Imibuzo Evela Kubafundi
● Emfanekisweni wezintombi eziyi-10 (Mathewu 25:1-13), ubani owamemeza wathi: “Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!”?
UJesu akashongo. Emshadweni wesiHeberu, onjengalowo uJesu ayewusebenzisa ukwenza umfanekiso, cishe umkhwenyana wayengaphelezelwa ikhetho noma abangane besilisa. (Johane 3:29) Laba babengazisa wonke umuntu owayelindele ikhetho. Nokho, kwakungekho sidingo ngoJesu ukuba aveze abakhaphi abanjalo. Futhi akukho ababengabhekisela kukho ngendlela engokomfanekiso. Iphuzu liwukuthi kwaba nokumemeza okwaqaphelisa izintombi, kwazishukumisela emsebenzini.