Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabajabulela omagazini abaningana bamuva beNqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungawakhumbula yini amaphuzu alandelayo:
◻ Yini engasiza amaKristu ukuba anqobe amaphutha asekusithekeni?
AmaKristu athanda ukuthokozisa uJehova kumelwe aphile ngokwazi ukuthi ngeke awafihle amaphutha awo kuJehova. Futhi, kumelwe alwamukele usizo lukaJehova lokunqoba ubuthakathaka obunjalo. (UmShumayeli 12:14; Filipi 4:13)—4/15, ikhasi 20.
◻ Iyiphi inselele yokuvuthwa kobuKristu okumelwe inceku ngayinye kaJehova iyicabangele ngokungathi sína?
Ingabe inceku kaJehova izimisele futhi iyakushisekela ukwamukela umthwalo wemfanelo oza nokuba umuntu ongokomoya okhule ngokuphelele, novuthiwe? Noma, ingabe imane nje iyolandela, yenza abanye bayithwalele imithwalo yayo yemfanelo? (Galathiya 6:4, 5)—5/1, amakhasi 9, 10.
◻ Singawubonisa kanjani umusa ngokwakha ubungane beqiniso?
Umusa ngasohlangothini lwethu uboniswa lapho sivumela abanye bazi ukuthi siyabazisa. Lokhu singakwenza ngokulalela abanye futhi ngokungayengameli ingxoxo ngokukhuluma kakhulu ngathi siqu. Umusa uyaboniswa futhi ngokuqaphela esikusho kwabanye. (IzAga 12:18)—5/15, ikhasi 4.
◻ UJesu wayesho ukuthini lapho ethi kuMarku 9:50: “Yibani nosawoti phakathi kwenu”?
UJesu wayebhekisela ekucabangelaneni kwabafundi bakhe, ekuhlakanipheni, ekuhlanzekeni, nasekubeni nokuthula ekukhulumeni nasekuziphatheni—benze ngendlela enhle komunye nomunye.—5/15, ikhasi 24.
◻ Imaphi amanye amaqiniso aphikisana nokuthi uJesu wazalwa ngoDecember 25?
UDecember uyisikhathi semvula, nesamakhaza eBetlehema, khona-ke abelusi babengeke babe semadlelweni nemihlambi yabo ebusuku. Ngokunokwenzeka abantu babengeke bacelwe uKesari waseRoma ukuba bahambe ebusika bayobalwa ngoba amaJuda kakade ayeseqophelweni lokuvukela amaRoma.—6/1, ikhasi 8.
◻ Kungani ubhapathizo kumelwe lube isikhathi sokuzindla nokucabanga ngokujulile ngalabo abayobhapathizwa?
Ubhapathizo luyisikhathi lapho umuntu ebonisa khona ukuthi uye wenza isinqumo esibalulekile—ukuzithoba kuNkulunkulu njengeNkosi, nanjengoFakazi kaJehova, ukungabi yingxenye yezwe. (Luka 3:21; Mathewu 4:10; 1 Johane 5:19)—6/1, ikhasi 31.
◻ UJesu wayesho ukuthini lapho ethi kuLuka 1:37: “Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu”?
Amazwi kaJesu awachazi ukuthi uNkulunkulu angamane asho noma yini kodwa, kunalokho, asho ukuthi alikho izwi noma isimemezelo esiphuma kuJehova esingeke sigcwaliseke. (Isaya 55:10, 11)—6/15, ikhasi 14.
◻ Abantu bakaJehova namuhla bondliwa kanjani “ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu” (Mathewu 4:4)?
Lokhu kondliwa akwenziwa ngokumane nje uzifundele noma uzitadishele iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, kodwa kwenziwa lapho abantu bakaJehova bejabulela indlela emangalisayo uJehova agcwalisa ngayo amazwi akhe kubantu bakhe, behlangene noma ngabanye, enza izinto ngenxa yabo.—6/15, ikhasi 17.
◻ Iziphi ezinye zezici eziyinhloko zenkolo yamaHindu?
Abakhulekeli bamaHindu ababuswa indikimba ebusayo; ayikho indlela emisiwe yokukhulekela; umthombo wabo wezinkolelo awukho kunoma iyiphi incwadi enjengeBhayibheli; kodwa, kunalokho, emakhulwini amaningi eminyaka kuye kwabonakala imibhalo ehleliwe eminingi yamaHindu, futhi kuye kwamiswa izikole eziyisithupha ezihlukahlukene zolwazi lokuhlakanipha.—7/1, ikhasi 4.
◻ AmaKristu ekhulwini lokuqala ayemphatha kanjani umuntu owayengeyena umenzi wobubi oxoshiwe, kodwa ngokuzithandela oye wayeka indlela yobuKristu?
Umphostoli uJohane wanikeza isiyalo ngabantu ‘abaye baphuma kithi’ nangalabo ababeletha imfundiso yamanga. (1 Johane 2:19) Ku-2 Johane 10 wayala ukuthi amaKristu kwakungamelwe ‘amukele abantu abanjalo ezindlini zabo’ noma ababingelele. Igama elithi “ukuhlubuka” livela egameni lesiGreki lelo elinomqondo ‘wobumbuka, ukushiya, noma ukuvukela,’ futhi umuntu owayezehlukanise ngokuzithandela nangendlela evamile nebandla lobuKristu wayeyifanela leyoncazelo. AmaKristu athembekile ayengeke afune ukuzihlanganisa nesihlubuki esinjalo.—7/15, ikhasi 31.
◻ Ingatholwa kanjani inkolo yeqiniso?
Inkolo yeqiniso kumelwe ihlangabezane nezindinganiso zikaNkulunkulu zeqiniso njengoba zibekwe eBhayibhelini; kumelwe ithele isithelo sokuthula sothando; futhi kumelwe ilihloniphe igama likaNkulunkulu, uJehova.—7/15, ikhasi 7.