Izinceku Ezikhonzayo—Isibusiso Kubantu BakaJehova
“Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe izinceku ezikhonzayo, uma bengasoleki.”—1 THIMOTHEWU 3:10, NW.
1. Obani abasiza ekuqinisekiseni injabulo nobunye bebandla?
UJEHOVA “uwuNkulunkulu othokozayo,” futhi ufuna ukuba izinceku zakhe zithokoze. (1 Thimothewu 1:11, NW) Ngenxa yalokho, uye walungiselela abadala nezinceku ezikhonzayo ukuze kubusiswe abantu bakhe. Lamadoda athembekile afeza izinjongo eziwusizo futhi asiza ukuqinisekisa injabulo, ubunye, nokusebenza okushelelayo kwebandla lobuKristu. Yeka indlela oFakazi BakaJehova ababonga ngayo ngenxa yenkonzo yothando newusizo eyenziwa yilaba abamisiweyo phakathi kwenhlangano kaNkulunkulu engokwasezulwini!
2. Isiphi isimo abadala nezinceku ezikhonzayo okumelwe babe naso, kodwa ikuphi okungamelwe neze balahlekelwe umbono wakho?
2 Nokho, naphezu kwengxenye ebalulekile abadala nezinceku ezikhonzayo abayifezayo ebandleni, akumelwe baqokomise ukubaluleka kwabo. Kumelwe bakhumbule ukuthi uJesu Kristu wayala abalandeli bakhe ukuba bazithobe. Wake wabatshela ukuthi: “Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalomntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.” (Mathewu 18:4) Futhi umfundi uJakobe wabhala: “Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.” (Jakobe 4:10; Roma 12:3) Kodwa ngokuba nesimo sokuzithoba akusho ukuthi lamadoda sekumelwe alulaze ukubaluleka komsebenzi wawo njengabadala nezinceku ezikhonzayo. Bangazithoba kodwa baqhubeke behola emisebenzini yenkonzo. Akumelwe neze balahlekelwe umbono wenjongo ewusizo efezwa umsebenzi wabo, kodwa kumelwe bakhumbule njalo isibopho sabo, kokubili kuJehova nakubazalwane babo abangamaKristu, sokwenza konke okusemandleni abo ekufezeni imisebenzi yabo.
3. Ukusebenza ngobunye phakathi koFakazi BakaJehova kungaqhathaniswa nani, futhi amadoda azinikezele angabuthuthukisa kanjani ubunye obunjalo nokuqhubekisela phambili izithakazelo zoMbuso?
3 Ukusebenza ngobunye phakathi koFakazi BakaJehova namuhla kungaqhathaniswa nobunye emzimbeni womuntu. Eqinisweni, umphostoli uPawulu wafanisa umzimba ongokomoya kaKristu nomzimba womuntu owenziwe ngamalungu amaningi. Nokho ukuze asizane, wonke amalungu omzimba asebenza ngobunye. (1 Korinte 12:12-31) Futhi, ngokuqinisekile, abadala nezinceku ezikhonzayo ezimisiwe bayisibusiso kubantu bakaJehova, ngoba lamadoda aqhubekisela phambili ukusebenza ngobunye kwebandla lobuKristu namuhla. (Qhathanisa nabaseKolose 2:18, 19.) Amalungu ebandla esilisa azinikezele lawo azama ukusekela ilungiselelo lenhlangano kaJehova ‘ngokufisa isikhundla sombonisi’ afeza ingxenye ebalulekile ebunyeni bobuKristu nasekuqhubekiseleni phambili izithakazelo zoMbuso. (1 Thimothewu 3:1) Kodwa indoda engumKristu ifaneleka kanjani, okokuqala, ukuba ibe inceku ekhonzayo?
“Mabaqale Bahlolwe”
4. (a) Kungani labo abangase babe izinceku ezikhonzayo kumelwe ‘baqale bahlolwe’? (b) Lamadoda kumelwe abe nesithakazelo sokwenzani?
4 Umphostoli uPawulu watshela ayesebenza naye uThimothewu lokho okwakudingekile ngaphambi kokuba amadoda amiswe njengezinceku ezikhonzayo. Phakathi kwezinye izinto, uPawulu wabhala: “Nalaba mabaqale bahlolwe, andukuba babe izinceku ezikhonzayo, uma bengasoleki.” (1 Thimothewu 3:10, NW) Lokhu kwakuyovimbela ukumiswa kwamadoda angafaneleki, lawo angahlangabezani nezimfuneko ezithile ezingokomBhalo eziyisisekelo. Kwakuyovumela futhi nesikhathi sokuthola izisusa zalabo ababengase babe izinceku ezikhonzayo. Ngokuqinisekile, lamadoda akumelwe ashukunyiswe isifiso sokuzuza udumo, ngoba lokho bekungabonisa ukuntuleka kokuzithoba. Kunalokho, ngokuqaphela iqiniso lokuthi ukuzinikezela komKristu kuNkulunkulu akunambandela futhi kuhlanganisa konke, umzalwane kumelwe abe nesithakazelo sokukhonza kunoma isiphi isikhundla uJehova abona kufanelekile ukuba amsebenzise kuso enhlanganweni yaKhe. Yebo, labo abangase babe izinceku ezikhonzayo kumelwe babe nesithakazelo sokukhonza njengoIsaya othembekile, owathi: “Nangu mina; ngithume mina.”—Isaya 6:8.
5. (a) Iziphi izimfuneko zezinceku ezikhonzayo ezibekwe kweyoku-1 Thimothewu 3:8? (b) Kusho ukuthini ukuba ‘nesizotha’? (c) UPawulu wayesho ukuthini lapho ethi izinceku ezikhonzayo akumelwe zibe “ndibimbili”?
5 “Ngokunjalo namadiyakoni [“izinceku ezikhonzayo”] kufanele abe nesizotha, angabi-ndibimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,” kuchaza uPawulu. (1 Thimothewu 3:8) Nakuba ezinye izinceku ezikhonzayo zingase zibe zincane ngeminyaka uma kuqhathaniswa, aziyona intsha futhi kumelwe zibe ‘nesizotha.’ Kumelwe zibe sezifundile ukubheka izindaba ezibalulekile ngokungathi sína. (Qhathanisa nezAga 22:15.) Kumelwe zithembeke futhi zibe ezinakekelayo, hhayi amadoda athambekele ukuthatha umthwalo wemfanelo kalula. Ngempela, kumelwe kuthenjelwe kuzo, ekuthatheni imisebenzi yazo ngokungathi sína. Kakade, yini enye engakhathalelwa kakhulu kunenkonzo engcwele eyenzelwa uJehova? Kuyindaba yokufa nokuphila—kuzona nakwabanye. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:16.) Ngaphezu kwalokho, ngokuthi izinceku ezikhonzayo, akumelwe zibe “ndibimbili,” uPawulu wayesho ukuthi kumelwe zibe ezingagwingcizi nezineqiniso, ezingacethezi, ezingazenzisi, noma ezingagwegwesi.—IzAga 3:32.
6. Iziphi ezinye zezindlela izinceku ezikhonzayo okumelwe zibonise ngazo ukulinganisela?
6 Ukulinganisela okuhle kuyafuneka nakanjani ekuphileni komuntu siqu kwamadoda afanelekela ukuba izinceku ezikhonzayo. UPawulu ngokusobala wayesho ukuthi kumelwe zibalekele ubudakwa, ukuhaha, nokungathembeki uma ethi akumelwe ‘zinake kakhulu iwayini’ noma ‘zihahele inzuzo embi.’ Lamadoda angamaKristu kumelwe futhi akugweme ukunikeza ngisho nomqondo wokuthi anesithakazelo eseqile ezinjabulweni noma ezintweni ezibonakalayo. Kumelwe alwele njalo ukubeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni. Lokhu kuyowasiza ukuba alondoloze ‘unembeza omhlophe’ phambi kwabantu akanye nabo, futhi okubaluleke kakhulu, emehlweni kaNkulunkulu.—1 Thimothewu 3:8, 9.
7. (a) Kungani kungase kuthiwe imithwalo yemfanelo yezinceku ezikhonzayo akuyona eyengane? (b) Ukungashadi kwenceku ekhonzayo kungase kwembuleni ngayo?
7 Imithwalo yemfanelo enzima ethweswa izinceku ezikhonzayo ayihloselwanga izingane. Lamadoda akhulunyelwa emiBhalweni njengalawo aseneminyaka yokuthi angashada futhi abe nomkhaya. Ngaphansi kwalezozimo, kuyodingeka abe “abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.” (1 Thimothewu 3:12) Ingabe lokhu kusho ukuthi insizwa ngeke yafaneleka ukuba ibe inceku ekhonzayo kuze kube yilapho isishadile futhi yaba nomkhaya? Cha, akunjalo neze. Eqinisweni, ukungafiseli kwayo ukugijimela umshado ngaphandle kokuwulungela ngokugcwele noma ngaphambi kokuthola umngane ofanelekayo ongumKristu obhapathiziwe kungase kwembule izinga elithile lokuvuthwa elidingekile ukuba inakekele kahle izindaba zayo siqu nemithwalo engathi sína ngokwengeziwe yebandla.
8. Ngokweyoku-1 Thimothewu 3:13 noMathewu 24:14, imuphi umthwalo wemfanelo ophezu kwezinceku ezikhonzayo?
8 UPawulu wathi “amadiyakoni [“izinceku ezikhonzayo,” NW] akhonzé kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKristu Jesu.” (1 Thimothewu 3:13) Enye indlela ezingabonisa ngayo ‘isibindi’ esidingekile iwukuba ngezishisekayo ekushumayeleni “lelivangeli lombuso.” (Mathewu 24:14) Kumelwe ziqaphele ukuthi zihlanganyela nabadala umthwalo wemfanelo wokuhola ekushumayeleni endlini ngendlu nasekuhlanganyeleni kwezinye izici zenkonzo. (IzEnzo 5:42; 20:20, 21) Njengoba isimiso sikaSathane sisondela ngokushesha ekupheleni kwaso, umsebenzi wokushumayela uba ngophuthuma kakhulu. Ngakho-ke, izinceku ezikhonzayo, kumelwe zigcine umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ungophuthumayo phambi kwebandla ngokubeka isibonelo somuntu siqu esihle kakhulu enkonzweni yasensimini.
Ukusizwa Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
9. Ngokubheka ukuphuthuma kwezikhathi zethu, iyiphi inkonzo amaKristu amaningi aye ayithatha?
9 Ngokubheka ukuphuthuma kwezikhathi zethu ezinzima, amadoda amaningi angamaKristu nabesifazane aye athatha inkonzo yesikhathi esigcwele. Amaningi, abizwa ngokuthi amaphayona, ngokwesilinganiso, asebenza amahora aphakathi kwamabili nayisihlanu emsebenzini wokushumayela nsuku zonke, amanye awo asebenza njengezithunywa zevangeli emazweni angewona awakubo. Amanye akhonza isikhathi esigcwele endlunkulu yeWatch Tower Society noma emahhovisi ayo egatsha emhlabeni wonke. Inkonzo yawo ingumthombo wenjabulo nokwaneliseka kuwona nakulabo abakhonzayo. Futhi ezimweni eziningi okuhlangenwe nakho enkonzweni yesikhathi esigcwele kuye kwasiza amadoda ukuba athuthukise izimfanelo ezidingekile ekukhonzeni ibandla ngokuzuzisayo njengezinceku ezikhonzayo.
10, 11. Njengoba kuye kwaboniswa ngokuladisa kwabathile okuphawulwe lapha, amadoda afisela ukuba izinceku ezikhonzayo angazuza kanjani ngenkonzo yesikhathi esigcwele?
10 Omunye owayeyinceku ekhonzayo, manje ongumdala ebandleni laseBerlin, eJalimane, uthi ngomsebenzi wobuphayona awuthatha eminyakeni eminingi edlule eseyinsizwa: “Ngingathi kwakuyisinyathelo engingakaze ngizisole ngaso. UJehova uye wangibusisa. Ubuhlobo bami naye buye baba ngobujule kakhulu.” Yebo, njengabanye abayizinkulungwane, lomzalwane wathola ukuthi inkonzo yesikhathi esigcwele ingabujulisa ubuhlobo bomuntu noJehova futhi isheshise intuthuko ekuvuthweni kobuKristu.
11 Omunye osenesikhathi eside ephayona uchaza indlela inkonzo yesikhathi esigcwele eyamsiza ngayo. Uthi, “Ngathi ukwehla futhi ngalinganisela ngokwengeziwe ngokuqondene nokwenza izinqumo ezisheshayo. Ngajabula kakhudlwana futhi ngaba ngophumelela kangcono ekusebenzelaneni nezinhlobo ezihlukene zabantu.” Ingabe lezi akuzona izimfanelo eziphakathi kwalezo ezidingwa amadoda afisa ukukhonza njengezinceku ezikhonzayo?
12. (a) Imaphi amathuba akhona okuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele? (b) Ukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele kudinga maphi amakhono angasiza inceku ekhonzayo ukuba ifeze imisebenzi yayo?
12 Ukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele, uma imithwalo yemfanelo engokomBhalo ivuma, kungase kusebenze njengethuba elimangalisayo kumaKristu esilisa ukuba ‘ahlolwe kuqala.’ Abanye bangase bathathe inkonzo enjalo ekuphileni kwabo konke, abanye ngezikhathi ezihlukahlukene. Abasha bangase benze njalo phakathi namaholide esikole, nabadala phakathi nesikhathi sokuphumula noma phakathi kwezinye izikhathi ezifanelekayo kuwo wonke unyaka. Ngempela, ukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele kudinga ukulinganisela nokuhlela ngokunakekela. Lamakhono adingwa inceku ekhonzayo futhi ayoyisiza ekufezeni imisebenzi yayo. Miphi imisebenzi?
Imisebenzi Yezinceku Ezikhonzayo
13. IzEnzo 6:1-6 zisikiselani ngokuqondene nohlobo lomsebenzi owabelwa izinceku ezikhonzayo?
13 Nakuba izEnzo 6:1-6 zingasebenzi ngokuqondile ekumisweni kwezinceku ezikhonzayo, okushiwo lapho kusikisela uhlobo noma isimo semisebenzi ngokuvamile engase yabelwe izinceku ezikhonzayo. Hhayi ngokufundisa ezikholwa kanye nabo kodwa ngokwaba ukudla, “amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle” akhethwa ngalesosikhathi akhulula abaphostoli ukuze ‘baqinisele ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.’ Ngokunakekela imisebenzi efanayo namuhla, izinceku ezikhonzayo zinikeza abadala isikhathi esiningi sokwelusa nokufundisa “umhlambi kaNkulunkulu.”—1 Petru 5:2, 3.
14. Imiphi imisebenzi ehlukahlukene engase yabelwe izinceku ezikhonzayo?
14 Ngokuqondene nemisebenzi yezinceku ezikhonzayo, incwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ithi: “Enye inceku ekhonzayo ingase yabelwe ukunakekela izincwadi zebandla, yenze kube nokwenzeka ngathi sonke ukuthola izincwadi esizidingayo zokuzisebenzisela thina siqu nasenkonzweni yasensimini. Enye ingase inakekele umagazini ebandleni. Ezinye zabelwa imisebenzi yokugcina imibhalo njengezimali zebandla noma ukwaba insimu, noma zisetshenziswa ekunakekeleni imibhobho, ukunakekela indawo yesikhulumi noma mhlawumbe ukusiza abadala nangezinye izindlela. Kunomsebenzi omningi wokwenziwa ekunakekeleni iHholo LoMbuso nasekuligcineni lihlanzekile, ngakho izinceku ezikhonzayo zivame ukucelwa ukuba zisize ekunakekeleni imithwalo enjalo. Izinceku ezikhonzayo futhi zabelwa ukukhonza njengabalindi, ukwamukela abasha nokusiza ekugcineni ukuhleleka emihlanganweni yebandla.”—Ikhasi 57-8.
15. (a) Ukuze akhonze ngokuphumelelayo njengezinceku ezikhonzayo, yini edingekile ngaphandle kwekhono eliwusizo? (b) Nakuba izinceku ezikhonzayo zinakekela izinto ezihlukahlukene, yini okumelwe ziyikhathalele ngokuyinhloko?
15 Ingabe noma imuphi nje umzalwane onekhono eliwusizo angawenza umsebenzi onjalo? Cha, ngoba ‘amadoda anodumo oluhle’ akhethwa ekhulwini lokuqala eJerusalema ‘ayegcwele umoya nokuhlakanipha,’ noma “ayewusizo futhi enomqondo ongokomoya.” (IzEnzo 6:3, Phillips) Ngisho noma ayesengamadoda amadala phakathi kwabantu bakaJehova, abelwa umsebenzi ofana nalowo owenziwa izinceku ezikhonzayo manje. Ngakho uma izinceku ezikhonzayo zanamuhla zifuna ukufeza imisebenzi yazo ngokuphumelelayo. kumelwe ‘zibe ngeziwusizo futhi zibe nomqondo ongokomoya.” Lapho zimatasa ngemininingwane yokuhleleka kwezinto, isithakazelo sazo esiyinhloko kumelwe sibe ukukhonza abantu ngezindlela ezizuzisa ngokomoya.
16. Uma bengekho abadala abanele ebandleni, izinceku ezikhonzayo zingase zabelwe miphi imisebenzi?
16 Njengoba izinceku ezikhonzayo kumelwe zibe nomqondo ongokomoya, ngezinye izikhathi zingase zisetshenziswe emisebenzini ngokuvamile eyenziwa abadala. Incwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, (amakhasi 58-9) iyachaza: “Uma bengekho abadala abanele bokuqhuba iZifundo Zencwadi ZeBandla, ezinye zezinceku ezikhonzayo ezifaneleka kangcono ziyasetshenziswa njengabaqhubi bezifundo ukuba zinakekele amaqembu abelwe. Zingase zabelwe ukusingatha izingxenye eMhlanganweni WeNkonzo kanye neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nokunikeza izinkulumo zeningi ebandleni. Amanye amalungelo angase adluliselwe kwezinye zezinceku ezikhonzayo lapho kunesidingo esithile futhi zihlangabezana nezimfuneko zalesosabelo.—Qhathanisa no-1 Petru 4:10.”
17. UStefanu wayeluhlobo luni lwendoda, futhi imuphi umbuzo lokhu okuwuphakamisayo ngokuqondene nezinceku ezikhonzayo?
17 Enye yamadoda “ayisikhombisa anodumo oluhle” ezikhathini zeBhayibheli ‘kwakunguStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa nomoya ongcwele.’ (IzEnzo 6:5) Ngaphambi kokuba afe njengomfel’ ukholo othembekile, uStefanu wanikeza ubufakazi obuvusa amadlingozi phambi kweSanhedrin yamaJuda. Funda lendaba, futhi uzokwaneliswa ukuthi wayenomqondo ongokomoya, ufakazi ovelele owayekuvumela ukuqondisa komoya ongcwele futhi enesithakazelo sokunikela ukuphila kwakhe enkonzweni kaJehova. (IzEnzo 6:8–7:60) Uma uyinceku ekhonzayo, ingabe uthatha imisebenzi yakho yebandla nenkonzo yasensimini ngokungathi síina njengoba ngokusobala uStefanu athatha imithwalo yakhe yemfanelo nelungelo lakhe lokukhuluma iqiniso?
Zifaneleka Kanjani?
18. Kungathiwani ngomsebenzi wezinceku ezikhonzayo eziningi, futhi zingaqinisekiswa ngani?
18 Izinceku ezikhonzayo eziningi zibeka isibonelo esihle ekuphileni kobuKristu, zinakekela kahle imithwalo yazo yemfanelo yebandla, futhi zihola kahle enkonzweni yasensimini. Umsebenzi wazo waziswa kakhulu izikhonzi ezikanye nazo futhi ngeke uJehova angawuvuzi, ngoba amaKristu angamaHeberu aqinisekiswa: “Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.”—Heberu 6:10.
19. (a) Imiphi imibuzo inceku ekhonzayo ngayinye engazibuza yona? (b) Kungani kuzoba nenzuzo ukuxoxa ngezinkinga ezinye izinceku ezikhonzayo eziye zahlangabezana nazo?
19 Nokho, inceku ekhonzayo ngayinye ingazibuza: Ngifaneleka kanjani ngokwezindinganiso ezingokomBhalo? Ingabe ngempela nginengxenye ebunyeni bebandla? Ingabe imisebenzi engiyabelwe ngiyinakekela kahle nangenkuthalo? Futhi ingabe ngibeka isibonelo esihle enkonzweni yasensimini? Ezinye izinceku ezikhonzayo ziye zahlangabezana inezinkinga ekufinyeleleni kulokho okufuneka kuzo. Khona-ke ake sixoxe ngezinye zalezinkinga. Ukwenza kanjalo kungasiza inceku ekhonzayo ngayinye ukuba ‘ihlole owayo umsebenzi.’ (Galathiya 6:4) Kumelwe futhi kwandise ukwazisa abanye abanakho ngemisebenzi yothando eyenziwa yilamadoda afeza izinjongo eziwusizo phakathi koFakazi BakaJehova futhi ayisibusiso ngempela kubantu bakaNkulunkulu.
Ungachaza?
◻ Izinceku ezikhonzayo ziyisibusiso kanjani kubantu bakaJehova?
◻ Inkonzo yesikhathi esigcwele ingabasiza kanjani abazalwane abafuna ukuba izinceku ezikhonzayo?
◻ Kungani izinceku ezikhonzayo kumelwe zibe ‘eziwusizo futhi zibe nomqondo ongokomoya?’
◻ Kukanjani uStefanu othembekile ayeyisibonelo esihle ezincekwini ezikhonzayo namuhla?
[Isithombe ekhasini 15]
Abadala nezinceku ezikhonzayo bayisibusiso ebandleni
[Isithombe ekhasini 17]
Inkonzo yobuphayona iwukuziqeqesha okuhle kakhulu kulabo abafisa ukuba izinceku ezikhonzayo noma abadala