Izithunywa Zevangeli Ezintsha Zilwela Impumelelo Yoqobo
NGESONTO, ngoSeptember 8, 1985, kwakuwusuku oluwumlando ngabayizi-4 351 ababegcwele eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova eDolobheni laseJersey ababezozibonela ngawabo ukuthweswa kweziqu kwekilasi lama-79 leWatchtower Bible School of Gilead
Lolusuku lwaluwumlando ngoba leliHholo LoMhlangano lalisetshenziswa okokuqala ngqá ngemva kokunikezelwa kwalo okungokomthetho. Khona-ke, futhi, kwakungokokuqala kusukela ngo-1970 ukuba cishe wonke umkhaya waseBethel yaseUnited States uhlangane ndawonye ngaphansi kophahla olulodwa. Lomkhaya, kuhlanganise nezisebenzi zaseBrooklyn nezasemapulazini eNhlangano, waba ngaphezu kwezi-3 500. Njengoba iHholo LoMhlangano laseDolobheni laseJersey selipheleli, isize yaba khona indawo engabathatha bonke.
Lolusuku lwaluwumlando ikakhulukazi ezincekwini zikaJehova ezisencane ezingama-24 ezazakha ikilasi lama-79 zivela emazweni ayishumi ahlukahlukene. Zazisebenzise izinyanga eziyisihlanu ezidlule emfundweni yokufundisisa iBhayibheli neyokulungiselela umsebenzi wezithunywa zevangeli. Manje, ngokusho kuka-Albert Schroeder, usihlalo wosuku, zayeka ukuba abafundi baseGiliyadi futhi zaba abathole iziqu eGiliyadi.
EHholo LoMhlangano elihle elishaya umoya, lezithunywa zevangeli ezintsha ezingama-24 zenzelwa umbuthano wokuvalelisa ezingenakuwukhohlwa. Usihlalo wazikhumbuza ukuthi eGiliyadi zazifunde amaqiniso amaningi. Kodwa iGiliyadi yayigcizelele okuthile okubaluleke kakhulu: ingokomoya. Khona-ke usihlalo wethula izikhulumi eziningi ukuba zinikeze amazwi okugcina kwabathole iziqu.
UCarey Barber, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngokufuna injabulo. Wakhumbuza abathole iziqu ukuthi uSolomoni wathola ukuthi izinto zalelizwe aziyilethi injabulo. (UmShumayeli 2:1-11, 17) Ngalokho-ke uJesu wagcizelela isidingo sezinto ezingokomoya ekufuneni injabulo. (Mathewu 5:3, NW) Ngakho-ke, abathole iziqu kumelwe balandele iseluleko sikaJesu. Khona-ke, ngisho nakuba ukuba kwabo izithunywa zevangeli kuhilela ukudela izinjabulo ezithile ezingokwenyama, basengaphumelela.
Isikhulumi esilandelayo, uJohn Booth, naye ongoweNdikimba Ebusayo, wakhumbuza izilaleli ukuthi isithunywa sevangeli esidala uPawulu wakhuthaza isithunywa sevangeli esisesisha uThimothewu ukuba aqhubeke ethuthuka ekuziphatheni kobuKristu, esifundweni somuntu siqu, nasemthandazweni. (1 Thimothewu 2:1, 8; 4:12-16) Izithunywa zevangeli ezintsha kuzodingeka zenze intuthuko efanayo uma zifuna ukuphumelela. Khona-ke, unobhala ongumphathi-sikhwama weNhlangano, uLyman Swingle, wathinta ukuthi muva nje uye wabuza izithunywa zevangeli eBrazil ukuthi isiphi iseluleko ezazingathanda ukusinikeza izithunywa zevangeli ezintsha ukuze zizisize ukuba ziphumelele. Zamkhuthaza, “Zitshele ukuthi lapho zifika ezabelweni zazo, kumelwe ziqhubeke zifunda iBhayibheli futhi zenza ukuhlola ngeBhayibheli.”
UDavid Olson, weKomiti Yomnyango WeNkonzo, waxoxa okuhlangenwe nakho kwendoda eyayengamele ingxenye yomsebenzi owaphumelela ekuthumeleni umuntu enyangeni. Kamuva, yona lendoda yaziphilisa ngokushanela izindawo zokupaka izimoto. Yaba nomuzwa wokuthi ithole impumelelo eyengeziwe kulomsebenzi wesibili. Ngani? Ngoba umsebenzi wayo omusha wayinikeza isikhathi sokukhonza uJehova nokunakekela umkhaya wayo. Kuyiqiniso, labo abathola injabulo kuJehova, emthethweni wakhe, nasenkonzweni yakhe bathola impumelelo yangempela.—IHubo 1:1-3.
U-Ulysses Glass, obhalisayo eGiliyadi, watusa ukuzimisela nokuhlonipheka kwabathole iziqu. Waphawula isithakazelo ababa naso ezifundweni nesifiso sabo esibukhali sokuqonda izindaba ngokugcwele. Wathi, izinto ezinjalo zizobasiza ezabelweni zabo. Umfundisi waseGiliyadi uJack Redford wanezela ngokuthi unyaka wokuqala ezabelweni zabo uzoba inselele. Noma kunjalo, ukuze baphumelele kumelwe basebenzelane eduze nezinye izithunywa zevangeli, babekezele, futhi bahlakulele injabulo engokomoya.—UmShumayeli 7:8, 9.
Isikhulumi sokugcina, uMongameli weWatchtower Society uFrederick Franz waqalisa inkulumo yakhe ngamazwi athi: “Kuyilungelo ukuphila iminyaka engama-92 ukuba ngibe khona esenzakalweni esinjengalesi!” Khona-ke waxoxela abathole iziqu umlando wendlela iGiliyadi eyaqala ngayo futhi wabakhuthaza ukuba bahlale bethembekile ezabelweni zabo.
Ngemva kwezinkulumo, abafundi bathola iziqu zabo, kwase kuba nekhefu lokuphuzwayo. Ngemva kwalokho bakhulumela isifundo seNqabayokulinda ngaphansi kokuqondisa kukaDean Songer weKomiti Yokunyathelisa. Futhi bajabulisa wonke umuntu lapho benikeza okuhlangenwe nakho, umculo, nemidlalo enamahlaya ayebonisa injabulo yabo ngokuba seGiliyadi nokuzimisela kwabo ukufuna “izinto ezibaluleke kakhulu.” (Filipi 1:10, NW) Ekugcineni, abathole iziqu badlala idrama engesikhathi: Funa Ukulunga KukaNkulunkulu Ukuze Usinde.
Khona-ke usuku oluwumlando lwaphetha. Kwakuwusuku olungenakukhohlakala ngabafundi njengoba belandela iseluleko abasizwile futhi belwela impumelelo yangempela ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli.