Injabulo KaJehova Iyinqaba Yethu
“Lolusuku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”—NEHEMIYA 8:10.
1, 2. (a) Yini inqaba? (b) UDavide wabonisa kanjani ukuthi wayephephela kuJehova?
UJEHOVA uyinqaba engenakuqhathaniswa. Yini inqaba? Yisakhiwo esiqinile, indawo yokulondeka noma yokusindela kuyo. UDavide wakwa-Israyeli wasendulo wabheka uNkulunkulu njengenqaba yakhe. Ngokwesibonelo, cabangela ingoma uDavide ayibhekisa koPhezukonke “mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,” inkosi yakwa-Israyeli.—IHubo 18, :umbhalo ongenhla.
2 UDavide waqala leyongoma ethinta inhliziyo ngamazwi athi: “Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.” (IHubo 18:1, 2) Njengoba ayebhekwa njengesigcwelegcwele ngokungemthetho futhi ezingelwa iNkosi uSawule, uDavide oqotho waphephela kuJehova, njengoba nje umuntu engase abalekele esakhiweni esiqinile ukuze asinde engozini ethile.
3. Kungani amaJuda osuku luka-Ezra ‘ajabula kakhulu’?
3 Injabulo uJehova ayinikezayo iyinqaba engadumazi kulabo abahamba endleleni yakhe njengabagcini bobuqotho. (IzAga 2:6-8; 10:29) Yiqiniso, ukuze abantu babe nenjabulo enikezwa uNkulunkulu, kumelwe benze intando yaphezulu. Ngokuqondene nalokhu, cabangela lokho okwenzeka eJerusalema ngo-468 B.C.E. Umbhali u-Ezra kanye nabanye badlulisela ukuqonda ngokufunda uMthetho ngendlela ezwakalayo. Khona-ke abantu banxuswa: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga-lutho, ngokuba lolusuku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.” Umphumela waba ‘injabulo enkulu’ njengoba amaJuda esebenzisa ulwazi ayelutholile futhi egubha uMkhosi Wamadokodo ojabulisayo. (Nehemiya 8:1-12) Labo ‘ababenenjabulo kaJehova njengenqaba yabo’ bathola amandla okumkhulekela nokwenza inkonzo yakhe. Njengoba injabulo kaJehova yayiyinqaba yabo, kufanele silindele ukuba abantu bakaNkulunkulu namuhla nabo bajabule. Khona-ke, ziyini ezinye zezizathu zabo zanamuhla zokujabula?
“Uthokoze Kakhulu”
4. Uyini umthombo ovelele wenjabulo kubantu bakaJehova?
4 Esinye isizathu esivelele senjabulo ilungiselelo uJehova alenzayo lokuhlangana ndawonye. Imihlangano yoFakazi BakaJehova emikhulu nemincane ibalethela injabulo namuhla, njengoba nje nemikhosi yaminyaka yonke eyayigujwa ama-Israyeli yayiletha injabulo ezinhliziyweni zawo. Abantu bakwa-Israyeli batshelwa: “Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi [wamadokodo] endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.” (Duteronomi 16:13-15) Yebo, uNkulunkulu wayefuna ukuba ‘bathokoze kakhulu.’ Kunjalo nangamaKristu, ngoba umphostoli uPawulu wanxusa ayekholwa kanye nabo: “Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani.”—Filipi 4:4.
5. (a) Iyini injabulo, futhi amaKristu ayithola kanjani? (b) Singaba kanjani nenjabulo naphezu kwezilingo?
5 Njengoba uJehova efuna sijabule, usinika injabulo njengesinye sezithelo zomoya wakhe ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Iyini injabulo? Iwumzwelo ojabulisayo obangelwa ukulindela noma ukuthola okuhle. Injabulo isimo sentokozo yeqiniso, ngisho nokwethaba. Lesisithelo somoya kaNkulunkulu ongcwele siyasisekela lapho singaphansi kokulingwa. “Esikhundleni sentokozo ayibekelweyo [uJesu] wathwala [isigxobo sokuhlushwa, NW] engalinaki ihlazo‚ wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heberu 12:2) Umfundi uJakobe wabhala: “Bazalwane bami‚ nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo‚ anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.” Kodwa kuthiwani uma singazi ukuthi kumelwe senzeni ngesilingo esithile? Khona-ke ngokuqiniseka singathandazela ukuhlakanipha kokubhekana naso. Ukwenza ngokuvumelana nokuhlakanipha kwasezulwini kusenza sikwazi ukuxazulula izinkinga noma ukubhekana nokulingwa okuphikelelayo ngaphandle kokulahlekelwa injabulo kaJehova.—Jakobe 1:2-8.
6. Injabulo ihlobene kanjani nokukhulekela kweqiniso?
6 Injabulo uJehova ayinikezayo isinikeza amandla okuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Yilokho okwenzeka ezinsukwini zikaNehemiya no-Ezra. LawomaJuda ngalesosikhathi ayenenjabulo kaJehova njengenqaba yawo anikezwa amandla okuqhubekisela phambili izithakazelo zokukhulekela kweqiniso. Njengoba ayethuthukisa ukukhulekelwa kukaJehova, injabulo yawo yanda. Kunjalo nanamuhla. Njengabakhulekeli bakaJehova, sinezizathu zokujabula kakhulu. Manje ake sicabangele ezimbalwa ezengeziwe zezizathu zethu eziningi zokujabula.
Ubuhlobo NoNkulunkulu NgoKristu
7. Ngokuphathelene noJehova, isiphi isizathu sokujabula amaKristu anaso?
7 Ubuhlobo bethu obuseduze noJehova busenza sibe abantu abajabula kunabo bonke emhlabeni. Ngaphambi kokuba sibe amaKristu, sasiyingxenye yomphakathi wesintu ongalungile ‘ohlwelwe emqondweni‚ ohlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu.’ (Efesu 4:18) Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi asisahlukanisiwe noJehova! Yiqiniso, kudinga umzamo ukuhlala sisemseni wakhe. Kumelwe ‘sihlale ekukholweni‚ sisekeliwe sigxilile‚ singagudluzwa ethembeni levangeli.’ (Kolose 1:21-23) Singajabula ngokuthi uJehova wasidonsela eNdodaneni yakhe ngokuvumelana namazwi akhe uJesu: “Akakho ongeza kimi; uma uBaba ongithumileyo engamdonsi.” (Johane 6:44) Uma sibazisa ngempela ubuhlobo bethu obuyigugu noNkulunkulu esibuzuze ngoKristu, siyoqaphela noma yini engase ibonakalise.
8. UJesu uye waba kanjani nengxenye esimweni sethu sokujabula?
8 Ukuthethelelwa izono ngokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo kuyisizathu esikhulu sokujabula ngoba yikho okwenza bube nokwenzeka ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Ngenkambo yakhe yesono yangamabomu, ukhokho wethu u-Adamu waletha ukufa phezu kwaso sonke isintu. Nokho, umphostoli uPawulu wachaza: “UNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi‚ siseyizoni‚ uKristu wasifela.” UPawulu futhi wabhala: “Njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba-khona ukulahlwa kubantu bonke‚ kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba-khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke; ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni‚ kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.” (Roma 5:8, 18, 19) Yeka ukuthi singajabula kanjani ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyakujabulela ukuhlenga labo benzalo ka-Adamu abalisebenzisayo ilungiselelo elinjalo lothando!
Inkululeko Nokukhanyiselwa Ngokwenkolo
9. Kungani sijabula ngokwenkolo?
9 Ukukhululeka eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, kungesinye isizathu sokujabula. Yiqiniso laphezulu elisikhululile. (Johane 8:32) Futhi ukukhululeka kulesisifebe esingokwenkolo kusho ukuthi asihlanganyeli ezonweni zaso, asizizwa izinhlupho zaso futhi ngeke sigcine ngokubhujiswa kanye naso. (IsAmbulo 18:1-8) Akukho lutho oludabukisayo ngokusinda kukho konke lokho!
10. Ikuphi ukukhanyiselwa esikujabulelayo njengabantu bakaJehova?
10 Ukuqonda iZwi LikaNkulunkulu nokulisebenzisa ekuphileni kuyizimbangela zokujabula okukhulu. Njengoba sikhululekile ethonyeni lenkolo yamanga, sijabulela ukuqonda okungokomoya okuqhubeka kukhanya njalo esikunikwa uBaba wethu wasezulwini ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Kubo bonke abantu abaphilayo emhlabeni, yilabo kuphela abazinikele kuJehova ngokuphelele abanomoya wakhe ongcwele nababusiswe ngokuqonda iZwi lakhe nentando yakhe. Kunjengoba uPawulu asho: “Kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya [lokho akulungiselele labo abamthandayo]; ngokuba uMoya uhlolisisa konke‚ yebo‚ nokujulileyo kukaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:9, 10) Singabonga futhi sijabule ngokuthi sijabulela ukuqonda okuqhubekayo okuboniswe ngamazwi ezAga 4:18: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.”
Ithemba LoMbuso Nokuphila Okuphakade
11. Ithemba loMbuso elijabulisayo liye lahlanganyelwa kanjani nabanye?
11 Ithemba lethu loMbuso futhi lisenza sijabule. (Mathewu 6:9, 10) NjengoFakazi BakaJehova, sekuyisikhathi eside simemezela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba laso sonke isintu. Ngokwesibonelo, cabangela unyaka ka-1931, lapho samukela igama elithi oFakazi BakaJehova ngezwi lesinqumo elananelwa ngenjabulo emihlanganweni emikhulu engu-51 emhlabeni wonke. (Isaya 43:10-12) Lelozwi lesinqumo kanye nenkulumo yomhlangano ephawulekayo kaJ. F. Rutherford (umongameli wangalesosikhathi we-Watch Tower Society) kwakhishwa encwajaneni ethi Umubuso Itemba Lesintu. Kuleyoncwajana kwakukhona nelinye izwi lesinqumo elamukelwa kulowomhlangano, elalimangalela eLobukholwa ngokuhlubuka kwalo nangokuphatha kwalo icebo likaJehova ngendelelo. Lathi futhi: “Ithemba lezwe umbuso kaNkulunkulu, futhi alikho elinye.” Phakathi nezinyanga ezimbalwa, oFakazi BakaJehova basakaza amakhophi angaphezu kwezigidi ezinhlanu alencwajana kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Kusukela ngalesosikhathi siye sagomela njalo ngokuthi uMbuso uwukuphela kwethemba lesintu.
12. Imaphi amathemba okuphila ajabulisayo abekwe ngaphambi kwalabo abakhonza uJehova?
12 Siyajabula futhi ngethemba lokuphila okuphakade ngaphansi kokubusa koMbuso. ‘Umhlambi omncane’ wamaKristu agcotshiwe unethemba elijabulisayo lasezulwini. “Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe-nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe-nefa elingapheliyo‚ nelingenasisihla‚ nelingabuniyo‚ eniligcinelwe ezulwini,” kubhala umphostoli uPetru. (Luka 12:32; 1 Petru 1:3, 4) Namuhla, abaningi kakhulu koFakazi BakaJehova babheke phambili ekuphileni okuphakade ePharadesi ngaphansi kwalowoMbuso. (Luka 23:43; Johane 17:3) Abekho abanye abantu emhlabeni abananoma yini engaqhathaniswa namathemba ethu ajabulisayo. Yeka ukuthi kufanele siwazise kanjani!
Ubuzalwane Obubusisekile
13. Kufanele sibubheke kanjani ubuzalwane bethu bezizwe zonke?
13 Ukuba ingxenye yobuzalwane bezizwe zonke okuwukuphela kwabo obuvunyelwa uNkulunkulu nakho kuwumthombo wenjabulo enkulu. Ngokujabulisayo, sinabangane abanxaneleka kunabo bonke emhlabeni. UJehova uNkulunkulu ngokwakhe wakhomba osukwini lwethu wathi: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo, usho uJehova-Sebawoti.” (Hagayi 2:7) Yiqiniso, wonke amaKristu awaphelele. Nokho, ngoJesu Kristu, uJehova uye wabadonsela kuye abantu abanjalo. (Johane 14:6) Njengoba uJehova eye wadonsela kuye abantu ababheka njengabanxanelekayo, injabulo yethu iyochichima uma sibabonisa uthando lobuzalwane, sibacabangela njengabangcono kakhulu, sibambisana nabo emisebenzini yokwesaba uNkulunkulu, sibasekela ekulingweni kwabo, futhi sibathandazela.
14. Isiphi isikhuthazo esingasithola kweyoku-1 Petru 5:5-11?
14 Konke lokhu kuyokwandisa injabulo yethu. Ngempela, yinjabulo kaJehova eyinqaba yobuzalwane bethu obungokomoya emhlabeni wonke. Yebo, sonke sibhekana nokushushiswa nobunye ubunzima. Kodwa lokhu kufanele kusisondeze ndawonye futhi kusinike umuzwa wobunye njengengxenye yokuwukuphela kwenhlangano kaNkulunkulu yeqiniso emhlabeni. Njengoba uPetru asho, kufanele sizithobe ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, siphonsa zonke izinkathazo zethu kuye sazi ukuthi uyasikhathalela. Kudingeka siqaphe ngoba uDeveli ufuna ukusishwabadela, kodwa asisodwa kulokhu, ngoba uPetru uyanezela: “Melanani naye niqinile ekukholweni‚ nazi ukuthi zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.” Futhi lobubuzalwane bezizwe zonke obujabulisayo abusoze babhidlika, ngoba sinesiqinisekiso sokuthi ‘sesihluphekile isikhashana‚ uNkulunkulu uyakusiphelelisa‚ asiqinise‚ asinike amandla‚ asisekele.’ (1 Petru 5:5-11) Cabanga ngakho. Ubuzalwane bethu obujabulisayo buyohlala phakade!
Ukuphila Okunenjongo
15. Kungani kungase kuthiwe oFakazi BakaJehova banokuphila okunenjongo?
15 Sinenjabulo kulelizwe elinezinkathazo ngoba sinokuphila okunenjongo. Siphathiswe inkonzo eyenza thina nabanye sijabule. (Roma 10:10) Ngokuqinisekile kuyilungelo elijabulisayo ukuba izisebenzi kanye noNkulunkulu. Ngokuqondene nalokhu, uPawulu wathi: “Uyini uApholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo‚ kwaba-yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. Mina ngatshala‚ uApholo wanisela‚ kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho‚ noniselayo kalutho‚ kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Otshalayo noniselayo bakunye‚ kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe. Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu‚ nina niyinsimu kaNkulunkulu‚ niyisakhiwo sikaNkulunkulu.”—1 Korinte 3:5-9.
16, 17. Iziphi izibonelo ezingaphawulwa ezibonisa ukuthi abantu bakaJehova banokuphila okujabulisayo okunenjongo?
16 Ziningi izibonelo ezingaphawulwa zokubonisa ukuthi umphumela wokukhonza uJehova ngokwethembeka uwukuphila okunenjongo okusigcwalisa ngenjabulo. Avamile amazwi anje: “Ngaqalaza eHholo LoMbuso eligcwele [ngosuku lomkhosi wokunikezelwa kwalo] ngabona amalungu angu-8 omkhaya wami ekhona, ahlanganisa mina nomkami nabantwana bethu abathathu nabangane babo bomshado. . . . Ngempela mina nomkami siye saba nokuphila okujabulisayo, okunenjongo enkonzweni kaNkulunkulu.”
17 Kuyakhuthaza futhi ukuqaphela ukuthi noma ngabe umuntu usengakanani ubudala usengakuqala ukuphila okujabulisayo okunenjongo ngempela enkonzweni kaJehova. Ngokwesibonelo, owesifazane othile owafunda iqiniso leBhayibheli esekhaya labakhulile wabhaphathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova eneminyaka engu-102 ubudala. Kanjalo waphetha ukuphila kwakhe enenjongo ejabulisayo, ‘esaba uNkulunkulu, egcina imiyalo yakhe.’—UmShumayeli 12:13.
Inqaba Engadumazi
18. Yini esingase siyenze ukuze sinqobe ukudangala futhi sandise injabulo yethu?
18 Injabulo kaJehova iyinqaba engadumazi kwabathembekile. Nokho, ukuthi sinalenjabulo akusho ukuthi asisoze saba nezikhathi zokudabuka ezinjengalezo ezabangela uJesu ukuba athi eGetsemane: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube-sekufeni.” (Marku 14:32-34) Mhlawumbe ukuvumela ukunqotshwa yiminako yobugovu kuye kwasibangela ukuba sidangale. Khona-ke masishintshe indlela yethu yokuphila. Uma injabulo yethu iye yancipha ngenxa yokuthi sithwele ngokungenabugovu imithwalo yemfanelo engokomBhalo enzima, mhlawumbe singenza ukulungisa okuthile okuyonciphisa ukucindezeleka futhi kubuyisele umoya wethu wenjabulo. Ngaphezu kwalokho, uJehova uyosibusisa ngenjabulo uma sifuna ukumjabulisa ngokumelana ngokuqinile nenyama enesono, izwe elibi, noDeveli.—Galathiya 5:24; 6:14; Jakobe 4:7.
19. Kufanele siwabheke kanjani wonke amalungelo esinawo enhlanganweni kaNkulunkulu?
19 Ngezizathu esixoxe ngazo, nangezinye eziningi, sinenjabulo enkulu. Kungakhathaliseki ukuthi singabamemezeli ebandleni noma sinengxenye ohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele, sonke singaba nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, futhi ngokuqinisekile lokhu kuyoba nengxenye enjabulweni yethu. (1 Korinte 15:58) Noma ngabe yimaphi amalungelo esinawo enhlanganweni kaJehova, masibonge ngawo futhi siqhubeke ngenjabulo sinikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu wethu onothando futhi ojabulayo.—1 Thimothewu 1:11, qhathanisa ne-NW.
20. Iliphi ilungelo lethu elikhulu kunawo wonke, futhi yini esingaqiniseka ngayo?
20 Isizathu sokujabula esinaso ngokukhethekile ilungelo lokuphatha igama likaJehova elikhulu njengoFakazi bakhe. Yebo, asiphelele futhi sibhekana nokulingwa okuningi, kodwa masizikhumbule njalo izibusiso zethu ezimangalisayo njengoFakazi BakaJehova. Futhi khumbula, uBaba wethu wasezulwini othandekayo akasoze asidumaza. Singaqiniseka ngokuthi siyobusiswa njalo uma injabulo kaJehova iyinqaba yethu.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Iyini “injabulo kaJehova”?
◻ AmaKristu ayithola kanjani injabulo yeqiniso?
◻ Ziyini ezinye zezizathu zokuba oFakazi BakaJehova babe abajabulayo?
◻ Kungani injabulo kaJehova iyinqaba engadumazi?