazi ukuhlanganyela ekumemezeleni ngoMbuso, umsebenzi awabele ukuba wenziwe ngaphambi kokuphela kwalesimiso esibi sezinto. (Filipi 2:15; Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngokushesha umbono ophefumlelwe uyogcwaliseka lapho “konke okudaliweyo,” kungakhathaliseki ukuthi kukuphi, kuyonikeza phakade udumo, inkazimulo, namandla kuJehova. (IsAmbulo 5:13; 7:12) Ngazo zonke izindlela, masimdumise kwamanje uJehova ngezinto zethu eziyigugu.
[Ibhokisi ekhasini 22]
“Usekelwa Kanjani Umsebenzi Wenu Ngokwezimali?”
Abaningi babuza lombuzo. Bayamangala uma oFakazi abafika emakhaya abo bengaziceli izimali. Ngokufanayo abanye bayamangala uma, lapho beya emhlanganweni woFakazi noma bevakashela eHholo LoMbuso okokuqala ngqá, bethola ukuthi akukho nkongozelo ethathwayo. Khona-ke, umsebenzi wokufakaza usekelwa kanjani ngokwezimali? Impendulo: ngeminikelo yokuzithandela evela kulabo abafuna ukudumisa uJehova ngezinto zabo eziyigugu. Nazi ezinye izindlela okufezwa ngazo lokhu.
Izipho: Iminikelo eyimali ingathunyelwa ngokuqondile kuyiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201, noma kwamanye amazwe ehhovisi legatsha leNhlangano elilapho. Incwadi emfushane eshoyo ukuthi leyomali ingumnikelo kumelwe ithunyelwe naleminikelo. Izindawo nezakhiwo nazo zinganikelwa.
Ilungiselelo Leminikelo Enemibandela: Imali, impahla, amabonds, nezindawo nezakhiwo kunganikezwa iNhlangano kanye nelungiselelo lokuthi, uma sekudingeka, kubuyiselwe kowakunikelayo. Lendlela igwema izindleko nokungaqiniseki ngokuthi ifa liya kubani, lapho kuqinisekiswa ukuthi iNhlangano izothola ifa uma kwenzeka ufa.
Umshuwalense: IWatch Tower Society ingase ibalwe njengendlalifa yomshuwalense futhi kanjalo kumelwe yaziswe. Ngokufanayo, ama-akhawunti okonga emabhange angase nawo afakwe ngegama leNhlangano.
Izincwadi zokwabiwa kwefa: Izindawo nezakhiwo noma imali kungase kudluliselwe kuyiWatch Tower Society ngencwadi engokomthetho yokwabiwa kwefa. Ikhophi kumelwe ithunyelwe eNhlanganweni.
Ukwaziswa okwengeziwe noma ukuqondiswa kungatholakala ngokubhalela iWatch Tower Bible and Tract Society, Office of the Secretary and Treasurer, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201 noma elinye ihhovisi legatsha lendawo.