IBhayibheli—Ingabe Siyalidinga?
“KUNGOKUNGENAKWENZEKA ukubusa kahle izwe ngaphandle kukaNkulunkulu neBhayibheli.” Waphawula kanjalo uGeorge Washington, umongameli wokuqala waseUnited States. Ingabe uyavuma? Cabangela okwenzeka eduze kwakho.
Ukukhuphuka kwamanani: Kusukela ekuqaleni kweMpi Yezwe II amandla emali okuthenga emazweni amaningi aye ancipha, njengoba kungase kube uyakuqaphela ngokudabukisayo. NgokweU.S. News & World Report, “ukulahlekelwa okubangelwa ukuncipha kwamandla edola kuye kwakhulisa amanani ngo-579% kusukela ngo-1939.”
IMpi: Izimpi zezwe zalelikhulu leminyaka zabulala abantu abayizigidi eziyishumi—kokubili amasosha nabantu nje. Kusukela ngo-1945 kuya ku-1978 amasosha ayizigidi ezingamashumi amabili nanhlanu abulawa ezimpini ezicishe zibe yikhulu namashumi amahlanu. Njengamanje, izizwe zichitha amaRandi angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu ngonyaka ezikhalini, noma cishe amadola ayisigidi ngomzuzu!
Idivosi: EJaphane kuba khona idivosi njalo ngemva kwemizuzu emine. EUnited States umshado owodwa kwemibili uphetha ngedivosi. ESoviet Union engamashumi amathathu kweyikhulu. Lawa abonisa isimo esikhona ezweni lonke.
Ubugebengu: Ubugebengu bobudlova buyakhula kuwo wonke amazwe. Ngokwesibonelo, eUnited States ubugebengu obubi kakhulu benziwa njalo ngemva kwemizuzwana engama-24. Kuba khona ukubulala ngemva kwemizuzu engama-23, ukudlwengula njalo ngemva kwemizuzu eyi-9, ukuphanga njalo ngemizuzwana engama-58. Futhi ubugebengu bubonakala bukhokhela, ngoba amaphesenti angama-90 kuphela alobugebengu axazululwayo futhi izigebengu ziboshwe.
Ukuswelakala kokudla: Nakuba umkhiqizo wokudla wezwe lonke uye wakhula ngokubekile eminyakeni edlule engama-30, muva nje kunabantu abakhubazwe indlala abengeziwe kunanini ngaphambili. Cishe abantu abayizigidi eziyikhulu—noma oyedwa kwabayisishiyagalolunye—ukhathazwa ukungondleki okungathi sína; lenkinga ikhona ngisho ezizweni “ezithuthukile.”
Zonke lezi zinkinga zikhona futhi zikhula naphezu kwemizamo yabezomnotho, ezombangazwe, abeluleki bomshado, izazi zengqondo nezinye izazi eziningi. Akukho yini obala ukuthi thina siqu, nezwe lilonke, sidinga ukuqondiswa okuvela emthonjeni ophakeme kunomuntu?
IBhayibheli lithi lingakunikeza ukuqondisa okunjalo. “Umoya kaJehova wakhuluma Ngami,” kusho umlobi weBhayibheli uDavide. (2 Samuweli 23:2) Abaprofethi beBhayibheli “beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu,” kunezela umphostoli uPetru.—2 Petru 1:20, 21.
Yebo, ungase uqaphele ukuthi iqiniso lokuthi incwadi ithi ivela kuNkulunkulu alikufakazeli ukuthi kunjalo ngempela. Ngakho kumelwe ucabangele ukuthi: Ingabe bukhona ubufakazi, ubufakazi obanelisayo, bokuthi iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu.