Aqiniseke Kangakanani Amathemba Akho Ngekusasa?
UMUSHA noma umdala, ucebile noma umpofu, uyagula noma uphila kahle, unekusasa, ngoba igama elithi “ikusasa” lisho “isikhathi esizayo.” Futhi bonke abantu bafinyelela ikusasa ngezinga elifanayo lemizuzu engama-60 ngehora. Nokho, ukuthi lelokusasa liyokulethelani, kuxhomeke endleleni olibheka nolilungiselela ngayo.
Ikusasa lakho lihlanganisa okungaphezu nje kwesikhathi esisasalele ukuphila kwakho kwamanje. Lihlanganisa futhi indlela osebenzisa ngayo lesosikhathi, amalungiselelo owenzile, imigomo oyibekile. Njengoba omunye umsunguli ophawulekayo asho: “Sonke kumelwe sikhathazeke ngekusasa ngoba kuyofuneka sisebenzisele ukuphila kwethu okusasele kulo.”
Ulibheka Kanjani Ikusasa?
Kungani abaningi kangaka becabanga kancane kangaka ngekusasa? Kunezizathu eziningi zalokhu. Nazi ezinye zazo:
◼ Inkathazo nomshikashika wansuku zonke uthiya amacebo ekusasa.
◼ Ukuhlakanipha kwe“sizukulwane sanamuhla” kuthuthukisa umbono wokuthi, ‘philela okwamanje, ikusasa liyozikhathalela.’
◼ Labo abalandela indlela yokuphila yokuthi ‘zonke izinto zidalelwe’ bakholelwa ukuthi ukudalelwa kodwa okuqondisa ikusasa.
◼ Umuzwa wokuthi ‘kusizani’ uphumela ekuphelelweni ithemba futhi uvimbele ukubeka imigomo yekusasa.
Kodwa kuthiwani ngalabo abalilungiselelayo ikusasa? Amalungiselelo abo angase antule injongo futhi ngenxa yalokho, ikusasa labo lingase lidumaze. Kanjani? Uma amalungiselelo esekelwe kuphela ekucabangeni komuntu nemizamo ukuze agcwaliseke, angase aholele ekusaseni elihlukile kunelilindelwe. Umlobi wasendulo ohlakaniphile waphawula lokhu ngokucabanga komuntu: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.
Uma umuntu enobunzima ekuqondiseni izinyathelo zakhe ngekusasa, angabaqondisa kanjani abanye ngokuphumelelayo? Ngeke akwazi, ngoba izinto ezimbili ezinkulu eziqondisa ukucabanga komuntu zonakele. Eyodwa iyizici zofuzo; enye, izimo ezisizungezile. Futhi ulwazi lokuzicabangela lwezombangazwe, lwezenkolo, lwezomnotho nolwezokuhlalisana komphakathi luqhubeka lucinanisa abantu ukuba bafane nalo. Umphumela? Ukuphambukiselwa komzamo kude nekusasa elingokoqobo.—Roma 5:12; 1 Johane 5:19.
Ngokwesibonelo, lomzamo ungase uhlanganise ukulungiselela imfundo yabantwana bethu, sizicabangela ukuthi lokhu kuyobaqinisekisela ikusasa elingcono. Nokho kukhona abaneziqu zaseyunivesithi abangenawo umsebenzi. Noma kungase kube ukusebenza kanzima kakhulu manje ukuze ulondeke ngokwezimali esikhathini esizayo. Kodwa ukwehla kwamandla emali kuye kwanciphisa izimali ezilondoloziwe. Noma kungase kube ukubheka phambili ekuyekeni umsebenzi unekhaya nemali engenayo eyokwenza ungathembeli kumuntu ngokwezinto ezibonakalayo futhi ube namandla okuphila eminyakeni yokuguga ngokunethezeka. Nokho ukufa noma enye inhlekelele iye yaphuca abaningi lelothemba. Noma kungase kube ukukholelwa ukuthi ikusasa ngandlela thile liyoba ngcono kusasa. Kodwa lokho “kusasa” akufiki.
Ukusondela Okulinganiselwe Ekusaseni Lakho
‘Ngingaba kanjani nekusasa elingokoqobo nelinengqondo?’ uyazibuza. Impendulo ingase ibe kulokho umzuzi womklomelo kaNobel uJohn Galsworthy akubhala: “Uma ungacabangi ngekusasa, ngeke ube nalo.” Cabanga ngokungathi sína kuqala ngalokho ikusasa elingakuletha. Okulandelayo cabanga ngalokho oyothanda ukuba yikho nongathanda ukukwenza kulelo kusasa. Khona-ke yenza isenzo esidingekile sokuqondisa izinyathelo zakho kulowomgomo.
Lapho uzindla ngekusasa, hlanganisa iBhayibheli ekucabangeni kwakho ngoba lingaletha ekukhanyeni izehlakalo zekusasa ongase ungaziqapheli ukuthi zingaphambi kwakho. Ukubikezela izenzakalo zesikhathi esizayo ngokunembile kungelinye lezimpawu zeBhayibheli ezivelele. Lokhu kungenzeka ngoba uMlobi walo, uJehova, unguNkulunkulu wesiprofetho. Uyaphawula: “Kusukela ekuqaleni ngabikezela ikusasa, futhi ngabikezela kusengaphambili okuzokuba yikho.” (Isaya 46:10, The Jerusalem Bible) Ngakho-ke, ukufunda ngezinjongo zikaNkulunkulu ngokuphathelene nekusasa nangendlela eziyosithinta ngayo kuyinkambo ebaluleke kakhulu yokulandelwa, akunjalo? Ukulindela kwethu ngekusasa bekungaba amaphupho nje uma ukucatshangelwa kwesiprofetho saphezulu kungekho emalungiselelweni ethu. Yini uNkulunkulu ayibikezelayo okumelwe siyazi? Ingabe singawaguqula yini amalungiselelo ethu ekusasa ukuba afanelane ngokuvumelanayo neziprofetho zikaNkulunkulu?