Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe isithembiso sikaJesu sokuphila okuphakade, njengoba sinikezwa kuJohane 11:25, 26, sisebenza kuphela kwabagcotshiwe, noma ingabe lamazwi ahlanganisa futhi ‘nesixuku esikhulu,’ esibheke phambili ekuphileni emhlabeni oyiPharadesi?
Ezikhathini ezithile ngaphambili “INqabayokulinda” iye yasikisela ukuthi ukusetshenziswa kwalombhalo kulinganiselwe kuphela kulawomaKristu athola ukuphila kwasezulwini. Ngokuqinisekile lombono wathathwa ngenxa yokuthi uJesu lapho wayekhuluma nabantu kamuva ababezonikwa lelothemba. Kepha ukuhlolisiswa ngokucophelela kwalemibhalo kuyabonisa ukuthi uJesu wayengenzi kulinganisela okunjalo. Njengoba izihloko zesifundo kule“Nqabayokulinda” zibonisa, umbono wethu ngoJohane 11:25, 26 kumelwe ube ngowandisiwe ohlanganisa labobantu abathemba labo liwukuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi. Kungani sisho lenkulumo?
Phawula lokho uMarta akushoyo ngoLazaru ofile kuJohane 11:24: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” Iluphi uvuko ayenalo engqondweni lapho? Phela, uvuko lolo uAbrahama, namanye amaJuda ayegcina ubuqotho abheka kulo ngokholo—uvuko lwasemhlabeni! Khona-ke, amazwi kaJesu alandelayo ayengathakazelisa kanjani kuMarta? Ayeyoletha kuye isimo esiphathelene novuko lwasemhlabeni.
UJesu ngokulandelayo wazibonakalisa ngokwakhe njengoyovusa abafileyo. Kepha akazange asho ukuthi wayekhuluma kuphela ngabathile babafileyo abakholwa uye. U“ngukuvuka nokuphila” kwabo bonke abafinyelela ekuphileni okuphakade, ezulwini noma emhlabeni. Konke kulokho uJesu aqhubeka ekusho, emavesini 25, no-26, kungase kusetshenziswe kuwo omabili amaqembu, nakuba kungezindlela ezihlukile. AmaKristu aGcotshiwe “aphila” ngokuthi avuselwa ekuphileni okungenakufa kwasezulwini. Labo babafileyo abayohlala phakade emhlabeni bayavuswa bese kancane kancane belethwa ekupheleleni.—Qhathanisa nesAmbulo 20:4.
Ngokuqinisekile kuyiqiniso ngabagcotshiwe, njengoba kushiwo evesini 26, ukuthi ‘abasoze bafa naphakade’ ngemva kokuvuswa. Khona-ke ‘babona uNkulunkulu njengoba enjalo,’ okwenza ukuba bangabe ‘besahamba ngokukholwa.’ (1 Johane 3:2; 2 Korinte 5:7) Ngakho lapho uJesu ethi, “Nalowo ophila, akholwe yimi,” wethula isici esibaluleke ngokukhethekile ngokuphathelene nalabo abathemba labo liwukuzuza ukuphila okuphakade emhlabeni. Ukulunga kakade sekubalelwa ‘esixukwini esikhulu’ ngenxa yokuthi ‘siye sahlanza izingubo zaso, sazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.’ Kakade sesiphila enyameni nethemba lokusinda osizini olukhulu, futhi ukuphila kwaso kuqashelwa njengokuphila okulungile, njengalokho kuka-Abrahama wamandulo. Bona, kanye nesintu esivusiwe, kumelwe baqhubeke benokholo phakathi nokubusa kweminyaka eyinkulungwane kukaKristu ukuze bazuze ukuphila okuphakade ekupheleleni kobuntu.—IsAmbulo 7:9, 10, 14, 15; 21:3, 4.
Eqinisweni, lona akuwona umbono omusha ngokuphelele. Ngezikhathi ezithile phakathi neminyaka, izincwadi zeWatchtower Society ziye zasikisela ukusetshenziswa okwandisiwe kukaJohane 11:24-26. Ngokwesibonelo, i“The Watchtower” kaJune 1, 1959, ikhasi 337, yathi ngofakazi bakaJehova ababuthwe ezizweni zonke: “Labo abalindele ukuphila kulomhlaba banethemba futhi lokusinda ekupheleni kwalelizwe, nokuphila ngokuqhubekayo bangene ezweni elisha ngaphandle kokufa.” Yakhomba amaHeberu 11:1, 6 noJohane 11:26 ekusekeleni lokho. Futhi “INqabayokulinda” ka-April 15, 1976, ikhasi 186, ngokufanayo yahlanganisa isintu esivusiwe kanye ne“sixuku esikhulu” sabasinda eArmagedoni kulawomagama afanayo kaJesu: “Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”
Ingabe uyakholwa?