Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 10/15 kk. 8-9
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Izinto Esingabonisa Ngazo Ukuthi Siyawufuna
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Abaprofethi Bamanga Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 10/15 kk. 8-9

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

LAPHO uJesu Kristu esemhlabeni umsebenzi wakhe oyinhloko wawungukushumayela izindaba ezinhle nokufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu. “Ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu,” echaza ngesinye isikhathi, “ngokuba ngithunyelwe lokho.” (Luka 4:43) Njengoba ungabona lapha, uJesu wathumela abalandeli bakhe ukuba benze ukushumayela okufanayo ngoMbuso. (Mathewu 10:1, 7) Waze wafundisa abalandeli bakhe ukuthandaza kuNkulunkulu: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi kungani ubaluleke kangaka?

Yebo, uyazi ukuthi yini inkosi. Ingumbusi wezwe noma wendawo. Ngenxa yokuthi iyinkosi, uhulumeni wayo ubizwa ngokuthi umbuso. UMbuso kaNkulunkulu nawo uwuhulumeni. IBhayibheli likhuluma ngawo ngalamazwi: “Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana: uhulumeni uyokuba semahlombe ayo: negama layo kuyothiwa . . . iNkosi yokuThula. Ukwanda kukahulumeni wayo, nokuthula akuyikuphela.”—Isaya 9:6, 7, AV.

LeNkosi—leNdodana yeNkosi Enkulu, uJehova uNkulunkulu—inguJesu Kristu. UNkulunkulu uye wammisa njengombusi kahulumeni woMbuso wakhe. Ukuze ubone ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyimpikiswano ebalulekile phakathi nenkonzo kaJesu, cabangela lokho okwenzeka osukwini lokufa kwakhe.

IBhayibheli lisitshela ukuthi abantu babeka uJesu icala bethi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.” Ngokuzwa lokhu, umbusi wamaRoma uPontiyu Pilatu wabuza uJesu: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”—Luka 23:1-3.

UJesu akazange awuphendule umbuzo kaPilatu ngokuqondile kodwa wathi: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe.” (Johane 18:36) UJesu waphendula ngalendlela ngoba uMbuso wakhe wawungezukuba owasemhlabeni ohilela ezombangazwe zabantu. NjengeNkosi kaNkulunkulu, wayezobusa esezulwini, hhayi njengomuntu esihlalweni sobukhosi emhlabeni.

Ingabe uphawulile kuIsaya ukuthi yini uhulumeni kaNkulunkulu oyoyandisa ingabi nakuphela? Yebo, ukuthula. Ngakho ungabona yini manje ukuthi kungani lowohulumeni ubaluleke kangaka? Awukho uhulumeni wabantu ongaletha ukuthula okuhlala njalo; kuphela uMbuso kaNkulunkulu ongakwenza lokho. UJesu wasebenzisa ukuphila kwakhe emhlabeni etshela abantu amaqiniso amangalisayo ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Kwakuyisigijimi sakhe esiyinhloko. UMbuso useyindaba ebaluleke kakhulu namuhla.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela