Unya—Ukuphela Kwalo Kuseduze!
“INTO enhle iyinjabulo yaphakade,” kwabhala imbongi uKeats. Izinto eziningi ezinhle—imifanekiso ependiwe, eqoshwe ematsheni futhi ikakhulukazi imisebenzi yobuciko yokubhala—yembula okuthile ngomenzi wayo. Umhlaba, “into enhle,” nezimangaliso zawo zokuphila, ukukhula, imibala, ukunambitheka nezinye izinto eziyizinkulungwane ezijabulisayo, kwembula ngoMdali onokuhlakanipha okuphelele, onamandla onke nonothando oluphelele.
Umsebenzi omkhulukazi wokubhala odlula yonke, iBhayibheli, uye waba “into enhle” “nenjabulo” ezigidini emakhulwini eminyaka. Usitshela ukuthi “uNkulunkulu uluthando,” ukuthi ‘unesihe nomusa’ nokuthi umuntu wenziwa “ngomfanekiso wakhe.” (1 Johane 4:8; Eksodusi 34:6; Genesise 1:27) Iningi lesintu libonisa ngokukhanyayo izimfanelo zoMenzi waso futhi libonisa isihe soqobo nomusa. Liyakuzonda ukuphathwa kabi nokuphatha ngonya. Pho—
“Unya Lomuntu Kumuntu” Lwaqala Kanjani?
Ngokuqinisekile aluveli kuNkulunkulu. Ngaphambi kokudala umbhangqwana wokuqala wabantu, wawulungiselela ngothando ikhaya elihle. Ingxenye ethile yomhlaba yahlotshiswa ngemithi, izimbali, izithelo, imifula nezilwane eziningi—iPharadesi! Ukuze bajabulele lobubuhle phakade, kwakufanele bathobele uNkulunkulu, benze izinto ngendlela yakhe. Kodwa babengewona amarobhoti, aklanyelwe ukulalela; babenenkululeko yokwenza abakuthandayo neyokukhetha. UNkulunkulu wayefuna ukuba izidalwa zakhe ezingabantu, umqhele wenkazimulo wendalo yakhe ebonakalayo, zimkhonze ngoba zimthanda futhi zijabulela ukwenza intando yakhe.
KuNkulunkulu nasendalweni yakhe engabonakali yezingelosi, insimu yase-Edene nababekuyo abajabulayo, nabanobunye kumelwe ukuba kwakuwumbukwane omuhle. Injongo kaNkulunkulu yayiwukuthi, kusukela kulesiqalo esikhazimulayo, wonke umhlaba ube yiPharadesi lembulunga elinabantu abajabulayo, abamhloniphayo nabamdumisayo.
Kodwa izingelosi nazo zazingabantu abakhululekile ngokuqotho. Enye yazo yavumela ukuhaha nesifiso kuyibambe. Yaqala ukuzibona isiwunkulunkulu wesintu. (2 Korinte 4:4) Ngakho yaceba ukuhlula abantu ababili bokuqala ukuba babe ngasohlangothini lwayo. Ukuze iyenge uEva ukuba ahlanganyele nayo ekuvukeleni, yamthembisa lokhu, ‘Nizokuba njengoNkulunkulu,’ futhi, ngokwengeziwe, “aniyikufa nokufa”—amanga okuqala ake akhulunywa. (Genesise 3:4, 5) UEva wawela esiyengweni, futhi uAdamu kamuva wahlanganyela ngokuvumela ukukhuthazwa umluleki wabo oyingelosi ehlubukayo. Owayeyingelosi ekuqaleni waba kanjalo isitha sikaNkulunkulu, noma “uSathane” ngesiHeberu.
“Uyakufa nokufa.” UNkulunkulu wayexwayise uAdamu ukuthi lokhu kuyoba umphumela wokuhlubuka. (Genesise 2:17) Ngenxa yokuba isithembiso sikaSathane sokungafi enyameni singamanga neseluleko sikaNkulunkulu siyiqiniso, uAdamu noEva bafa, kanjalo uSathane waba “umbulali wabantu kwasekuqaleni.” (Johane 8:44) Ngenxa yethonya lakhe elibi ngokwesabekayo, ukuthula nobunye emkhayeni wesintu nakho kwaphela. Kamuva, indodana endala ka-Adamu, uKayini, yaba nomona ngenxa yokuba umnikelo womfowabo uAbela wamukeleka kuJehova, kodwa owakhe wenqatshwa. Ngenxa ‘yokuthukuthela,’ uKayini wabulala ngokungenasihawu uAbela. “Unya lomuntu kumuntu” lwase luqalile.—Genesise 4:2-8.
Lokhu kubulala kwadonsela futhi ukunakekela empikiswaneni yokukhulekela okumsulwa ngokumelene nokukhulekela kwamanga. UAbela wayengowokuqala ohlwini olude lofakazi bakaJehova abafela ukholo lwabo.
Ngesinye isikhathi ngemva kokubulawa kuka-Abela, ezinye izingelosi zayengwa nguSathane ukuba ziziphendulele emizimbeni yenyama ukuze zikipite nabesifazane abahle emhlabeni, futhi ngaleyondlela zawela ethonyeni likaSathane. Kusukela kulokho kuhlangana okungavunyelwe umthetho kwavela ‘amaNefili,’ noma ‘abanamandla’—iziqhwaga ezinonya. Ngesikhathi esifushane, “umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.”—“Unya lomuntu” lwanda. (Genesise 6:1-11) UJehova, ngakho konke ukulunga nomusa, wayengenakuvumela lezozimo zesiyaluyalu ziqhubeke. Wakhukhula lesosimiso sezinto sasendulo ngosuku lukaNowa ngoZamcolo.—2 Petru 2:5.
Kodwa lokhu akuliqedanga ithonya elibi likaSathane. UZamcolo waphoqelela izingelosi ezingalaleli ukuba zishiye imizimba yenyama, futhi manje sezihlukanisiwe nenhlangano kaJehova engcwele, zaba yinhlangano engabonakali yamademoni ngaphansi kokubusa kukaSathane. (Efesu 6:12) Ukuze ziphathe isintu, zisebenzisa imimoya, ubungoma, ukubhula ngezinkanyezi neminye imilingo. Nakuba zingakwazi ukuthatha isimo sobuntu futhi, ngokuvamile zingena kubantu, ezilwaneni nasezintweni ezingaphili njengezintelezi. Ngaphansi kwethonya lamandla amademoni nentshiseko yokungazi yenkolo yamanga, ukushisekela ubuzwe nobuhlanga, abantu benza izinto eziwunya ababengeke bazenze ngokuvamile.
Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi ukushushisa okungokwenkolo kuyaqhubeka nanamuhla. Esigabeni sethu sokuqala ekhasini lesi-3 kukhulunywe ngeqembu lamaKristu elashayelwa ukufa. Laba bahlushwa ngenxa yokuba bengoFakazi BakaJehova. Kulesisikhathi basinda ekushayweni. Lapho izinduku zezikhohlakali zehla njengemvula kumqhubi weqembu, wacela uJehova ‘ukuba anakekele ukuphila kwalaba, ‘izimvu’ zaKhe.’ Kwawamangalisa amaphoyisa ukuthi akukho noyedwa wabo owafa. UJehova angabalondoloza abakhe uma ethanda.—2 IziKronike 16:9.
EUnited States, inzondo yobuhlanga iye yaphumela ezenzweni zonya zezichwensi nezokubulala ngendlovula. Isimo sokukhaca nokukhahlameza sabathile abamhlophe eAfrika kwabamnyama saziwa kahle. Inkolo ezikhathini eziningi iye yasebenza ngokubambisana nezombangazwe ekwakheni umbhalo omude ogcwele igazi wezenzo zonya ezigcwalise izincwadi zomlando. U-E. Bolaji Idowu, uprofesa wezifundo zenkolo eYunivesithi yaseIbadan, eNigeria, wabhala: “Ubuqili babapristi nazo zonke . . . izinhlobo zabo ezesabekayo zonya ezenziwa ngegama likaNkulunkulu—kuye kwaba isihlamba esingapheli enkolweni . . . Umlando ungawakhohlwa kanjani amasosha alwela inkolo, iJihads, enkantolo yamacala ezihlubuki, lokho kushiswa nokucwiywa kwezitho nokubulawa?”
Luyophela Kanjani?
Ngokuqinisekile hhayi ngemizamo yabantu. Izinhlangano ezithile ezinomhawu kubantu zizama ukwenza ngcono isabelo sabantu, kodwa izwe liye lashona ngokujulile obishini lokungcola nobudlova ukuba imizamo yomuntu ingaphumelela.
Nokho, uJesu wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.” (Luka 18:27) Wathi futhi kubafundi bakhe: “Yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Njengesitha sikaNkulunkulu esiyinhloko, uSathane wazonda uJesu futhi wasebenzisa abaholi bezombangazwe benkolo ukuba bamhlasele—kusukela ngenkosi uHerode eyazama ukumbulala esewumntwana nje kuye kubapristi abasebenzisa umbuso waseRoma ukuze bambulale esigxotsheni. USathane futhi wazama ukuyenga uJesu ngesiyengo sobucwazicwazi—“imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo”—uma kuphela uJesu ayengamkhulekela. (Mathewu 4:8) Kodwa uJesu wayinqoba imizamo kaSathane yokumnqoba; wagcina ubuqotho naphezu kokuhlushwa okwesabekayo kokushaywa nesigxobo.
Ngokusobala, kulowomzuzu wobunzima wokunqotshwa okwakusobala, uJesu wabonisa ukuthi ukunqotshwa okuwumnqamula-juqu kukaSathane empeleni kwase kwenzekile. Omunye owayehlushwa kanye naye, iselelesi, wacela: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.” NgoJesu, ngisho nalesiselelesi esivamile sase sithole ukwazisa okuthile ngoMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu. UJesu ngokunqoba waphendula: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, uzakuba nami ePharadesi.”—Luka 23:42, 43, NW.
Lapha uJesu ngokusobala wahlanganisa umbuso wakhe nePharadesi futhi wabonisa ukuthi wawuyofeza indima eyinhloko ekufezeni injongo kaJehova yokuqala ngalomhlaba. Kodwa nini? Kanjani? Ngokusobala izwe likaSathane elibi kumelwe lisuswe kuqala. Izimpawu ziwukuthi lokhu kuzokwenzeka ngokushesha okukhulu.
Ebuzwa ngabafundi bakhe ukuthi kuyokwenzeka nini lokhu, uJesu wakhuluma ngempi yezwe, indlala, ukuzamazama komhlaba, izifo, ukwanda kobulelesi, izenzakalo ezingajwayelekile nezesabekayo ezulwini, ukukhathazeka okukhulu ngekusasa, nezinye izici, njengezenza isibonakaliso esimagatshagatsha sokuthi “ukuphela” kuseduze. (Mathewu 24:3-14; Luka 21:10, 11, 25, 26) Lezizinto bezenzeka ngezinga elingazange lenzeke kusukela ngo-1914. Ngakho, njengoba uJesu asho: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, . . . ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu. . . . Yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:28, 31) Ekugcineni ukuphela “konya lomuntu komunye” kusondele!
Yingakho oFakazi BakaJehova kakade benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo ngokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo nangokwenza lokho elikushoyo. Abahileleki ekulweni kwezombangazwe futhi ‘abasafundi ukulwa.’ Bazimisele ukuba mnene nokuthanda omakhelwane babo. UJesu wathi: “Babusisiwe abalamulayo.” Wathi futhi “babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”—Isaya 2:4; Mathewu 5:5, 9.
IPharadesi Elibuyiselwe
Ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, uKristu Jesu uyolwa ‘namakhosi ezwe namabutho awo’ futhi ahlanze ngokuphelele lomhlaba kuzo zonke izinsalela zezwe likaSathane. Lokhu kunqoba okumangalisayo kuyofinyelelisa emvuthwandaba “usizi olukhulu olungazange lubekhona kwasekuqaleni kwezwe.” USathane namademoni akhe kamuva ‘bayoboshwa,’ noma bavalelwe ekusebenziseni ithonya labo elibi esintwini, iminyaka eyinkulungwane.—Mathewu 24:21; IsAmbulo 16:14-16; 19:11-20; 20:1-3.
Bese kulandelani? “Amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga”—uMbuso kaNkulunkulu usuphethe ngokugcwele ‘nentando yakhe yenziwa emhlabeni njengasezulwini.’ (2 Petru 3:13; Mathewu 6:10) Ngaphansi kokuqondisa koMbuso, umhlaba kancane kancane uyobuyiselwa ePharadesi. Futhi kukuleliPharadesi lapho iselelesi esafa noJesu siyovuselwa khona kwabafileyo njengomunye wezigidi ‘ezisemathuneni’ ezizwa izwi likaJesu ‘zivuke.’—Johane 5:28, 29.
Yini lomuntu owayeyiselelesi ayoyithola? Ukonakala nonya lwaseRoma nayo yonke eminye imibuso nohulumeni kuyobe kungasekho phakade! Esikhundleni somoya kaSathane wokuhaha, inkanuko, inzondo nokwesaba okufukamele umhlaba, kuyoba nesimo esimangalisayo sokuthula, ukujabula, ubunye nothando. IPharadesi elingokomoya kakade elijatshulelwa izigidi zabantu bakaJehova liyogcwala umhlaba wonke. “Imisebenzi yenyama,” engukuthi “ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo,” kuyoqedwa, ngoba “abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19-21.
Iselelesi ngokungangabazeki sasizenza ezinye zalezizinto, kodwa ngemva kokuba sesivusiwe siyoqala kabusha ngoba “ofileyo ukhululiwe esonweni.” Iselelesi sesamukele kakade “inkokhelo yesono [ngokufa]” futhi siyobe sesisesimweni sokwamukela “isipho . . . sikaNkulunkulu,” okungukuthi, “ukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:7, 23.
Yeka ukukhululeka, futhi yeka ithemba ngeselelesi nezigidi ezengeziwe! Lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa wonke umhlaba ngokulunga nangokuhlakanipha, uyoveza isithelo sawo futhi wenziwe ube muhle. Zonke izidalwa eziphilayo emhlabeni, ngobuhle bazo obuhlukahlukene, ziyoba ngaphansi komuntu njengasekuqaleni. (Genesise 1:28; Isaya 11:6-9) LeliPharadesi lasemhlabeni, “into enhle,” liyoba “yinjabulo phakade.”
Ngokubaluleke ngokwengeziwe, ngomoya ongcwele kaJehova oheleza ngokukhululeka, izithelo zalowomoya ziyochuma—“uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nokuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) Zonke izinhlanga nezizwe ziyoba nobuzalwane obubodwa obukhulu. Kanjani? ‘Ngokuzembathisa uthando—isibopho esiphelele sobunye.’ “Unya lomuntu” luyophela phakade.—Kolose 3:14.