Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Lokho uJesu akusho kuJohane isahluko 10 ngezibaya zezimvu kuhlobana kanjani nesivumelwano sobuAbrahama?
Isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu asenza noAbrahama siveza injongo kaNkulunkulu emangalisayo neyesikhathi eside yokubusisa abantu abaphuma kuzo zonke izizwe ngenzalo ka-Abrahama. Izibaya zezimvu uJesu akhuluma ngazo kuJohane isahluko se-10 ziyizici ezingaphakathi kokugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu eyembulwa esivumelwaneni sobuAbrahama.
Lapho enaba esivumelwaneni njengoba sishiwo okokuqala kuGenesise 12:1-3, uNkulunkulu wathi kuAbrahama: “Ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe-ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo, nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”—Genesise 22:17, 18.
Kodwa uhlu lwaleyonzalo lwaluyovikelwa kanjani futhi lugcinwe lungaxutshiwe, futhi yayiyokwaziwa kanjani inzalo ethenjisiwe uma ifika? UJehova uNkulunkulu wangenela futhi walungiselela isivumelwano soMthetho noMose engumlamuleli waso; lesi asizange siphikise isivumelwano sobuAbrahama kodwa senezelwa kuso. (Galathiya 3:16-18) Izimfuneko zoMthetho zasiza ekugcineni uIsrayeli evikelekile ekonakalisweni okungokomoya, okungokokuziphatha nokungokomzimba kwezizwe ezazingomakhelwane. Kanjalo amaIsrayeli aba njengezimvu ngaphakathi kwezindonga ezivikelayo zesibaya sezimvu esiqinile. Futhi, njengoba abaseGalathiya 3:24 besho, uMthetho wawuwumlayi oholela ‘enzalweni’ yobuMesiya, ukuze kuthi lapho ifika amaIsrayeli abe esesimweni sokuqaphela ukuba nesono kwawo nesidingo sawo ngayo.
UJesu Kristu waba inzalo yokuqala yesivumelwano sobuAbrahama, nokho uNkulunkulu wahlosa ukukhetha abanye abantu ukuba babe inzalo yamuva. Kanjalo umphostoli uPawulu wabhala ukuthi labo ‘abangabakaKristu, bayinzalo ka-Abrahama, izindlalifa ngokwesithembiso.’ (Galathiya 3:29) Sasiyofezwa kanjani lesisici sesivumelwano sobuAbrahama?
UKristu wabonakala “ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli” futhi wakhetha abalandeli abathembekile phakathi kwezimvu esibayeni sezimvu soMthetho kaMose. (Mathewu 10:6) AmaJuda amqaphela njengoMesiya, nanjengomalusi ayemdinga kakhulu, wawaholela esibayeni esisha, sikaIsrayeli ongokomoya ‘esivumelwaneni esisha’ esabikezelwa futhi uJesu ayengumlamuleli waso. (Heberu 8:7-13; Galathiya 6:16) Kamuva, amaSamariya asokiwe nabeZizwe abangasokiwe bangeniswa kulesisibaya, nabo beba ingxenye yenzalo yamuva ka-Abrahama. KuJohane 10:11 uJesu wathi, “Ngingumalusi omuhle.” Ngokuqinisekile wayengumalusi kumaJuda nabeZizwe ababa amaKristu agcotshiwe abuthelwe esibayeni sezimvu sesivumelwano esisha.
Konke lokhu kubonisa indlela kokubili isibaya sezimvu soMthetho kaMose samaIsrayeli emvelo nesibaya sezimvu sesivumelwano esisha sikaIsrayeli ongokomoya ezasebenza ngayo ngokuvumelana nesivumelwano sobuAbrahama.
Nokho, kuthiwani ‘ngezinye izimvu’ ezazingezona “ezalesisibaya,” isibaya sikaIsrayeli ongokomoya ohlanganisa inzalo yamuva ka-Abrahama? (Johane 10:16) Ezinye izimvu nazo ziyathinteka ngokusebenza kwesivumelwano sobuAbrahama, ngoba uzokhumbula ukuthi uNkulunkulu wathembisa uAbrahama ukuthi “ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.” (Genesise 22:18) Lezi ezinye izimvu zingase zichazwe njengezisesibayeni esihlukile (isibaya sesibili) esingaphansi koMalusi Omuhle. Ngokuqinisekile azikho esibayeni esifanayo nesalabobantu abaye baba yizindlalifa ngokwesithembiso sika-Abrahama. Kodwa zisebenza ngokubambisana nenzalo yamuva ka-Abrahama, ziba mhlambi munye ngaphansi komalusi oyedwa oyinzalo yokuqala ka-Abrahama. Lezi ezinye izimvu zinethemba elijabulisayo lokuphila okuphakade ePharadesi elibuyiselwe lasemhlabeni. Akekho ongaphika ukuthi kanjalo bazibusisa ngenzalo ka-Abrahama.
Ngenxa yalokho, izibaya ezihlukene zikaJohane isahluko se-10—isibaya sezimvu soMthetho kaMose samaIsrayeli emvelo, isibaya sikaIsrayeli ongokomoya esivumelwaneni esisha, nelungiselelo elinjengesibaya lezinye izimvu eziphuma ‘ezizweni zonke zomhlaba’—zonke zihlobene nokugcwaliswa kwenjongo kaNkulunkulu enhle eboniswe esivumelwaneni sobuAbrahama.