Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Uthando, “Isibopho Esiphelele Sobunye”
UTHANDO phakathi kwamaKristu ‘luyisibopho esiphelele sobunye,’ futhi lapho lubonakaliswa, luphumela ebuzalwaneni bomhlaba wonke. (Kolose 3:14, NW) Lesi ‘sibopho esiphelele sobunye’ siboniswa abafowethu eAfrika njengoba bebonisa uthando ngomunye nomunye nangoJehova, uMniki noMlondolozi wokuPhila.—IHubo 36:9; IzEnzo 17:28.
◻ Ngenxa yokomisa kwamuva kweminyaka emithathu eZimbabwe, izindawo eziningi zazisesimweni esibucayi. Yebo, lokhu kwabathinta abafowethu abahlala kulezozindawo. Nokho, oFakazi abakanye nabo basabela ngokumangalisayo obizweni losizo. Eqinisweni, izingubo eziningi zanikelwa kangangokuthi kwaba ngokudingekile ukwazisa abazalwane ukuba bangabe besanikela kuze kube yilapho sebazisiwe futhi. Lokhu, kanye nosizo olwalunikezwa uhulumeni, kwanikeza abafowethu abaningi usizo ababeludinga. “Labo abasantula nabo bayanakekelwa,” kubika ihhovisi legatsha leNhlangano.
Lolusizo lothando lwabafowethu aluzange lunganakwa. Enye indoda engakholwa yatshela umkayo, onguFakazi: “Lapho abanye bethatha konke lokho abantu abanakho, nina [oFakazi] nibanikeza ukudla nezingubo.” Nabanye baye benza ukukhulumela okuhle.
Uthando phakathi koFakazi BakaJehova lusebenza ‘njengesibopho esiphelele sobunye,’ futhi lubehlukanisa njengamaKristu eqiniso.—Johane 13:35.
◻ Esinye isibonelo sothando nobunye phakathi kwabantu bakaJehova sabonakala eMhlanganweni Wesigodi “Wobunye BoMbuso” owawuseFreetown, eSierra Leone. Izihambeli zeza kulomhlangano zivela eGuinea naseLiberia, kanye nasezingxenyeni ezihlukahlukene zaseSierra Leone. Izingxenye ezimbili zaqhutshwa kanye kanye—enye ngesiNgisi nangesiKrio, enye ngesiKisi nangesiFulentshi. Umbiko wegatsha uchaza uthando nobunye okwakusobala kulesisenzakalo, uthi:
“Kwakungumzuzu ovusa amadlingozi lapho abazalwane abakhuluma isiKisi nabakhuluma isiFulentshi behlanganyela ingoma nomthandazo wokuphetha engxenyeni yesiNgisi. Abaningi baphuma izinyembezi zenjabulo njengoba babebukela izihambeli ezingaphezu kwama-400 zinqamula inkundla ukuze zizohlanganyela nabo ngobunye ekukhulekeleni uJehova ngengoma nomthandazo.” Licaphuna omunye owayebukela ethi: “UJehova uyayazi indlela yokuhlanganisa abantu bakhe. Yeka ukubonakaliswa okusobala kobunye!”
Lobubunye bukhona ngokwengeziwe uma sicabangela ukuthi abantu ababehlanganiswa babengabezizwe ezihlukahlukene, kodwa nokho bahlangana ndawonye ngokuthula. Kudinga umoya kaJehova ukufeza lokhu. Lobubunye babubikezelwe kusAmbulo 7:9: “Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso.” Ivesi le-10 laso lesisahluko esifanayo libonisa imbangela yalobubunye: “Samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.”