Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 8/1 k. 31
  • Amatekisi Ezinsuku ZikaAugust, 1984

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amatekisi Ezinsuku ZikaAugust, 1984
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 8/1 k. 31

Amatekisi Ezinsuku ZikaAugust, 1984

1 Kepha umbhalo, . . . walishumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama.—Gal. 3:8. wZU 7/15/83 3, 4

2 Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane . . . ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi-lutho kwabezizwe.—3 Joh. 5, 7. wZU 10/1/83 9, 10, 13a

3 Bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.—2 Thim. 3:12. wZU 9/15/83 1-4a

4 Bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.—Fil. 1:14. wZU 5/1/84 13-15a

5 Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.—IsAm. 21:4. wZU 10/15/83 1-3

6 Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.—Heb. 5:14. wZU 4/15/84 19, 20

7 Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa indoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.—1 Kor. 7:3, 4. wZU 11/15/83 16-18a

8 Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, . . . niyakuba-yigugu kimi.—Eks. 19:5. wZU 12/1/83 18, 19, 21, 22

9 Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.—Joh. 10:16. wZU 12/15/83 15

10 Pho, ngingenza kanjani lobobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?—Gen. 39:9. wZU 4/15/84 15, 16b

11 Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.—IsAm. 10:11. wZU 5/1/84 13-15

12 Ngiqinisile ngithi kini, njengoba nikwenzile komunye walababafowethu abancane, nikwenzile kimi.—Math. 25:40. wZU 5/15/83 7, 14

13 Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.—IHu. 119:97. wZU 3/15/84 4, 5a

14 Ukuba . . . nibe-ngcwele kuNkulunkulu wenu.—Num. 15:40. wZU 4/15/84 16, 17a

15 Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.—Joh. 17:3. wZU 1/1/84 5-7a

16 Konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.—1 Kor. 10:31. wZU 2/1/84 19-21b

17 Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda.—1 Thim. 2:9. wZU 4/15/84 16-18b

18 Ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu.—IsAm. 7:9. wZU 4/1/84 14, 15a

19 Ngokukhuleka konke nokunxusa, . . . nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde.—Efe. 6:18. wZU 3/15/84 24, 25a

20 Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Ngenxa yokwanda kobubi kuzakuphola uthando lwabaningi.—Math. 24:11, 12. wZU 9/1/83 11

21 NginguJehova; yilo igama lami.—Isaya 42:8. wZU 6/15/84 3-6

22 Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami. Unganginikeli entandweni yezitha zami.—IHu. 27:11, 12. wZU 4/15/84 22

23 Ngenzé ibunzi lakho njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha.—Hez. 3:9. wZU 5/1/84 17, 18

24 Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.—Math. 25:34. wZU 5/15/83 15

25 Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso.—Joh. 4:23. wZU 3/1/84 6, 7a

26 Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.—Luka 21:31. wZU 6/1/84 14-17

27 Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.—1 Kor. 15:33. wZU 2/1/84 15-17b

28 Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.—Jobe. 32:9. wZU 2/15/84 9, 10

29 Ngazise imendo yakho, Jehova; . . . ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise.—IHu. 25:4, 5. wZU 4/15/84 5-7b

30 Ukuze . . . baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu.—Efe. 3:10. wZU 7/15/83 1, 2

31 Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu ayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.—Math. 8:20. wZU 7/1/83 5, 6, 8a

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela