Inikeza Ithemba Elimangalisayo
Indoda eyayinabantwana abathathu abancane yafa esikhathini esingaphezudlwana konyaka esidlule esibhedlela somdlavuza iSloan-Kettering eNew York City. Isikhonzi esasiqhuba inkonzo yomngcwabo enkulumweni yaso sachaza ukuthi kusasele amahora nje ngaphambi kokuba lendoda ife yacela umkayo ukuba aphakamise incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni phambi kwayo ukuze ifunde futhi ingxenye ekhuluma ngethemba lovuko. Ekupheleni kwaleyonkonzo isikhonzi sathi ibandla loFakazi BakaJehova lifisela ukuba amalungu omkhaya walendoda athole isiboniselo salencwadi eyanikeza isihlobo sawo ithemba eliqine kanjalo. Abaningi, kuhlanganise nomngcwabi wendawo, beza ngaphambili ngomdlandla futhi bacela ezabo. Ingqikithi yezincwadi ezingama-20 zahanjiswa kulabo ababekhona.
Sinomuzwa wokuthi nawe, uyozuza kakhulu ekunikezweni okucacile nokushukumisayo kwethemba leBhayibheli elimangalisayo elisencwadini Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Lencwadi ephawulekayo inamakhasi angama-256. Inobungako bamakhasi obufanayo nobalomagazini futhi igcwaliswe ngemifanekiso yokufundisa engaphezu kweyi-150, eminingi inombala omuhle. Yi-ode manje. Ama-R3 kuphela.
Sizani ningithumelele incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngithumela ama-R3.