Zinceku Ezikhonzayo—Londolozani Ukuma Okuhle!
“Ngokuba amadiyakoni [“izinceku ezikhonzayo,” NW] akhonzé kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.”—1 THIMOTHEWU 3:13.
1. Ngemva kokumiswa kwayo njengenceku ekhonzayo, kumelwe ube yini umgomo wendoda, futhi abanye ebandleni kumelwe bafune ukwenzani?
AMADODA ayizinceku ezikhonzayo manje ‘aqale ahlolwa.’ (1 Thimothewu 3:10) Kodwa ukumiswa kwawo kwakungeyona ukuphela kwento ayeyifuna. Umgomo wawo ukuqhubeka ‘ezizuzela ukuma okuhle’ ngokunakekela imisebenzi yawo ‘ngokukhonza okuhle.’ (1 Thimothewu 3:13) Ilungu ngalinye lebandla lobuKristu elihlangene liyofuna ukuwasekela ekufinyeleleni lomgomo.
2. Amalungu ebandla athinteka kanjani ngalokho okwenziwa yizinceku ezikhonzayo?
2 Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi wonke amalungu omzimba ongokomoya kaKristu ayazuza ngokusebenza ndawonye nangokunakekelana. (1 Korinte 12:12-31) Ngokufanayo, uma izinceku ezikhonzayo zenza umsebenzi eziwunikezwe uNkulunkulu ‘ngokukhonza okuhle,’ wonke amalungu ebandla lobuKristu namuhla ayazuza. Kodwa uma izinceku ezikhonzayo zihlangabezana nezinkinga eziziphazamisayo ekufezeni imisebenzi yazo kahle, lokhu kungase kudale ubunzima kuwo wonke amalungu ebandla.
3. (a) Iziphi izinkinga ezivamile kubo bonke abantu bakaJehova? (b) Ukuhlola kwamuva kusiza ukubonisani?
3 Bonke abantu bakaJehova basempini efanayo, “asibambene negazi nenyama, kodwa . . . nabawomoya bobubi emkhathini.” (Efesu 6:12) Ngaphezu kwalokho, zonke izinceku zikaJehova zilwa nokungapheleli kwazo nokuthambekela kwesono. Nokho, njengeqembu, izinceku ezikhonzayo zibhekene nezinkinga ezithile ngezinga elikhulu kunokuba kunjalo ngamanye amaqembu oFakazi BakaJehova. Okusiza ekuchazeni lokhu ukuhlolwa kwamuva kwamabandla angaphezu kwangama-320 anezinceku ezikhonzayo eziyi-1 360 kwelinye izwe elisentshonalanga Yurophu.
Ukungashadi Nomshado
4. Izinceku ezikhonzayo ezingashadile kumelwe zikubheke kanjani ukungashadi kwazo, futhi isiphi isikhuthazo abanye abangazinika sona?
4 Ezincekwini ezikhonzayo eziye zahlolwa, ezingaphezulu kancane kwamaphesenti ayi-10 azikakashadi. Kanjalo zijabulela inkululeko emithwalweni ethile yemfanelo evamile kwezicishe zibe ngamaphesenti angama-90 ezishadile. Kodwa abazalwane abangashadile kumelwe baqaphele bangasebenzisi lenkululeko ngokumane baphishekele izinto zomuntu siqu ezifana nokuzijabulisa okweqile noma imibuthano yokuzijabulisa. Futhi akumelwe bavumele isifiso semvelo sokushada sibe esokuqala kunoma iziphi izinto ekuphileni. (Mathewu 6:33) Futhi akumelwe bavumele ukucindezela kwabangane babo abashadile kubaphoqelele ukuba bangenele umshado ngokubhuduzela noma ngokungahlakaniphi. Futhi ngokuqinisekile amaKristu, anakekelanayo ayosihlonipha isimo sokungashadi sabakholwa kanye nawo abangashadile futhi ayobakhuthaza ukuba bayisebenzise kahle inkululeko yabo enkulu ekunikeleni ngesikhathi esengeziwe emigomweni engokwasezulwini, ngokunokwenzeka ngokuthatha inkonzo yesikhathi esigcwele.
5. Iyiphi ingozi enkulu ekhona ezincekwini ezikhonzayo ezishadile kunalezo ezingashadile?
5 Ngokokuhlola okuphawulwe ngaphambili, cishe amaphesenti angama-62 ezinceku ezikhonzayo zingabazali. Ngazo, ingozi yokuba izinhliziyo zazo ‘zisindwe ukunaka okwalokhukuphila’ inkulu kuneyabazalwane abangashadile. (Luka 21:34-36) Kanjalo, ekutuseni ukungashadi, uPawulu wathi: “Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, wahlukene phakathi. . . . Owendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu.”—1 Korinte 7:32-38.
6. Izinceku ezikhonzayo ezishadile kudingeka zenzeni, futhi ubani ongase akwazi ukuzinikeza ukusikisela okuwusizo?
6 Nakuba abantu bakaJehova bengakholelwa ukuthi ‘imishado yenziwa ezulwini,’ bayazi ukuthi ukuhlakanipha kwasezulwini kudingekile ekuxazululeni izinkinga zomshado. (IHubo 19:7; IzAga 3:5, 6) Khona-ke, izinceku ezikhonzayo ezishadile zidinga ukulandela iseluleko seZwi likaNkulunkulu eduze kakhulu. Kumelwe zilwele ukulinganisela okufanelekile ekufezeni imithwalo yemfanelo yomkhaya, kodwa futhi zingalokothi zisebenzise lemithwalo njengezaba zokungayinaki imisebenzi yazo engokwasezulwini ebandleni. Phakathi kwezinye izinto, isimiso esicatshangelwe kahle sibalulekile. Imibhangqwana eshadile emidala nenokuhlangenwe nakho okuningi ingase inikeze ukusikisela okuwusizo kwemisha kulokhu uma icelwa ukuba yenze njalo.
7. (a) Umkhaya wenceku ekhonzayo eshadile ungayithinta kanjani imizamo yayo nentuthuko engokomoya? (b) Izinceku ezikhonzayo ezicabangela ukushada ziyobe zenza kahle ngokukhumbulani?
7 Ukusekela komkhaya wayo kuwusizo olukhulu encekwini ekhonzayo eshadile. Yebo, amalungu omkhaya afuna isikhathi sayo ngokweqile nokunakekelwa noma afuna izinto ezibonakalayo ngokweqile angase akhubaze intuthuko yayo engokomoya. Kodwa kuyisibusiso uma wonke umkhaya wayo usekela imizamo yayo yokuba ‘ikhonze kahle.’ (1 Thimothewu 3:13) Ngakho-ke yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ngaphambi kokuba inceku ekhonzayo engashadile ibe ngehileleka ngokwemizwelo nomngane engase ishade naye izame ukuthola ukuthi uyoyiqhubekisela phambili yini intuthuko yabo engokomoya!
Umsebenzi Wokuziphilisa Nokuthanda Izinto Ezibonakalayo
8. (a) Iyiphi ingozi enokwenzeka ezinye izinceku ezikhonzayo ezibhekana nayo ngokuqondene nomsebenzi wokuziphilisa? (b) Ukuzindla ngamiphi imiBhalo okungasiza umuntu ukuba amelane nokuthanda izinto ezibonakalayo?
8 Izinceku ezikhonzayo eziyisishiyagalombili kweziyishumi ezahlolwa zazingaphansi kweminyaka engama-60. Ngakho ezimweni eziningi zisenza umsebenzi wokuziphilisa ukuze zizondle nemikhaya yazo. Cishe eziyisihlanu kulezo nalezo eziyishumi zazo zineminyaka engama-20 kuya kwengama-40 ubudala—isikhathi lapho amadoda ezwe ngokuvamile esebenza noma elandela indlela ethile yokuphila futhi ezama ukuvelela futhi abe ngalondekile ngokwezimali. Uma uyinceku ekhonzayo ephakathi kwaleyominyaka, ungayibukeli neze phansi ingozi yokuba nombono wezwe, wezinto ezibonakalayo ongase ukwenze buthakathaka ngokomoya. Kunalokho, khumbula ukuthi uPawulu wathi: “Kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” (1 Thimothewu 6:8) UJesu, naye, wanikeza iseluleko esihle esingasisiza sonke ukuba simelane nokuthanda izinto ezibonakalayo. Zifundele ngokwakho kuMathewu 6:19-34.
9. Ngokuvumelana noMathewu 16:26, iyiphi inkambo yokuhlakanipha ikakhulukazi ngezinceku ezikhonzayo ezisezincane?
9 Nina zinceku ezikhonzayo ikakhulukazi eniseyizinsizwa, bukani amadoda “aphumelelayo” aphishekela indlela yokuziphilisa yezwe noma anqwabela ingcebo kodwa amshiyayo uJehova ekuhleleni kwawo. (Qhathanisa nezAga 16:3; 19:21.) Kungaba ukuhlakanipha okunjani nje ukuzifanisa nabantu abangebona abangokomoya, abathanda izinto ezibonakalayo abakuphila kwabo kuzoshatshalaliswa ngokushesha phakathi ‘nosizi olukhulu’? (Mathewu 24:21) Iyiphi inceku kaJehova engazifanisa nabo! “Ngokuba,” kusho uJesu, “kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na?” (Mathewu 16:26) Ngokuqinisekile, inkambo yokuhlakanipha iwukwakha ikusasa elilondekile nenhlangano kaJehova kunelingalondekile neze futhi elifushane nalelizwe elifayo elisemandleni kaSathane.—1 Johane 5:19.
Ukwethembeka EMbusweni KaNkulunkulu
10. Ngokuqondene nezindaba zombangazwe, ikuphi ukuma okuthathwa ‘abasha’ abandayo, kuhlanganise nezinceku ezikhonzayo?
10 Ngokwesiprofetho, kwathiwa ngeNkosi yobuMesiya kaJehova: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bayavela njengamazolo esizalweni sokusa.” (IHubo 110:3) Lesiprofetho besigcwaliseka kusukela ngo-1914 C.E., futhi labo “abasha” abandayo bayaqaphela ukuthi ukwethembeka kwabo kokuqala kumelwe kube seMbusweni kaNkulunkulu nakuJesu Kristu okhazinyulisiwe njengeNkosi. Ngakho lapho lamadoda azinikezele, kuhlanganise nezinceku ezikhonzayo, ezithoba ngokulinganiselwe kohulumeni ‘abangamandla ombuso,’ kunoma ikuphi ukushayisana kwezithakazelo ‘kumelwe alalele uNkulunkulu kunabantu.’ (Roma 13:1; IzEnzo 5:29) Njengoba uJesu asho, abalandeli bakhe ‘abayona ingxenye yezwe.’ (Johane 15:19; 18:36) Bahlala bengathathi-hlangothi ezindabeni zombangazwe zezizwe, beqaphela ukuthi ukwenza okunye kuyobenza babe yizitha zoMbuso kaNkulunkulu.
11. Yini abazalwane abahlupheka ngenxa yokulondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu abangaqiniseka ngayo?
11 Kuthiwani uma izinceku ezikhonzayo noma abanye belahlekelwa umsebenzi wabo wokuziphilisa noma ngisho nenkululeko yabo ngenxa yokugcina ukungathathi hlangothi kobuKristu? (Isaya 2:2-4; Johane 17:16) Khona-ke bayazi ukuthi abazalwane babo nodade abangokomoya bayobasekela ngokusemandleni abo ngokomoya, nangokwenyama, uma kudingekile. Lokhu kunjalo ngenxa yokuthi abantu bakaJehova banakekelana ngothando.—Qhathanisa noJohane 13:34, 35; 1 Korinte 12:24, 25.
Isidingo Sokuhlangenwe Nakho Okukhudlwana
12. ‘Ukuzuza ukuma okuhle’ kungahlanganisani?
12 Cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yezinceku ezikhonzayo eziye zahlolwa ziye zaba oFakazi BakaJehova iminyaka engaphansi kweyi-10. Ngokusobala, lamadoda aye amukela usizo nokuqondisa kwamalungu ebandla anokuhlangenwe nakho okwengeziwe. Kodwa ‘ukuzuza ukuma okuhle’ kuyohilela ukuqhubeka efunda kwabanye futhi ezuza okuhlangenwe nakho. Kuyosho futhi ukuzibekela imigomo yomuntu siqu njalo futhi ngokunakekela alwele ukuyifinyelela. Khona-ke uma ngokuqinisekile ufisa ukufeza izinjongo eziwusizo njengenceku ekhonzayo noma ufisa ukufinyelela lelolungelo, ingabe usuye wazenzela imigomo yomuntu siqu? Ngokwesibonelo, kungani unganqumi ukuba ube usufunde lonke iBhayibheli ngosuku oluthile olumisile noma ube yiphayona elisizayo phakathi nezinyanga ezithile?
13. Isiphi iseluleko esanikezwa uThimothewu esingasiza umzalwane ofisa ukuba yinceku ekhonzayo noma okhonza kulesosikhundla manje?
13 Uma usemncane ngeminyaka noma ungenakho okuhlangenwe nakho, ungase uzuze kulokho okushiwo kweyoku-1 Thimothewu 4:12-15. Nakuba lawomazwi ayeqondiswe kumbonisi osemncane uThimothewu, okuningi kwalokho uPawulu akusho lapho ngenkulumo nangenkambo kungasiza noma imuphi umzalwane ofisa ukuba inceku ekhonzayo noma osekhonza kulesosikhundla kakade. Umphostoli wabhala: “Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka. Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. Ungasidebeseleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga. Nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.” Ikuphi ngokukhethekile odinga ukusebenzela kukho ukuze “ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke”? Thola ngomkhuleko lokho okudingeka ukwenze, bese ukwenza ngosizo lukaJehova!
Ukubhekana Nokudumazeka
14, 15. (a) Isiphi isikhuthazo esingokomBhalo esikhona ngezinceku ezikhonzayo okumelwe zibhekane nokuguga noma impilo ebuthakathaka? (b) Lamadoda angabakhuthaza kanjani abanye ebandleni?
14 Izinceku ezikhonzayo eziningi akusadingeki ukuba zibhekane nezinkinga eziqondene kakhulukazi nezinsizwa. Zibhekene neminyaka yokuguga noma impilo ebuthakathaka, okungase kuholele ekudumazekeni. Kodwa lezo eziqhubeka ziqinile ngokomoya zingathola induduzo kulamazwi kaPawulu awasho kumaKristu agcotshiwe ayekanye nawo: “Asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa-musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade, thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.” (2 Korinte 4:16-18) Izinceku zikaJehova ezinamathemba asemhlabeni nazo futhi zinamathemba akhuthaza kakhulu—lawo okuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni.—Luka 23:43; Johane 17:3.
15 Khona-ke lezozinceku ezikhonzayo ezingakwazi ukwenza okuningi njengabanye ngenxa yempilo ebuthakathaka noma ngenxa yokuguga zinesizathu esihle sokuba nombono ojabulisayo noqondile. Lokhu kubonisa ukwazisa ngeqiniso nokholo olujulile ezintweni zaphakade. Umoya omuhle kanjalo, uhambisana nenkonzo yokuzithoba, uyoba usizo olukhulu nesikhuthazo kubo bonke ebandleni.
16. Kungani inceku ekhonzayo kungamelwe idumale uma ingamiswa njengomdala?
16 Uma uyinceku ekhonzayo, qhubeka ‘ufisa isikhundla sombonisi’ ngokuthuthukisa ikhono lakho lokufundisa lezimfanelo ezingokomoya. (1 Thimothewu 3:1) Kodwa ungadumazeki uma ungamiswa ngokushesha njengomdala. Khumbula ukuthi njengenceku ekhonzayo enakekela imisebenzi yayo ‘ngokukhonza okuhle’ ufeza izinjongo ezinenzuzo futhi uwusizo ngempela ebandleni. Kuyilungelo elikhulu ukukhonza noma ngayiphi indlela phakathi kwenhlangano kaJehova nokusiza esikholwa nabo ukuba baqhubeke nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
Indlela Abanye Abangasiza Ngayo
17. Umkayo nabantabayo bangayisiza kanjani inceku ekhonzayo?
17 Ngokuqaphela izinjongo ezinenzuzo ezifezwa izinceku ezikhonzayo, bonke abantu bakaJehova kumelwe basekele imizamo yazo. Ngokwesibonelo, kuyoba lula ngendoda enjalo ukuba iqhubeke ‘ikhonza kahle’ uma umkayo nabantwana baneliswa izidingo zokuphila futhi bengafuni izinto zokunethezeka eziningi eziyodinga ukuba isebenze isikhathi esengeziwe emsebenzini wokuziphilisa.—1 Thimothewu 6:6-8.
18. (a) Abadala bangazisiza kanjani izinceku ezikhonzayo? (b) Kungani ukuxhumana okuhle kubalulekile phakathi kwabadala nezinceku ezikhonzayo?
18 Abadala bangazisiza izinceku ezikhonzayo ngokuzinikeza noma ikuphi ukuqondisa okudingekile neseluleko. Futhi uma intuthuko seyenziwe, kumelwe kwenziwe ukutusa okuqotho. Phakathi kwezinye izinto, abadala bangahamba nezinceku ezikhonzayo enkonzweni yasensimini, bazisize ekulungiseleleni izinkulumo, futhi bahlanganyele nazo ingcebo yabo yokuhlangenwe nakho kobuKristu. Ngokusobala isithakazelo esinjalo nokuxhumana ngezinye izikhathi kuye kwanganakwa. Ngokwesibonelo, lapho ibuzwa ngombiko wayo wasensimini ophansi, enye inceku ekhonzayo yatshela umbonisi wesifunda: “Ungibuzelani? Ubuphansi iminyaka eminingi, kodwa ungowokuqala ngqá ophawula okuthile ngawo.” Abadala abanikeza izinceku ezikhonzayo iseluleko esakhayo, nesothando nabazisiza ngokubekezela ezinkingeni zazo ngokuvamile baba nenjabulo yokubona imiphumela emihle.
19. Ilungu ngalinye lebandla lingazisiza kanjani izinceku ezikhonzayo ukuba zilondoloze ‘ukuma kwazo okuhle’?
19 Eqinisweni, ilungu ngalinye lebandla lingazisiza izinceku ezikhonzayo ukuba zilondoloze ‘ukuma kwazo okuhle.’ Kanjani? Ngokubambisana nazo nangokubonisa ukwazisa okuvela enhliziyweni ngomsebenzi wazo. Njengoba zonke izitho zomzimba womuntu ngokuvamile zisebenza ngobunye ukuze zibe nempilo enhle, ngokufanayo wonke amalungu ebandla kumelwe abambisane ukuze kuqinisekiswe impilo yalo enhle engokomoya. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:24, 25.) Ngenxa yalokho, kuningi okwenziwa izinceku ezikhonzayo ezisebenza kanzima ezifeza izinjongo ezinenzuzo nezilondoloza ukuma okuhle. Sengathi zona, nabo bonke oFakazi BakaJehova abaqotho, zingabheka ikusasa lenjabulo yaphakade, futhi ngobunye ziqhubeke zenza inhliziyo ‘kaNkulunkulu othokozayo’ ijabule.—1 Thimothewu 1:11, NW; IzAga 27:11.
Siza Uchaze
◻ Izinceku ezikhonzayo zingabhekana naziphi izinkinga?
◻ Abafazi nabantwana bezinceku ezikhonzayo bangenzani ukuze bazise?
◻ Yini abadala abangayenza ukuze basize izinceku ezikhonzayo?
◻ Yini ilungu ngalinye lebandla elingayenza ukuze lisize izinceku ezikhonzayo?
[Izithombe ekhasini 20]
Izinceku ezikhonzayo kumelwe ziyinakekele ngokwethembeka imithwalo yazo yemfanelo emsebenzini wokwenza abafundi nasebandleni
[Isithombe ekhasini 23]
Izinceku ezikhonzayo esezikhulile zingenza okuningi ekusizeni nasekukhuthazeni ibandla