IBhayibheli—Ingabe Livela kuNkulunkulu Ngempela?
KUNENTO eyodwa eqinisekile. Ukuze wamukele incwadi njengevela kuNkulunkulu, kumelwe ibe neqiniso futhi ingenzi-phutha kukho konke ekushoyo. Abantu nezindawo ebhekisela kuzo kumelwe kube okwakukhona ngempela. Ingabe awuvumi? IBhayibheli lihambisana kanjani-ke nalokhu?
Cabangela isibonelo esisodwa nje. IBhayibheli lichaza uPontiyu Pilatu njengombusi wakwaJuda phakathi nenkonzo yasemhlabeni kaJesu Kristu. (Luka 3:1, 2) Kodwa ingabe uPilatu waphila ngempela, futhi uma kunjalo, ingabe ngempela wayengumbusi wakwaJuda?
Isikhathi eside besingekho isiqinisekiso. Khona-ke ngo-1961, kwatholakala into ephawulekayo eKhesariya. Itshe elilotshiwe lavubukulwa lelo ekuqaleni elaliyingxenye yethempeli elalidumisa umbusi uTiberiyu. Amazwi esiLatini athi: “UPontiyu Pilatu, uNdunankulu wakwaJuda, uye wanikezela kubantu baseKhesariya ithempeli ekudumiseni uTiberiyu.” Ukungenzi-phutha okungokomlando kweBhayibheli kwaqinisekiswa! Futhi kukhona eziningi ezinye izibonelo ezibonisa ukuthi iBhayibheli alenziphutha futhi linokwethenjelwa ngokomlando nangomumo womhlaba.
Ungase uthi, ‘awukahle.’ ‘Iqiniso lokuthi incwadi iqinisile alifakazeli ukuthi ivela kuNkulunkulu!’ Iqiniso. Ukuba neqiniso kweBhayibheli kukodwa akufakazeli ukuphefumlelwa kwalo kwaphezulu. Nokho, iBhayibheli liqukethe ubufakazi obufakazela ukuthi lingaphezu nje kwencwadi engokomlando eqondile. Ngakho-ke, abafundi beBhayibheli abaningi abaqotho baye bakholwa ukuthi iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu. Ufanele ubone ukuthi yini eyabaholela kuleyonkolelo. Ake sihlole izingxenye ezinhlanu ezihlukene ezinikeza ubufakazi.
Ukuvumelana Ngaphakathi
Ake ube nombono wabantu abangama-40 becelwa ukuba balobe izingxenye zencwadi. Izizinda zabo zihlukahlukene. Abanye bafundisiwe, kulapho abanye bengabalimi abaphansi noma abelusi. Futhi, kungebona bonke babo abazanayo. Eqinisweni, iningi labo bephile ngezikhathi ezihlukahlukene emlandweni nasezindaweni ezihlukene. Ucabanga ukuthi kwakungenzeka yini ukuba izincwadi zabo zivumelane zonke, ngisho nasemininingwaneni emincane? ‘Kwakungenakwenzeka!’ uyasho? Nokho, lezi yizo kanye izimo ezihileleke ekulotshweni kweBhayibheli.
Manje cabangela njengesibonelo esisodwa sokuvumelana kwabalobi ukuchaza kwabo uJehova uNkulunkulu ongaguquki. Njengoba ungafunda eBhayibhelini, izingxenye zalo ezihlukahlukene zinikeza incazelo evumelanayo ngoJehova uNkulunkulu ngakho kokubili ukuba kwakhe umuntu nobuntu bakhe. Akanasiqalo, ungowaphakade. (IHubo 90:2; Habakuki 1:12; IsAmbulo 10:6; 15:3) Akabonakali emehlweni abantu. (Eksodusi 33:20; Johane 1:18; 1 Thimothewu 1:17) Abalobi beBhayibheli, lapho benikezwa imibono yokuba khona kwakhe, bachaza isizotha esikhulu nobukhulu, ukuthula, ukuhleleka nobuhle. (Eksodusi 24:9-11; Hezekeli 1:26-28; IsAmbulo 4:1-3) Kulo lonke iBhayibheli izimfanelo zikaNkulunkulu ezivelele ziboniswa ngokuphindaphindiwe ukuba uthando, ukuhlakanipha, ukulunga namandla.
Ngokuqinisekile, ukuvumelana okungaphakathi kweBhayibheli—naphezu kwabalobi balo abaningi—kubonisa ukuthi livela emthonjeni ophakeme kunomuntu.
Ukuba Neqiniso Okungokwesayensi
Manje ake sicabangele ukukhulumela kweBhayibheli okukodwa noma okubili ngezindaba zesayensi. Kungani kubalulekile lokhu? Ngenxa yezizathu eziningana: (1) Kuvumelana namaqiniso angokwesayensi; (2) kubonisa ulwazi olwalungaphezu kolwazi umuntu ayenalo ngesikhathi kubhalwa; futhi (3) kukhululeke ngokuphelele emibonweni edukile ababenayo ngalesosikhathi.
Mhlawumbe wake wezwa ukuthi iBhayibheli lithi umhlaba wethu umi ezeni futhi uyimbulunga. (Jobe 26:7; Isaya 40:22) ‘Kunakubaluleka kuni lokho?’ ungase ubuze. Khumbula ukuthi lamazwi eBhayibheli avumelana neqiniso eliye lafakazelwa elingokwesayensi futhi aphikisana nezinganekwane zasendulo ngesimo somhlaba nendlela owasekelwa ngayo. Phela, kuze kwaba seminyakeni engamakhulu ambalwa edlule abantu abaningi, ngisho nalabo abahileleke kwezesayensi, bekholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba! Ngakho kungokuvelele ukuthi abalobi beBhayibheli babewazi lamaqiniso maqondana nomhlaba eminyakeni eyizinkulungwane edlule kanti babengenawo amathuluzi esimanje esayensi!
Nasi esinye isibonelo. Ngesikhathi sikaMose kwakuyisiko eGibithe ukusebenzisa indle yabantu noma yezilwane njengekhambi lokugula okuthile. Ngokungaphezulu, uMose wakhuliswa eGibithe futhi “wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe.” (IzEnzo 7:22) Kodwa amazwi awaloba kuDuteronomi 23:12, 13 awahlangene ngokuphelele nemikhuba yokwelapha yaseGibithe edukile—eqinisweni, eyingozi. Ngokwalamazwi, kuIsrayeli wasendulo indle yomuntu kwakumelwe icatshangelwe njengengcolile, kwakumelwe igqitshwe kude nendawo okuhlalwa kuyo namanzi. Njengoba wazi, isayensi yokwelapha yanamuhla iyavuma.
Ingabe lezi zibonelo azikhombisi ngokuqhubekayo ukuthi ukwaziswa okwalotshwa abalobi beBhayibheli kumelwe ukuba kwakuvela emthonjeni ophakeme kunabo?
Ubuqotho
Okunye okuthile okubonisa iBhayibheli njengelivela kuNkulunkulu ubuqotho babalobi balo. Ngani? Ngoba, kumelene nemvelo yenyama ebuthaka yabantu ukuvuma amaphutha, ikakhulukazi ngokubhala phansi. Kulokhu, iBhayibheli lihlukile kwezinye izincwadi zasendulo. Kodwa, ngaphezu kwalokhu, ubuqotho babalobi balo buyasiqinisekisa ngokwethembeka kwabo. Futhi, babengenakubuveza kalula ubuthakathaka babo bese bekhuluma amanga ngezinye izinto, akunjalo? Uma babengase baqambe amanga nganoma yini, kwakungeke yini kube ukungazikhulumeli kahle bona ngokwabo? Ngakho-ke, ubuqotho babalobi beBhayibheli bunezela isisindo emazwini abo okuthi uNkulunkulu wabaqondisa kulokho abakuloba phansi.—2 Thimothewu 3:16.
Njengesibonelo sobuqotho obunjalo, ake sicabangele uMose. Nakuba ayewumholi wesizwe sakwaIsrayeli, umlamuleli wesivumelwano soMthetho, umprofethi nomahluleli, akamholanga uIsrayeli waze wangena eZweni leSithembiso. Kungani? NgokwabAhluleli 20:1-13, uMose wenza iphutha elingathi sína. Zifundele ngokwakho indlela ‘aphambuka’ ngayo futhi “wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe,” wehluleka ukungcwelisa igama likaNkulunkulu. Ubani owaloba lendaba encwadini yeBhayibheli kaNumeri? UMose, owenza umbhalo ocacile wokushiyeka kwakhe!—Duteronomi 32:50-52; IHubo 106:32, 33.
Cabangela ngokulandelayo ukushiyeka kwabaphostoli bakaJesu Kristu. Ngezinye izikhathi babephuza ukuzwisisa (Mathewu 16:5-12), babonisa ukholo oluncane (Mathewu 17:18-20) futhi bambula ukuthambekela kokufuna ukuqhama. (Mathewu 18:1-6; 20:20-28) Phela, baze ngisho bashiya uJesu ngobusuku aboshwa ngabo! (Mathewu 26:56) Uyakuphawula yini ukuthi konke lokhu kushiyeka kwalotshwa uMathewu, omunye wabaphostoli abayi-12?
Awuvumi yini ukuthi ubuqotho babalobi beBhayibheli buwubufakazi obengeziwe bokuthi iBhayibheli lingaphezu nje kokuba incwadi yomuntu futhi ngokusobala liqukethe ‘hhayi izwi labantu, kodwa izwi likaNkulunkulu?’—1 Thesalonika 2:13.
Ukulondolozwa
Ukulondolozwa kwemiBhalo futhi kubonisa ukuthi iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu. Cabangela lezi zizathu ezimbili:
(1) Njengoba abalobi beBhayibheli ekuqaleni baloba ezintweni ezigugayo, imiBhalo kwafuneka ikopishwe ngesandla izikhathi eziningi kuwo wonke amakhulu eminyaka ukuze igcinelwe izizukulwane ezizayo. Kungani lokhu kwakubaluleke kakhulu? Hhayi nje kuphela ngoba kwakukhona ingozi yephutha lobuntu kodwa futhi ngoba kwakukhona imizamo yamabomu yokuganga ngemibhalo. Nokho, iBhayibheli lize lafika kithi lineqiniso ngokumangalisayo, njengoba okwatholwa ezincwadini zasendulo zeBhayibheli kuqinisekisa.a
(2) Ukulondolozwa kweBhayibheli kumangalisa ngokwengeziwe lapho ucabangela ukuthi liye lasinda ekuphikisweni okunzima. Kukhona izikhathi lapho opapa nemikhandlu benqabela khona ukufundwa kweBhayibheli bebeka isijeziso sokuxoshwa ebandleni. Abaningi abathandi beBhayibheli bashiswa ezigxotsheni. Kodwa iBhayibheli lasinda konke lokho kuphikiswa futhi laba incwadi ethengwa kakhulu emhlabeni.
Ayikho enye incwadi emlandweni wesintu eye yasinda ineqiniso naphezu kokukopishwa kwayo okuphindaphindiwe abantu abangaphelele namakhulu eminyaka okuhlaselwa okunzima izitha. Ingabe lobu akubona ubufakazi obanelisayo bokuthi iBhayibheli liqukethe “iZwi leNkosi” ‘elimi kuze kubephakade’?—1 Petru 1:24, 25.
Isiprofetho
Mhlawumbe ubufakazi obunamandla kakhulu bokuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ukugcwaliseka kweziprofetho zalo eziningi. Ukhona yini umuntu ongabikezela isikhathi esizayo ngokunemba okungahluleki, okushaya emhloleni, amakhulu eminyaka, ngisho nezinkulungwane kusengaphambili? Abantu banobunzima ekubikezeleni isimo sezulu esizoba khona emahoreni ambalwa azayo.
‘Kodwa sazi kanjani ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zalotshwa kusengaphambili ngempela?’ ungase ubuze. Ukuze siphendule lokho, vula kuIsaya 13:19, 20 futhi ufunde isiprofetho sikaIsaya maqondana nokubhujiswa kweBabiloni lasendulo. Phawula ukuthi uIsaya akabikezelanga nje kuphela ukubhujiswa kweBabiloni. Wabuye wathi: “[IBabiloni] alisoze labuye lakhiwe.” IBabiloni liyihlane kuze kube namuhla. Kwakungenzeka kanjani ukuba uIsaya alobe isiprofetho sakhe ngemva kokugcwaliseka?
Ngaphezu kwalokho, nakuba iBabiloni lanqotshwa amaMede namaPheresiya ngo-539 B.C.E., isiprofetho sikaIsaya asigcwalisekanga ngokuphelele ngalesosikhathi. Eqinisweni, kwakusekhona abantu ababephila eBabiloni kwaze kwaba sekhulwini lokuqala C.E. (1 Petru 5:13) Ngokusobalake, kwaze kwaba sekhulwini lesine C.E. lapho iBabiloni laba incithakalo ngokuphelele, kanjalo lagcwalisa ngokuphelele amazwi kaIsaya. Akukho kungabaza ngokuthi uIsaya waloba incwadi yakhe ngaphambi kwalokho, ngoba ngisho nemiQulu yasoLwandle Olufile (izincwadi zeBhayibheli ezatholwa okokuqala ngo-1947) ziqukethe incwadi kaIsaya enezinsuku ezikhomba ekhulwini lokuqala nelesibili B.C.E.
IBhayibheli liqukethe iziprofetho eziningi zesikhathi eside esizayo ezagcwaliseka. Nangaphezu kwalokho, ukutadisha iBhayibheli kwembula ukuthi liqutheke iziprofetho ozibona zigcwaliseka namuhla. (Cabangela ibhokisi elihambisana nalesihloko.) Kungaba khona yinike ukungabaza ukuthi abalobi beBhayibheli baloba okuvela kuNkulunkulu?
Ngemva kokubukeza ubufakazi, uphetha ngokuthini? Okungenani, ingabe iBhayibheli alikufanele ukuba ulihlole? Kunesizathu esicindezelayo sokuba ulihlole. Njengoba siphawulile esihlokweni esandulelayo, akukaze emlandweni kube khona indingeko enkulu yokuqondiswa okunokwethenjelwa ezindabeni zesintu. IBhayibheli liqukethe izimiso okungathi uma zisetshenziswa, zikusize ukuba ubhekane ngokuphumelelayo nobunzima obungokomnotho, uphile ngokuthula nomakhelwane bakho futhi wakhe ukuphila komkhaya okuthokozisayo. Kuthiwani ngezinkinga zembulunga ezingaphezu komuntu ukuba aziqondise? IBhayibheli libeka ikhambi elihlala njalo elizokhishwa uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu esikhathini esizayo esiseduze.
Ungathanda yini ukuthola okwengeziwe ngalezinto? Kungani ungathintani noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini? Kunokuningi kakhulu okuyinzuzo ongakuthola.
“Nazi lokhu kuqala ukuthi kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhluma okukaNkulunkulu.”—2 Petru 1:20, 21.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi Aid to Bible Understanding, amakhasi 1106-1110, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Iziprofetho ZeBhayibheli Esiye Sazibona Zigcwaliseka
1. Izimpi zezwe (IsAmbulo 6:3, 4)
2. Ukuswelakala kokudla okukhulu, nokudlondlobala kwamanani okudla (IsAmbulo 6:5, 6; Mathewu 24:7)
3. Ukudlanga kobushinga nobugebengu (Mathewu 24:12; 2 Thimothewu 3:1-5)
4. Ukwanda kokuzamazama komhlaba (Luka 21:11)
5. Ukonakaliswa komhlaba, okunjengokunukubezwa okubulalayo (IsAmbulo 11:18)
6. Ukushunyayelwa ezweni lonke kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngoFakazi BakaJehova (Mathewu 24:14)
[Isithombe ekhasini 5]
Abantu abaye bahamba enyangeni noma bazungeza umhlaba bangakufakazela ukuba neqiniso elingokwesayensi kweBhayibheli
[Isithombe ekhasini 6]
Kungani kungokuphawulekayo ukuthi uMose waloba iphutha lakhe elikhulu?