Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 8/15 kk. 3-4
  • Unya Lomuntu Kumuntu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unya Lomuntu Kumuntu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizo Ngezisulu Zokuhlukunyezwa
    I-Phaphama!—2000
  • Unya—Ukuphela Kwalo Kuseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ama-Aztec—Umshikashika Wawo Othakazelisayo Wokulwela Ukusinda
    I-Phaphama!—1999
  • Izisulu Noma Abafel’ Ukholo—Uyini Umehluko?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 8/15 kk. 3-4

Unya Lomuntu Kumuntu

INDAWO—kusezweni eliseNtshonalanga Afrika, ngo-1961. Amabutho ezempi anezinsabuli eziqinile ngokushesha aphazamisa umhlangano onokuthula wamaKristu. Abafaka ozankosi abantu abakhona futhi khona-ke abashaya ngonya abashiya ‘beyinyanda.’ Umqhubi womhlangano ushaywa kaningi ngesagila aze ahlanze igazi izinsuku ezingama-90. Amaphoyisa alindele ukuthi labantu bangafa noma nini.

“Unya lomuntu kumuntu” kuyindaba enyinyiphalisayo futhi eqhubeka njalo nomlando. AbaseAsiriya lasendulo babebethela iziboshwa zabo zempi ezigxotsheni ezazidlunyekwa esiswini zize ziphumele esifubeni. AmaRoma ayenendlela yawo yokusebenzisa isigxobo. Izisulu zawo zazishaywa kuqala kabuhlungu kangangokuba inyama ngokuvamile yayize ikhixike emathanjeni. Khona-ke zaziboshwa noma zibethelwe ngezipikili ezigxotsheni eziqondile futhi zishiywe lapho zize zife—kancane kancane, ngobuhlungu obukhulu.

Ukungabi naluzwela okushaqisayo nesihluku ngokuvamile kuye kwaboniswa abapristi. Ama-Aztecs aseMexico ayenza imihlatshelo ngabantu kunkulunkulu wawo uHuitzilopochtli ngokukhipha izinhliziyo zezisulu zawo eziphilayo. Nokho, ngekhulu le-16, uHernán Cortés waseSpain wawanqoba ama-Aztecs. Ingabe inkolo yakhe yayingcono? Ngalezozinsuku Ibandla labahlola amacala abahlubukayo laseSpain lasebenzisa amakamelo okubulala ngokwesabekayo futhi lishisa “abantu ababefundisa okuphambene” baze bafe. Umshini wokuthwishila, indlela evamile yokuzwisa ubuhlungu, wawuklazula imilenze yesisulu kuze kube yilapho seyihinyika enyongeni. Ezinye izindlela zazisabeka ngokwengeziwe—kodwa sizoma lapho ukuze ungakhathazeki.

Abanye abantu bacabanga ukuthi, ‘Kodwa konke lokhu sekwadlula.’ ‘Abantu banesihawu ngokwengeziwe futhi baphucukile namuhla.’ Ingabe kunjalo?

Ukuhlushwa akuyona neze into esidlule. Kuyiqiniso, ukushiswa phambi kwabantu okwesabekayo okwake kwenzelwa izixuku ezinobusathane nezingenasihawu nabefundisi sekuyinto edlule. Kodwa ngasese emajele, ukuhlushwa kusenziwa ngokuvamile futhi kaningi—ngokuvamile ngezindlela eziphambili ezingashiyi nomyocu wobufakazi. Ezweni laseNingizimu Melika, isisulu esahlushwa ngokwesimanje ngokubanjwa okuhluthulayo ngogesi sathi: “Into efika kuphela emqondweni ukuthi: bakleklebula inyama yami. Kodwa abazange bayikleklebule inyama yami. . . . Abashiyanga ngisho nemiyocu.”

Omunye umbiko wephephandaba uthi amazwe amaningi “adume ngokuhlupha nangokubulala iziboshwa zezombangazwe.” Umbiko uqhubeka uthi: “Abantu futhi baye ‘banyamalala’ ngemva kokuboshwa—abaphindanga babonwa.” Ikomiti Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene iye yavukelwa “njengombangeli wokucindezela nokuphathwa kabi” ngaphezu kwezikhathi eziyi-100 ezishiwo ilungu leUN.

Ukubulawa okukhulu ngokuceka kuye kwaba ngokuvamile kulelikhulu lama-20. Ngo-1915-16 ibutho elihlaselayo lasetshenziswa ukuthengisa ngenkani abantu baseAmenian, phakathi nalokho cishe kwafa isigidi sabaseAmenian. Kulinganiselwa ukuthi ngenxa yokuvukelwa kombuso eRussia, izakhamizi eziyizigidi eziyi-14 zafa phakathi kuka-1914 no-1926. EChina, kusukela ngo-1949 kuya ku-1958, izigidi eziphakathi kwe-15 nama-30 zashabalala “emikhankasweni yezombangazwe yokubulala.” Ukubulawa okukhulu kwamaJuda kuye kwaba ngokuvamile emakhulwini amaningi; kodwa akukho okwakuxhaphazelisa amathumbu nokwakudlulele njengokubulawa kwamaJuda angaphezu kwezigidi eziyisithupha ngaphansi kwamabutho kaHitler.

Nokho, kunezono zokuyekelela nezokwenza okuthile. Unya lungase luzibonise ngokunganaki labo abasenkathazweni. Endabeni yamuva yokuhlola eNingizimu Afrika, owesifazane walala wanganyakaza eduze kwemoto yakhe eceleni komgqwaqo ovulelwe ukuze abone noma kwakungaba khona owayengama futhi asize. Akukho muntu owama ezinsukwini ezimbili.

Unya lusobala futhi emazweni ajabulela inala yokudla. Yini eyenziwayo ngakho? Okuningi kuyalahlwa. Kodwa futhi, ngokombiko weUN ka-1982, izingane eziyizi-40 000 ziyafa ngenxa yokungondleki nokuthelelana ngezifo—nsuku zonke!

Ngakho-ke, “unya lomuntu kumuntu” luqhubeka ngisho nakulenkathi yethu “ekhanyiselwe.” Kodwa konke kwaqala kanjani? Ingabe ukhona ongakuqeda?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela