Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 3/1 kk. 4-5
  • UNkulunkulu Ufuna Ukuba Igama Lakhe Laziwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Ufuna Ukuba Igama Lakhe Laziwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Unegama
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Funda Izindlela ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Isihlahla Esivuthayo
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-2—UEksodusi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 3/1 kk. 4-5

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

UNkulunkulu Ufuna Ukuba Igama Lakhe Laziwe

UYE waqaphela yini ukuthi uNkulunkulu unegama? UJesu, obonakala lapha ethandaza nabafundi bakhe, uthi kuNkulunkulu: “Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona.” (Johane 17:26) Akumelwe kusimangalise ukuthi uNkulunkulu unegama. Wonke umuntu unegama, kuhlanganise neNdodana kaNkulunkulu siqu, uJesu.—Luka 1:30-32.

Abantu bayakuthanda ukuba babizwe ngamagama abo. Futhi uNkulunkulu ufuna ukuba abantu balazi nelakhe igama. Yingakho aphefumlela umhubi weBhayibheli ukuba alobe: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Esikhathini eside esidlule uNkulunkulu wabonisa ukubaluleka kwegama lakho endodeni uMose.

Ngolunye usuku ngenkathi uMose esebenza njengomalusi kwaMidiyani enakekela izimvu, wabona into emangalisayo. Kwakuyisihlahla sameva sivutha, kodwa singashi! Lapho esondela ukuze asibhekisise, njengoba ungabona lapha, kwavela izwi phakathi kwesihlahla esivuthayo, lathi: “Mose! Mose!”

Kwakukhuluma uNkulunkulu. Wayefuna ukuba uMose aye kuFaro, inkosi yaseGibithe, futhi akhiphe abantu baKhe eGibithe. Kodwa uMose wathi kuNkulunkulu: “Bheka, lapho ngifika kubantwana bakwaIsrayeli, ngithi kubo: UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini, bese bethi kimi: Ngubani igama lakhe? ngiyakuthini kubo na?” UNkulunkulu watshela uMose ukuba abatshele ukuthi: “UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo . . . ungithumile kini.”—Eksodusi 3:1-15.

Nokho, lapho uMose eya eGibithe eyokhuluma noFaro, abaseGibithe bacabanga ukuthi uJehova wayemane nje ewunkulunkulu omncane wabantwana bakwaIsrayeli. Abakukholelwanga ukuthi unguNkulunkulu womhlaba wonke. (Eksodusi 5:2) Ngakho-ke uJehova wabangela ukuba uMose atshele uFaro ukuthi ‘wayezobangela ukuba igama lakhe lishunyayelwe emhlabeni wonke.’ (Eksodusi 9:16) Ingabe uyazi ukuthi uJehova wakwenza kanjani lokhu ngalesosikhathi?

UJehova uNkulunkulu wabangela ukuba uMose ahole amaIsrayeli aphume eGibithe, kodwa abaseGibithe bawalandela. Lapho befika oLwandle Olubomvu kwabonakala kungekho-ndlela yokuphepha kwabaseGibithe ababewalandela. Kodwa uJehova watshela uMose ukuba elulele induku yakhe phezu kwamanzi, futhi amanzi ahlukana phakathi avulela amaIsrayeli abalekayo ukuba adabule emhlabathini owomile. Ngemva kwalokho uJehova watshela uMose ukuba elule induku yakhe futhi, njengoba ungabona lapha, futhi amanzi asibekela abaseGibithe, abaminzisa bonke. Izindaba zalesisehlakalo esikhulu zasakazeka yonke indawo kangangokuba abantu yonke indawo bafunda ngegama likaNkulunkulu.—Eksodusi 14:21-31; Joshuwa 2:9-11.

Kuthiwani ngosuku lwanamuhla? Ingabe uNkulunkulu usafuna ukuba igama lakhe laziwe ezweni lonke? Yebo, uyafuna, futhi kubalulekile ukuba abantu namuhla bafunde ngoJehova futhi bamkhonze. Ngaphandle kwalokho, njengoba kwenzeka kwabaseGibithe abanenkani abenqaba ukwazi igama likaNkulunkulu, bayothola ukubhujiswa ‘ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini . . . lapho iphindisela kwabangamazi uNkulunkulu.’—2 Thesalonika 1:7-9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela