Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 10/15 kk. 4-7
  • Izifo—Ingabe Ziyoke Ziphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izifo—Ingabe Ziyoke Ziphele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isisekelo Sethemba
  • Ukuphela Kwezifo Kuseduze!
  • Izifo Eziwumshayabhuqe Ekhulwini Lama-20
    I-Phaphama!—1997
  • Izwe Elingenazo Izifo
    I-Phaphama!—2004
  • I-snail Fever—Ingabe Ukuphela Kwayo Kuseduze?
    I-Phaphama!—1997
  • Izwe Elingenazo Izifo
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 10/15 kk. 4-7

Izifo—Ingabe Ziyoke Ziphele?

UMA uye wangenwa ikhensa yamathambo eminyakeni eyishumi edlule, amathemba akho esikhathi esizayo kunokwenzeka aye afiphala ngempela. NgokweNational Cancer Institute, eminyakeni eyishumi edlule amaphesenti angama-80 abasha abanekhensa yamathambo bafa phakathi neminyaka emithathu. Nokho, namuhla siyabonga ngentuthuko yesayensi, kuthiwa amaphesenti angama-90 aleziziguli asekhululekile esifweni ngemva kweminyaka emithathu yokuxilonga.

Intuthuko efanayo iye yenziwa ekwelashweni kwezinye izifo. Ngokwesibonelo, ngo-1979 ikhomishane yembulunga yonke eyamiswa yiNhlangano Yomhlaba Yezempilo yathi ingxibongo isiye yasuswa emhlabeni kabanzi. Maqondana nesifo sofuba, nakuba abantu abathi ababe yizigidi ezintathu besabulawa yiso unyaka ngamunye, umagazini iWorld Health uthi: “Sesinazo zonke izikhali ezidingekayo zokuqeda isifo sofuba. Esikudingayo ukuze sinqobe lesisifo, manje naphakade, izimali nesifiso sombuso wezwe sokwenza lokho.”

Akunakuphikwa ukuthi isayensi iye yenza intuthuko enkulu ekulweni nezifo. Kodwa iqiniso lilokhu lisamile: Isayensi ikude kakhulu nokunqoba ukugula nezifo. Ngokwesibonelo, isifo senhliziyo sisalokhu siyimbangela eyinhloko yokufa kwabantu besebancane emazweni ezemisebenzi. Ngaphezu kwalokho, siza ucabangele ibhokisi elilapha elinesihloko esithi “Ingabe Isayensi Iyaziqeda Izifo?” Liphawula ezinye izifo eziqhubeka zihlula isayensi yezokwelapha.

Ngokukhungathekisayo, uhide lwezifo ezibulalayo lubonakala lukhula, ezindala ezisaqhubeka nezintsha ezinezelekayo. Ngokusobala, nakuba isayensi iye yenza intuthuko enkulu futhi iye yanikela okukhulu okumelwe kubongwe, ayikuqedi neze ukugula nezifo. Ingabe alikho ithemba ngesikhathi esizayo?

Isisekelo Sethemba

Kunesizathu esiqinisekile sokuba nethemba leqiniso lokuthi ukugula nezifo kuyophela. Kodwa, akuyikupheliswa umsebenzi wokuzinikela kososayensi. Kunalokho, lokho kuyokwenziwa umthombo ophakeme kakhulu.

Ukunqoba izifo phakade, kudinga izici ezimbili ezibaluleke kakhulu: (1) Amandla (2) nesifiso. Uma umuntu engenakho okunye kwalokhu ngeke aphumelele. Khumbula lokho umagazini iWorld Health owakusho ukuthi umuntu unamandla okususa isifo sofuba phakade, kodwa untula “imali nesifiso sombuso wezwe sokwenza lokho.”

Kunomuntu oyedwa kuphela endaweni yonke okuwuyena ekugcineni onakho kokubili amandla nesifiso sokususa zonke izifo phakade—uNkulunkulu ngokwakhe! Ngempela, lapho uJesu Kristu, owabonisa ngokuphelele izimfanelo zikaYise, esemhlabeni wabonisa ngokumangalisayo indlela amandla ayewanikezwe uNkulunkulu ayenganqoba ngayo izifo nobuthakathaka.—Johane 14:9.

Akungabazeki ukuthi uJesu Kristu, nga“mandla kaNkulunkulu,” wayenamandla okunqoba izifo. (Luka 9:43) Ngomqondo ongokoqobo ngempela uJesu wabuyisela impilo yabantu abaningi ababegula, bebuthaka futhi bekhubazekile—ababeyizinyonga, izilima nezimpumputhe (Mathewu 15:30, 31), ababephethwe isithuthwane nababefe uhlangothi (Mathewu 4:24), ababenochoko (Luka 17:12-14), owesifazane owayenokopha (Marku 5:25-29), owayenesandla esishwabene (Marku 3:3-5), owayenesifo samanzi (Luka 14:2-4) nabantu ababephethwe “izifo ngezifo.” (Luka 4:40) Phela, kunezimo ezintathu ezibonisiwe lapho uJesu evusa abafile! (Luka 7:11-15; 8:49-56; Johane 11:38-44) Ezimweni eziningi, ukuphulukiswa kwakungaso lesosikhathi, kungekho sikhathi sokululama.

Ngokusobala, ukuthi uJesu Kristu wayethanda ukunqoba izifo kusobala kulokho akwenza ekwelapheni abaningi. Nokho, ngendlela ethinta ngokwengeziwe iBhayibheli limbula isifiso esiqotho sikaJesu sokubuyisela impilo kwabanye.

Ngemva kokuzwa ngokufa kukaJohane uMbhapathizi, uJesu wawela ngomkhumbi waya endaweni eyihlane ukuze abe yedwa. Kodwa ngokusobala isixuku esikhulu sabantu sabona umkhumbi uhamba phezu kwamanzi futhi sabheka lapho uya khona. Sasimlindele uJesu lapho efika. UJesu wasabela kanjani? Ingabe wacasuka? Wathukuthela? Kakade wayengafanele yini aphumule futhi athole ukuthula? Kunokuba ababheke njengohlupho, nokho, indaba iyacacisa:

“Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba-nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.” (Mathewu 14:13, 14) Esinye isazi seBhayibheli sithi ngegama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “waba-nesihe”: “Kuyigama eliqine kakhulu lomusa ngolimi lwesiGreki. Lakhiwe egameni elithi splagchna, elisho izibilini futhi lichaza umusa nesihe okushukumisa umuntu ngokujule kakhulu ebuntwini bakhe.” Yebo, uJesu wayengenakukubekezelela ukubona abagulayo bengakhululekile ezinhlungwini.—Luka 5:12-14.

Akukho kungabaza ngalokhu. Enikwe amandla uNkulunkulu, uJesu Kristu wayenakho kokubili amandla nesifiso sokunqoba izifo. Namanje usenakho! (Heberu 13:8) Ukwelapha akwenza lapho esemhlabeni kwakufanekisela izibusiso zokwelapha eziyokwelulelwa esintwini emhlabeni wonke ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. ‘Kodwa kuyokwenzeka nini lokhu?’ uyabuza.

Ukuphela Kwezifo Kuseduze!

Njengoba kuye kwaboniswa izikhathi eziningi kuNqabayokulinda “isibonakaliso” esiyinhlanganisela, “ubici,” noma izifo, okuyingxenye yaso, siye saba sobala kusukela ngo-1914. Uma uhlola ubufakazi, akungabazeki ukuthi amazwi kaJesu aye aba iqiniso. Ngakho, okuningi ukugula nezifo esikubonayo namuhla empeleni kuwukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu kuMathewu 24:3-7 nakuLuka 21:10, 11. Lokho kusho ukuthi siphila “ekupheleni kwezwe”!

Ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uyosusa lesisimiso esibi esikhona futhi ufake esikhundleni saso uHlelo Olusha lokulunga. (2 Petru 3:13) Khona-ke, ngaphansi kokubusa koMbuso, ubhici lwezifo, akusayikusiphuca impilo nokuphila. Yeka ukubonga esingaba nakho ngokuthi uBaba wethu onothando wasezulwini unakho kokubili amandla nesifiso sokususa ukugula nezifo ngokuphelele, phakade!—IsAmbulo 21:3, 4.

Ingabe ungathanda ukwazi okwengeziwe ngezibusiso ezengeziwe zikaNkulunkulu nalokho okumelwe ukwenze ukuze uzuze kuzo? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza. Kungani ungathintani nabo endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini?

[Ibhokisi ekhasini 7]

Ingabe Isayensi Iqeda Izifo?

Ikhensa: Kulinganiselwa ukuthi kulonyaka kuphela kuzokuba neziguli ezintsha eziyizi-835 000 zekhensa eUnited States. Ngesikhathi esifanayo, abantu abalinganiselwa ezi-430 000 bayobulawa yiyo. Futhi iNhlangano Yomhlaba Yezempilo ithi ezigulini ezilinganiselwa ezigidini ezingama-37 zekhensa emhlabeni wonke ezingaphezu kwengxenye zisemazweni asathuthuka.

I‘Chagas’ Disease: Lesi isifo esidla igazi esikhathaza abantu abayizigidi eziyishumi eNingizimu namaPhakathi neMelika. Uma sisaqala lesisifo esidla igazi sihlasela izicubu zomzimba, ikakhulukazi inhliziyo. Lesisifo siyaxhwalisa futhi singabulala, ukufa ngokuvamile kuvezwa ukuntula okuthile enhliziyweni. Alikho ikhambi elaziwayo e‘Chagas’ Disease.

Umkhuhlane: Umkhuhlane waseSpain ngokungangabazeki wawungumkhuhlane omubi kunayo yonke eyake yabheduka, owabulala cishe izigidi ezingama-20 ngo-1918 no-1919. Naphezu kwemijovo etholakalayo, izinkinga ezinkulu ezintsha zegciwane lalomkhuhlane ziye zaphakama. Igciwane lalomkhuhlane linamandla amangalisayo okushintsha ukwakheka kwemolecule yalo kaningi, liqale ubhadane olusha. Kanjalo, umkhuhlane waseAsia wabulala abantu abayizi-57 000 emhlabeni wonke ngo-1957. Umkhuhlane waseHong Kong wabulala izi-33 000 ngo-1968 nango-1969. Eminyakeni engama-20 edlule, abaseMelika abayizi-500 000 baye babulawa yilomkhuhlane.

IRiver Blindness: Iriver blindness, futhi ibizwa ngokuthi onchocerciasis, kuyisifo esingalapheki esisakazeka ngokulunywa izimpukane ezimnyama. Ukuhlasela kwalesisifo emzimbeni womuntu kubonakala ngezibazi esikhumbeni nasemehlweni. Nakuba singabangela ubumpumputhe, ngokuvamile asibulali. Sekuhlanganiswa bonke, abantu abayizigidi ezingama-40 eAfrika, eMexico, eGuatemala, eVenezuela, eColombia naseBrazil banale-onchocerciasis. Abacwaningi basafuna imithi engcono yalesisifo.

Isifo Esidla Isikhumba: S.L.E. (systemic lupus erythematosus), ngezinye izikhathi siyisifo esibulalayo sesimiso somzimba sokulwa nezifo, esihlasela izi-500 000 kuya esigidini samaMelika. Kulesisifo esidla isikhumba izicubu zomzimba ezihlanganisayo, ezibamba futhi zisekele amangqamuzana, zihlaselwa isimiso somzimba sokulwa nezifo. Ngokusho kodokotela mayelana nalesifo ezigulini eziningi kuye kwaba ngcono eminyakeni yamuva, ngamaphesenti angama-80 kuya kwangama-95 eziguli eziphila cishe iminyaka eyishumi ngemva kokuxilongwa. Nokho, akukabibikho khambi elaziwayo ngalesisifo esidla isikhumba.

Umkhuhlane Womnenke: Kakade osuhlasele abantu abalinganiselwa ezigidini ezingama-200 emazweni angama-71, umkhuhlane womnenke (schistosomiasis) usakazeka ngokushesha. Abantu bawuthola ngokugeza noma ngokubhukuda emanzini aneminenke nezilwanyana okuthiwa amaschistosomiasis. Uma sezingaphakathi kumuntu, amaqanda alezilwanyana angenza umonakalo omkhulu esinyeni nasesibindini, ngokuvamile okuphumela ekufeni. Ukwelashwa komkhuhlane womnenke kusalokhu kuyinkinga, (ikakhulukazi emazweni ampofu), ngoba lokhu kuxhomeke kakhulu ekuchithweni okufanele kukadoti.

Umalaleveva: Ubangelwa ukulunywa umiyane wesifazane okuthiwa iAnopheles, umalaleveva uyisifo esidala. Emazweni owake waqedwa kuwo anjengeNdiya neSri Lanka, eminyakeni yamuva umalaleveva uye wabuya ungasadle-nkobe! Ngokungaphezulu, abantu abangaphezu kwezidigi eziyi-150 emhlabeni wonke manje baphethwe isifo soqhuqho, umkhuhlane nezinye izimpawu zikamalaleveva. Abacwaningi basalokhu befuna umjovo walokhu.

Isifo Sokubhajwa: Ukutholakala kwepenicillin kwanikeza ukuqiniseka okuyiphutha emphakathini oyekelelayo. Manje ugcunsula owehlula ipenicillin uye wanda.

Isifo esisha esidla isikhumba sezitho zangasese, kuthiwa siphethe abantu ababalelwa ezigidini ezingama-20 eUnited States kuphela. Sibangelwa igciwane elithile futhi ngokuvamile sidluliselwa ngokuhlangana kobulili. Ngokufanayo, isifo esisha okuthiwa iAIDS sisakazeka ngokushesha phakathi kongqingili nabanye. Izingcweti zikucabangela njengolunye lobhadane olubulala kakhulu. Akukho-makhambi aziwayo alesisifo esidla isikhumba sezitho zangasese neAIDS.

I-multipie Sclerosis: Isifo semizwa yengqondo nomfunkulo—imultiple sclerosis ihlasela abantu abangaba izi-500 000 eUnited States kuphela. Ngokuvamile ihlasela izisulu zayo lapho zineminyaka engama-20 nama-30. Uhide olude lwezimpawu luhlanganisa inkwantshu, ukungahleleki okuhle komzimba, ukungaboni kahle, ukukhuluma ngokumungunya nokwehluleka kwesinye noma amathumbu ukubamba ukuphiswa. Nakuba ukucwaninga okuningi kusaqhubeka, akukabibikho-khambi eselitholakele.

[Isithombe ekhasini 6]

UJesu wayekwazi futhi ethanda ukunqoba izifo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela