IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Ungasikhulekela Yini Isithombe?
Kuthiwani uma isijeziso sokungasikhulekeli singesokufa? Khona-ke ungasikhulekela yini isithombe? Leso kwakuyisimo okwakubhekwene naso eBabiloni lasendulo eminyakeni engaphezu kwezi-2 500 edlule.
UNEBUKADINESARI inkosi umisa isithombe segolide esikhulu esingamamitha angama-27 ubude ethafeni laseDura. Khona-ke ubizela ndawonye izikhulu zombuso wakhe zalo lonke izwe ukuba zizosikhulekela. Abakhulekeli abathathu bakaJehova okunguShadiraki, uMeshaki noAbedi-Nego, njengoba ungababona, baphakathi kwalabo abakhona.
Ummeleli wenkosi uyamemeza ukuba bonke ‘bawe phansi, bakhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo.’ Uma wawulapho, wawuyokwenzani? Bonke bayaguqa bayasikhulekela ngaphandle kukaShadiraki, uMeshaki noAbedi-Nego. Basala bemile ngoba bayazi ukuthi kungokuphambene nomthetho kaNkulunkulu ukukhulekela isithombe.—Eksodusi 20:4, 5.
Abakhulekeli abathathu bakaJehova balethwa phambi kweNkosi uNebukadinesari. “Kungamabomu yini,” uyabuza, “ningakhonzi unkulunkulu wami, ningakhuleki esithombeni segolide engisimisileyo, na?” Khona-ke uthi: “Uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona lesosikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowonkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”
Ubhekene nokusongela okunjalo, wawuyokwenzenjani? UShadiraki, uMeshaki noAbedi-Nego, njengoba ungase ubone, baphendula ngokuqondile bathi: “Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula. . . . Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”
Inkosi iyathukuthela. Iyayaleza: ‘Shisani isithando somlilo kasikhombisa kunangokujwayelekile! Babopheni nibaphonse kuso!’ Kodwa yini eyenzekayo kuShadiraki, uMeshaki noAbedi-Nego? Bawela phakathi naphakathi komlilo. Khona-manjalo bayasukuma futhi baqala ukuhamba phakathi komlilo.
Lapho inkosi ibheka phakathi, ibona abantu abane esikhundleni sabathathu kuphela behamba phakathi bengashile! Umuntu wesine uyingelosi uJehova ayithumele ukuba ivikele izinceku zakhe ezithembekile. Ngenxa yalokho inkosi iyethuka kakhulu futhi iyamemeza: “Shadiraki, Meshaki, noAbedi-Nego, nina-zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha!” Futhi benza kanjalo.—Daniyeli 3:1-30.
UJehova wajatshuliswa ukholo nesibindi sezinceku zakhe. Futhi, uyojabula nangathi, uma sinesibindi sokwenqaba ukukhulekela noma ukwenzela izinkonzo noma iluphi uhlobo lwesithombe leso abaholi bezwe abangasimisa.