Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 4/1 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UZamcolo Kuya Ekukhululweni EGibhithe
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJakobe Unomkhaya Omkhulu
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Incwadi YeBhayibheli Yoku-1—UGenesise
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 4/1 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Kungani uStefanu, kuzEnzo 7:14, athi kwakunabantu abangama-75 emzini kaJakobe lapho bethuthela eGibithe, kanti uGenesise 46:26 uthi babengama-66 futhi uGenesise 46:27 ukhuluma ngabangama-70?

Kunezincazelo eziningana ezinganikezwa. Enye ukuthi izEnzo 7:14 zisekelwe ku“Septuagint Version” yesiGreki, futhi enye ukuthi uStefanu wahlanganisa amakhosikazi amadodana kaJakobe ayisishiyagalolunye.

Okokuqala masiphawule okwashiwo uStefanu, njengoba kubhalwe kuzEnzo 7:14: “UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.” Sinalokho engqondweni singacabangela lokho umlando kaGenesise okushoyo ngokuthuthela komkhaya kaJakobe eGibithe.

UGenesise 46:8 uthi: “Lawa angamadodana abantwana bakwaIsrayeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe.” Khona-ke kulandela uhide lwenzalo kaJakobe, kuhlanganise nabazukulu bakhe. Uhide luphetha ngokuthi: “Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babengamashumi ayisithupha nesithupha. Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babengamashumi ayisikhombisa.”—Genesise 46:26, 27.

Uhide olungama-66 lwenzalo kaJakobe luye lwahlanganiswa ngezindlela eziningi. Abanye abafundi baye bahlanganisa amadodana kaJuda uEri no-Onani nabazukulu bakhe uHesironi noHamule. (Genesise 46:12) Abanye abambalanga uEri no-Onani, ngoba kakade base befile ngesikhathi sokuthuthela eGibithe. (Genesise 38:6-10) Abanye abafundi beBhayibheli baye babala uDina, lowo ngokusobala ongazange agane, noma mhlawumbe uEliyabe, indodana kaRubeni okukhulunywe ngaye kuNumeri 26:8. Ezinzalweni ezingama-66 kungahlanganiswa uJakobe ngokufanayo noJosefa namadodana akhe amabili (Laba abokugcina abathathu abangeyona ingxenye yabathuthela eGibithe). Kungalendlela ingqikithi yama-70 etholakala ngayo.

Umfundi uStefanu ngokuqinisekile wayazi ukuthi umbhalo wesiHeberu uthi abangama-66 bomkhaya kaJakobe bathuthela eGibithe. Khona-ke, kungani izEnzo 7:14 zibonisa uStefanu esebenzisa inani lama-75?

Abanye abakhulumeli beBhayibheli bathi kungenzeka ukuthi uStefanu wasekela akushoyo enguqulweni i“Septuagint” yesiGreki kaGenesise 46:27. Lenguqulo inikeza inani eliphakeme ngoba evesini lama-20 yenezela amagama amahlanu (amadodana amathathu kaManase noEfrayimi nabazukulu ababili) okungakhulunyiwe ngabo embhalweni wesiHeberu. Noma, uma uStefanu ngokwakhe wayecabanga ngenani lama-66 elikweyesiHeberu, lapho uLuka ebhala incwadi yezEnzo ngesiGreki kungenzeka wanikeza inani le“Septuagint,” njengoba leyonguqulo yesiGreki yayisetshenziswa kakhulu.

Kodwa noma uStefanu empeleni wakhuluma ngabangama-75 noma lesosibalo savela enguqulweni yesiGreki kuGenesise 46:27, inani lingavunyelwaniswa nesibalo seyesiHeberu sama-66 ngokuhlanganisa amakhosikazi amadodana kaJakobe, lawo ngokuqondile uGenesise 46:26 athi ayeshiyiwe.

Kungani kwabalwa amakhosikazi ayisishiyagalolunye kuphela? Kumadodana ayi-12, umkaJosefa wayengeke afakwe, ngoba wayengumGibithe futhi akazange abizelwe lapho uJosefa. (IzEnzo 7:13-15) Futhi ngesikhathi kuhanjwa umkaJuda wayesewafa. (Genesise 38:12) Kwakungabalwa amakhosikazi ayi-10. Kungenzeka ukuthi umkaSimeyoni ongumHeberu wayesafa, ngoba indodana yakhe yokugcina, uShawule, uchazwa njenge“ndodana yowesifazane waseKhanani.” (Genesise 46:10) Noma isibalo sesishiyagalolunye sasizoba ngesiqondile uma uBenjamini, indodana encane, yayingakashadi lapho umkhaya uyohlala eGibithe. Uma lokhu kunjalo, azalwa ngemuva kokuthatha kodwa afakwe ohidini ngenxa yendima ayezoyenza esizweni. (Qhathanisa namaHeberu 7:9, 10) Kanjalo, uma amakhosikazi ayisishiyagalolunye amadodana kaJakobe ehlanganiswe enanini lama-66 okukhulunywe ngalo kuGenesise 46:26 embhalweni wesiHeberu, sinengqikithi yama-75, njengoba i“Septuagint” isho futhi njengoba sifunda kuzEnzo 7:14.

Kusobala ukuthi nakuba kunezindlela ezinengqondo zokuqonda izEnzo 7:14, nezibalo ezikuGenesise isahluko 46, ngeke sigomele kuyo yonke imininingwane. Khona-ke, sinesizathu esengeziwe sokubheka phambili esikhathini lapho uNkulunkulu eyovusa izinceku zakhe zakudala, ngoba siyokwazi ukuzwa ngabo ngokuqondile imininingwane eqondile yemilando eminingi engokomBhalo.—Johane 5:28, 29.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela