Likuphi Iqiniso Elingasikhulula?
“Khona uJesu wathi . . . niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”—JOHANE 8:31, 32.
1. Iyiphi inkululeko abantu kulelizwe abaye bayifisela?
INKULULEKO! Lelogama liye lashukumisa izingqondo nezinhliziyo zabantu emakhulwini eminyaka! Kuye kwalwiwa izimpi ngenxa yenkululeko. Izigidi zabantu ziye zayifela. Abaningi baye bazizwa njengesazi sokuphathwa kwezwe saseMelika uPatrick Henry eminyakeni engama-200 edlule lapho ethi: “Nginikeze inkululeko noma unginikeze ukufa.” NgeMpi Yezwe II, uMongameli uFranklin D. Roosevelt wafuna “izinkululeko ezine”: inkuleko yokukhuluma, inkululeko yokukhulekela, ukukhululeka ekusweleni nokukhululeka ekwesabeni.
2, 3. Inkululeko engokoqobo kumelwe ihlanganiseni?
2 Kodwa, ngomqondo ojulile, inkululeko yoqobo ifanele ihlanganise okungaphezu kwalokho. Ngaphezu kwalokho, ingabe ikhona kulezozinkululeko engasinikeza inkululeko ekungaphelelini kobuntu? Ingabe ingasinikeza inkululeko ekuguleni? Ngokwengeziwe, kungakhathaliseki ukuthi umuntu uphile kangakanani, ubhekene neqiniso elinzima lokuthi ngesikhathi esithile abantu bayaguga futhi bafe. Yini umuntu angayijabulela ethuneni? IBhayibheli liyaphendula: “Kepha abafileyo abazilutho.” Kungakho lithi futhi: “Inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.”—UmShumayeli 9:4, 5.
3 Ukuze sikhululeke ngokomqondo ogcwele waleligama, kumelwe sikhululwe ebugqilini bokungapheleli, ukugula nokufa. Futhi, yebo, sidinga ukukhululwa ebumpofwini, ekucindezelekeni, ebulelesini nempi, nasezintweni ezesabekayo eziye zagcwala emlandweni. Kodwa ubani ongasinikeza inkululeko enjengaleyo? Ingabe ukhona udokotela ongaqinisekisa ukwelashwa kwekhensa, isifo senhliziyo nakho konke okunye ukugula? Ingabe sikhona isazi sesayensi esithile esingasenza singagugi futhi sife noma sisibuyisele ekuphileni ngemva kokuba sesifile? Ingabe ukhona umholi othile wezombangazwe ongasiqinisekisa ngokuthula emhlabeni nenkululeko empini phakade? Ingabe ukhona umphathi othile wedolobha noma umphathi wamaphoyisa kunoma iliphi idolobha lezwe ongasilethela inkululeko ephelele ebulelesini? Isiphi isimiso sezomnotho esinganikeza inkululeko ebumpofini, ukuswelakala kwemisebenzi noma ukwenyuka kwamanani, futhi silethe ukuchuma okungokoqobo kuwo wonke umuntu—phakade?
4. Kumelwe isekelwe kuphi inkululeko engokoqobo?
4 Uma kukhona noma iliphi ithemba lokuthi izimo eziningi ezimbi manje ezikhungethe isintu zingasuswa, impendulo kumelwe isekelwe eqinisweni. Inkululeko yoqobo ngeke isekelwe enkohlisweni noma emangeni. Kanjalo, uma kukhona othile, kungakhathaliseki noma umholi wezwe, noma isazi sesayensi, noma isazi sezokuphathwa komnotho wezwe noma umfundisi, oveza umbono wakhe ngalokho okuyoletha inkululeko ehlala njalo, umbuzo kumelwe ubuzwe: Ingabe ukhuluma iqiniso? Futhi isintu siye saba nesikhathi eside kakhulu sokubona noma leyomibono, izithembiso nemizamo yabantu iyiqiniso yini.
Amathemba Angasekelwe Eqinisweni
5. Ithemba lokukhululeka ekuguleni liye lafezeka ngezinga elingakanani?
5 Ngokwesibonelo, emashumini athile eminyaka edlule abantu abaningi baba nomuzwa wokuthi ngokukhanyiselwa kwezokwelapha isintu siyokhululwa ezifweni. Nakuba kuye kwaba khona intuthuko enkulu kwezokwelapha, ingabe lokhu kuye kwaletha inkululeko ekuguleni? Cha, izifo ezinjengekhensa nesifo senhliziyo ziye zafinyelela izilinganiso eziphakeme kakhulu. Ngesinye isikhathi, kwake kwacatshangwa ukuthi izifo zokubhajwa zaziyonqotshwa ngemilaliso emisha emangalisayo. Kodwa iphephandaba elidumile lezokwelapha iThe Lancet laseBrithani lithi: “INhlangano Yezwe Yezempilo iphetha ngokuthi kulo lonke izwe kunezigidi ezingama-250 eziphethwe isipatsholo nezigidi ezingama-50 eziphethwe ugcunsula unyaka ngamunye. Ezinye izifo ezithelelwana ngokuhlangana kobulili zingase zibe ezijwayeleke kakhulu.”—Qhathanisa nezAga 7:10, 21-23.
6. Kungani kungathiwa isayensi nezimboni kuye kwadumaza?
6 Ayini amathemba amakhulu aye avuswa isayensi nezimboni eminyakeni eyikhulu noma engamakhulu amabili edlule? Ngokwesibonelo esisodwa, imoto yahalaliselwa njengentuthuko enkulu, futhi ngezindlela ezithile yayiyiyo. Kodwa iye yasiza ekugcwaliseni amadolobha ngokucinana, ngomsindo nangokungcola. Kulo lonke izwe abantu abangaphezu kwezi-200 000 bafa ezingozini zezimoto, futhi izigidi zilimala minyaka yonke! Imiphumela edumazayo yolwazi lwezemisebenzi yaphawulwa uOrville Wright, omunye wabasunguli bendiza-mshini. NgeMpi Yezwe II wabhalela uHenry Ford okulandelayo: “Mina noWilbur sasicabanga ukuthi indiza-mshini yayiyosheshisa ukuthula kwezwe. Kuze kube manje kubonakala kungokuphambene. Ngisola ukuthi lapho usungula indlela yokwenza izimoto eziningi ngesikhathi esisodwa—ukusungula okuyingqayizivele eminyakeni eminingi—wawungacabangi nakancane ukuthi yayiyosetshenziselwa . . . ukwakha izimoto zempi zokubhubhisa izwe. Kubonakala sengathi ayikho into eyinzuzo engaqaliswa angabibikho othola indlela yokuyisebenzisa kabi.”
7. Ingabe sikhona ezimisweni zalelizwe zezomnotho esingaletha ukuchuma kubo bonke?
7 Ingabe wonke lamakhulu eminyaka okuhlola izimiso ezihlukahlukene zokonga umnotho aye aveza isimiso esiqinile futhi esiletha ukuchuma okuhlala njalo kubo bonke? Cha, ngoba ukuntengantenga kwezomnotho manje sekuvamile. Njengoba uJack Weldon, uprofesa wezokongiwa komnotho eYunivesithi yaseMcGill eMontreal, aphawula: “Noma isiphi isazi sokongiwa kwezomnotho esinekhono nesithembekile siyovuma ukuthi ngempela asiyazi indlela yokusingatha izinkinga eziyinhloko manje ezibhekene nazo zonke izizwe ezinkulu zezemisebenzi.” Isimo emazweni angakathuthuki kakhulu sibi kakhulu. Kwelinye izwe elinjalo, kubika umagazini iTime, “kunabantwana abangaphezu kwezigidi ezimbili abaye bashiywa abazali babo abampofu futhi nabanye abayizigidi eziyi-14 abaphila ngobumpofu obunjalo kangangokuba ukulahlwa cishe kubonakala kungcono.” Kwenye ingxenye yezwe, iPhilippine Daily Express yaphawula: “Abase-Asia abacela [ezigidini ezingama-500] kulinganiselwa ukuthi basesigabeni saba‘mpofu ngokuphelele’ futhi inani labo lilindelwe ukuba likhule ngokwengeziwe.”
8. Kungaliphi izinga ukubusa kweningi okuye kwaletha ngalo ukulondeka komuntu siqu ezakhamizini?
8 Phakathi neMpi Yezwe I kwakuthiwa impi yayilwelwa ukuba “izwe lilungele umbuso weningi.” Namuhla, ambalwa amazwe abuswa ngombuso weningi. Ngisho nalapho kuthiwa uchuma khona, zilondeke kangakanani izakhamuzi? EUnited States umkhaya owodwa kwemithathu uyisisulu sokuhlaselwa okuthile. IJaji Elikhulu eNkantolo eNkulu uWarren Burger wathi: “Sisondela esimweni somphakathi obuthaka—umphakathi onekhono elingabazekayo ekulondolozeni ukulondeka okuyinhloko emgwaqweni, esikoleni, nasemakhaya abantu bethu.” Wanezela: “Eminyakeni eyishumi edlule, abaholi bethu abaningi besizwe nalabo bakwamanye amazwe baye bakhuluma ngobushokobezi bezwe lonke. Kodwa isilinganiso sethu sobushokobezi obujwayelekile bansuku zonke cishe kunoma iliphi idolobha elikhulu eUnited States sidlula izingozi zabo bonke ‘abashokobezi bomhlaba wonke’ ababikwe kunoma imuphi unyaka.”—Qhathanisa nomShumayeli 8:11.
9. Kulelikhulu leminyaka, yini eyenzeka ezibikezelweni zokuthi impi iyophela?
9 IMpi Yezwe I yachazwa futhi njenge“mpi yokuqeda izimpi.” IEncyclopedia Americana iyaphawula: “Phakathi nempi abezombangazwe nabanyathelisi bakhuluma ngezinsuku ezinkulu ezizayo, lapho kungayikubabikho impi, kungayikubabikho izikhali, kungayikubabikho ukuxabana phakathi kwezizwe.” Kodwa iqiniso liye labonakala lingokuphambene. Iphephandaba laseNingizimu Afrika, iThe Natal Mercury, muva nje lathi: “UMongameli Woodrow Wilson wachaza iMpi Yezwe I njenge‘mpi yokuqeda izimpi.’ Ukubikezela kwakhe kwakuyoba ngokuqonde kakhulu ukuba [yayibizwe ngokuthi] ‘impi yokuqeda ukuthula.’” Isihloko sanezela: “Kusukela ngo-1914 izwe cishe liye labona ubudlova nesiphithiphithi esikhulu kunanini emlandweni.” Ukusetshenziswa kwemali ngezimpi emhlabeni manje kungaphezu kwezigidi zamaRandi eziyizi-500 000 ngonyaka. Namuhla izizwe zinezikhali zenyukliya ezanele ukuqothula amadolobha amakhulu angaphezu kwesigidi, inani elingaphezulu kakhulu kwamadolobha akhona.
10. Liyini iqiniso maqondana nentuthuko eyenziwe emizamweni yabantu ehlukahlukene?
10 Cha, iqiniso liwukuthi noma iyiphi intuthuko eyenziwa ezingxenyeni ezihlukahlukene, ayizange ikhulule isintu ekuxhashazweni, ekuhluphekeni, ebumpofwini, ebulelesini, empini, ekwesabeni, ekuguleni nasekufeni. Kanjalo, ukuzisholo, izithembiso nemibono yabaholi balelizwe ayikaze isekelwe eqinisweni, njengoba ubufakazi besikhathi esingamakhulu eminyaka bubonisa ngokusobala. Kunjengoba iBhayibheli lisho ku-2 Petru 2:19: “Bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha.”
Ukuhlola “Iqiniso” Lenkolo
11. Ikuphi ukuhlola okungasetshenziswa kulokho okubizwa ngokuthi iqiniso lenkolo?
11 Asidingi ukukhululwa kuphela ezimweni ezidabukisayo ezivame kangaka namuhla kodwa sidinga ukukhululwa ebugqilini bengqondo obuvela ezimfundisweni zamanga zenkolo. Kodwa izinkolo zeLobukholwa nalo lonke lelizwe zigomela ngokuthi izinkolelo zazo ziphethe iqiniso. Kulula ukukusho, kodwa amaqiniso abonisani? Khumbula, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” (Jakobe 2:26) Futhi, uJesu wathi: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathisé okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo.” Yebo, izimiso zenkolo zingabonwa njengeziyiqiniso noma ezingamanga hhayi ngalokho ezikushoyo kodwa ngalokho ezikuvezayo. UJesu waxwayisa ngezamanga: “Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.”—Mathewu 7:15-20.
12. Isimo sezinkolo zezwe simbulani?
12 Uma inkolo imelele iqiniso, ngokuqinisekile noma isiphi isithelo esincane esithelayo kumelwe sibe esihlanganisayo kulabo abayilandelayo. UJesu wathi labo abaneqiniso kumelwe “babe-munye.” (Johane 17:21) IZwi likaNkulunkulu lithi futhi: “Nikhulume-zwi linye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu.” “Nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.” (1 Korinte 1:10) Lesi kumelwe kube isimo salabo abamelela uNkulunkulu ngeqiniso, ngoba “uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula.” (1 Korinte 14:33) Kodwa izinkolo zalelizwe zihlukene zaba amahlelo ayizinkulungwane, anezimfundiso nemikhuba eshayisanayo engenziwa kuphela phakathi kwezinkolo ezihlukene kodwa ngokuvamile enkolweni efanayo. Isiphithiphithi esinjalo nephutha akunakuvela kuNkulunkulu. ILeaders’ Vision, umagazini wesonto eAustralia, wavuma: ‘Ukuphila esimweni sesiyaluyalu kuwukuphila esimweni sesono ngokweBhayibheli. Siphika ngokubonakalayo umsebenzi woMoya Ongcwele.’
13. (a) Siye saphumela kukuphi isiyaluyalu senkolo yamanga? (b) Khona-ke, ivelaphi inkolo yamanga?
13 Ubufakazi obengeziwe bokuthi izinkolo ezinjalo azinakulimelela iqiniso, nokuthi azinakuba zivela kuNkulunkulu, buvela emiphumeleni yesiyaluyalu sazo. Uma inkolo ifundisa iqiniso, kuyimfuneko eyinhloko ukuba okungenani amalungu ayo angabulalani. Ngaphandle kwalokho, hlobo luni lweqiniso, hlobo luni lobuzalwane obekungaba yilo? Kodwa umlando ubonisa ukuthi abantu bezinkolo ezifanayo zalelizwe baye babulalana ngokuvamile ngesikhathi sempi, ngezigidi, ngoba nje behlala emazweni ahlukene. Ngezinye izikhathi, abantu benkolo efanayo babulalana bodwa ezweni elifanayo, ekuvukeleni noma ekubhikisheni kwezakhamuzi. IBhayibheli lithi, ku-1 Johane 3:10-12, “abantwana bakaSathane” ababulala ‘abazalwane babo.’ (Qhathanisa noGenesise 4:8.) Abantwana bakaNkulunkulu abayenzi leyonto, kodwa, kunalokho, banothando olunganqamukiyo lomunye nomunye. UJesu wathi ngokukhanyayo: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35.
14. Ngokusebenzisa umthetho kaJesu othi “ngezithelo zabo,” liyini iqiniso ngenkolo yezwe?
14 Kanjalo, ngesithelo sazo esibi, ngesiyaluyalu sazo, ngokulwa kwazo, kanye nokuziphatha okubi okudlangile nobuzenzisi obugcwele kulezinkolo zezwe, zidalulekile ukuthi azimeleli iqiniso—azimeleli uNkulunkulu. Ngempela ziyimithi emibi, ethela izithelo ezibolile, elungele ‘ukunqunywa iphonswe emlilweni.’
Ukuthembela KuNkulunkulu Weqiniso
15. Kumelwe sithembele kubani ngokugcwele, futhi ngani?
15 Ukwehluleka kwesintu ukuletha inkululeko yeqiniso ezintweni ezibalulekile zokuphila kugcizelela lokho iBhayibheli elikushoyo kuJeremiya 10:23: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Cha, uNkulunkulu akamdalanga umuntu enekhono noma amandla okuqhela ekuqondiseni kwaKhe futhi aphumelele. Lesi esinye isizathu sokuba uNkulunkulu avumele izinkulungwane eziningi kangaka zeminyaka zokubusa komuntu ngaphandle kwakhe, ukuze abonise phakade ukuthi ukubusa okunjalo ngeke kuyilethe inkululeko yeqiniso nenjabulo. Ngakho-ke iHubo 146:3 liyeluleka ngokuhlakaniphileyo: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” Khona-ke ubani esingamethemba? IBhayibheli liyaphendula: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:5, 6.
16. Ikuphi ukuqiniseka esingaba nakho kuJehova?
16 Kungani singathembela ngokuphelele kuJehova? Kungoba, njengoba iHubo 31:5 lisho, ‘uJehova unguNkulunkulu weqiniso.’ Uma silifuna ngempela iqiniso lazo zonke izindaba ezibalulekile zokuphila nezimpendulo emibuzweni ekhathaza ngisho nabaholi bezwe, uNkulunkulu unalo. Njengoba “uNkulunkulu angeqambe amanga,” lokho akushoyo kuyokwenzeka. “UJehova-Sebawoti ufungile, wathi: Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba-njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo.”—Heberu 6:18; Isaya 14:24.
17. UJehova uye wawulungiselela kanjani umthombo weqiniso kwabathanda iqiniso ngobuqotho?
17 UNkulunkulu ngempela uyokwenza amaqiniso akhe aziwe abafuna iqiniso ngobuqotho, ngoba, kuJohane 8:32, uJesu wathi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Ethandaza kuNkulunkulu wathi futhi: “Izwi lakho liyiqiniso.” Libekwe kuphi “izwi” lakhe, iqiniso lakhe? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Yonke imibhalo iphefumlelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) UMdali wendawo yonke uMninimandla onke kanjalo uthi uyena obhale iBhayibheli. Ngamandla akhe ayisiphekupheku, noma ngomoya wakhe ongcwele, washukumisa amadoda athembekile ukuba abhale phansi imicabango yakhe. Ngakho uma sifunda imiBhalo, kunjengokungathi uNkulunkulu ukhuluma nathi.—1 Thesalonika 2:13; 2 Petru 1:20, 21.
18. Kungani kungenangqondo ukucabanga ukuthi uNkulunkulu akalibhalanga iBhayibheli?
18 Abanye bathi uNkulunkulu akazange alibhale iBhayibheli. Kodwa abantu bangazibhala izincwadi, futhi uNkulunkulu owadala abantu. Ingabe uMdali wabantu ophakeme angahluleka ukwenza lokho abantu abancane abangakwenza? Ososayensi, ngemishini yabo bathumela iziyalezo eziphuphuthekini ezisemkhathini, beziqondisa endleleni yazo. Umsakazi ukhuluma embhobhweni, futhi isigijimi sakhe sizwiwa kude kakhulu. Ngisho nasenyangeni, imifanekiso yethelevishini yezenzakalo iyadluliselwa ekhaya lakho. Kodwa uJehova wenza indlebe, iso, ugesi nomsindo. Ingabe “ngobuningi bamandla” akhe angahluleka ukudlulisela imicabango yakhe ezincekwini zakhe ezithembekile emhlabeni? Ngokuqinisekile, uMdali walelizulu nomhlaba elimangalisayo angayidala incwadi!—Isaya 40:26.
19. Kungani uNkulunkulu abhala iBhayibheli laba nzima ukuliqonda kwezinye izindawo?
19 ‘Kodwa,’ abanye bathi, ‘iBhayibheli kunzima ukuliqonda.’ Yebo, ingxenye ethile yalo. (2 Petru 3:16) Kungani uNkulunkulu abhala iBhayibheli ngaleyondlela? Kungoba nguYe onqumayo ukuthi ubani okumelwe athole iqiniso. Umphostoli uPawulu wathi ngamaqiniso kaNkulunkulu: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.” (1 Korinte 3:6) UPawulu wathi futhi ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu nangemfihlakalo engcwele: “Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya.” (1 Korinte 2:10) Kanjalo uNkulunkulu ugodla ilungelo lokwambula amaqiniso akhe kuphela kulabo abawafuna ngempela futhi abazimisele ukuphila ngawo futhi bamkhonze ngokwethembeka: “Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi-lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo.”—Amose 3:7; Daniyeli 2:28, 47.
20. Likuphi iqiniso elingasikhulula?
20 Yebo, ukhona uNkulunkulu weqiniso. Amaqiniso akhe atholakala eZwini lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli Elingcwele. Wembula ukuqonda imiBhalo engcwele ezincekwini zakhe ezithobekile nezinobunye. Khona-ke manje, imaphi amaqiniso abalulekile aqukethwe eZwini lakhe uNkulunkulu awembulela abafuna iqiniso, ikakhulukazi esikhathini sethu? Isihloko esilandelayo sizohlola amanye awo.
Ingabe uyawakhumbula lamaphuzu?
□ Iyiphi inkululeko isintu esiyidinga ngempela?
□ Amathemba alelizwe aye abonakala kanjani engadumazayo? Ngani?
□ Singayihlukanisa kanjani inkolo yeqiniso kweyamanga?
□ Yiziphi izizathu zokuthembela ngokugcwele kuJehova?
□ UJehova uwambulela obani amaqiniso akhe?
[Isithombe ekhasini 11]
Isintu sikudinga ngempela ukukhululwa ezimweni eziningi ezidabukisayo
[Izithombe ekhasini 13]
UJesu waxwayisa maqondana nenkolo yamanga: “Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni”