IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Obani Okumelwe Badle?
NGOMARCH 29, ngemva kokushona kwelanga, koba khona imihlangano eyizinkulungwane kulo lonke izwe njengalona owubona ngaphezulu. Lokhu kuwukugujwa kweSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu. Phawula isinkwa newayini okumelwe kudluliswe. Obani okumelwe badle lezifanekiselo?
Lokho okwashiwo uJesu kubaphostoli bakhe abathembekile abayi-11 lapho emisa lesisidlo sesikhumbuzo kuyasisiza ukuba siphendule lowombuzo. Lapho edlulisa indebe yewayini kubaphostoli bakhe, wathi: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.” (Luka 22:20) Ngakho-ke ngokufa njengomhlatshelo kukaJesu Kristu, “isivumelwano esisha” sangeniswa. Sasiyini isivumelwano ‘esidala’ noma “esokuqala” esathathelwa isikhundla?—Heberu 8:13.
Leso kwakuyisivumelwano soMthetho. Senziwa nesizwe sakwaIsrayeli ngokushesha ngemva kokuba siphume ebugqilini baseGibithe. Ngalesosikhathi uMose wayewumkhulumeli, noma umlamuleli, walesosivumelwano esasenziwe phakathi kukaJehova uNkulunkulu namaIsrayeli (njengoba nje uJesu ‘engumlamuleli wesivumelwano esisha’). Kwakuwumhlatshelo wezilwane eNtabeni iSinayi owenza isivumelwano soMthetho sisebenze. (Heberu 9:15-20) Kodwa kuyaphawuleka ukuthi kwakukhona ingxubevange yabangewona amaIsrayeli eyabaleka eGibithe kanye namaIsrayeli. Futhi nakuba yajabulela izinzuzo ngenxa yalesosivumelwano, yayingahlanganisiwe kuso.—Eksodusi 12:38, 43-45, 48, 49.
Kunesimo esifanayo nesivumelwano esisha. AmaKristu okubhekiselwe kuwo njengo“Israyeli kaNkulunkulu” kuphela angeniswa kulesivumelwano noJehova uNkulunkulu. (Galathiya 6:16) UJesu wakhuluma ngalelinani elilinganiselwe lamaKristu njengo“mhlambi omncane.” (Luka 12:32) Nokho, kukhona “isixuku esikhulu” samanye amaKristu, uJesu abhekisela kuso njenge“zinye izimvu.” (IsAmbulo 7:9, 10, 14; Johane 10:16) Nakuba laba bejabulela izinzuzo ezivela esivumelwaneni esisha, abahlanganisiwe kuso.
Umphostoli uJohane wabonisa umehluko phakathi kwamaqembu amabili azuza emhlatshelweni kaJesu lapho echaza ngoKristu: “Yena uyinhlawulo [isembozo sezono] yezono zethu kungengezethu zodwa [izono ‘zomhlambi omncane’], kodwa nangezezwe lonke.”—1 Johane 2:2.
Ngakho-ke, ekugujweni kwesikhumbuzo sokufa kukaKristu, yilabo abenza ‘uIsrayeli kaNkulunkulu’ kuphela okumelwe badle izifanekiselo zesinkwa newayini. Lendikimba yamaIsrayeli angokomoya iyoba izi-144 000, eziyobusa noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini. (IsAmbulo 14:1) Ngakolunye uhlangothi, ingxubevange yezwe lonke ye“zinye izimvu,” ezingadli, iyojabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyiPharadesi, yamukele izinzuzo zokubusa koMbuso.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
“EZINYE IZIMVU” KANYE “NOMHLAMBI OMNCANE”