‘Siyanibonga Ngokuvula Amehlo Ethu’
EKHULWINI leshumi nambili, ezigodini ezinhle zaseningizimu France kwakuhlala iqembu lenkolo elibizwa ngokuthi amaWaldenses.a Labafuni beqiniso abaqotho babekholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu futhi babezama ukuphila ngezimiso zalo. Kodwa ngenxa yokuthi bashumayela kwabanye lokho ababekufunde emiBhalweni, babezingelwa njengabakholelwa kokungekho. Iningi labo lasinda ukushushiswa ngokubalekela kwamanye amazwe, futhi abanye baphephela enyakatho Italy, lapho umphakathi wamaWaldenses uhlala khona kuze kube namuhla. Nokho, njengoba isikhathi sidlula, izimfundiso eziningi zeBhayibheli nezenzo zamaWaldenses akuqala zashiywa.
Sekuyisikhathi eside manje inani elithile lamaWaldenses enyakatho Italy litadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Muva nje incwadi evela kuwo yamukelwa ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eItaly. Aloba okulandelayo:
“Sonke siyazi ngokushushiswa [amaWaldenses akuqala] akuthola emakhulwini amaningi eminyaka. Kodwa abaningi abazi ukuthi labantu namuhla baye baphindela emuva emasikweni obuqaba futhi abasanamatheli eBhayibhelini.
“Manje angabonwa kuphela ngophawu lwawo (isiphambano samaHuguenot) olunanyatheliswe eketangeni elincane oluboniswa ngokucacile emafasiteleni amakhulu ezimoto zawo noma olulengiswe emabhodleleni ejuniper noma ezinye izikhumbuzo.
“Siyanibonga bafowethu nodadewethu abangoFakazi BakaJehova ngokudela amahora esikhathi senu ukuze nivule amehlo ethu futhi nenze iqiniso lingene ezingqondweni zethu ezilukhuni. . . . Isikhathi enisinikezele ngenxa yethu sibaluleke kakhulu, sibaluleke kakhulu kunemali. Uthando lwenu lokuzidela, (uthando olungenakho ukuzibonakalisa) ngomakhelwane benu lunibonakalisa njengalabo bafundi uJesu abachaza kuJohane 13:35 nakuMathewu 24:45. Ekucwaningeni esiye sakwenza sithola ukuthi ezikhathini ezidlule amaWaldenses ayesebenzisa igama likaNkulunkulu, uJehova. . . . Kodwa namuhla leligama ngokugomela liyaphikwa yiwo, nakuba kuzEnzo 15:14 kuphawulwa ukuthi uNkulunkulu wayeyozibuthela ‘ezizweni abantu begama lakhe.’ Singabona ukuthi namuhla labobantu bangoFakazi BakaJehova, njengoba yibona kuphela abaphethe leloGama. (Isaya 43:10-12) ‘Siyohamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ (Zakariya 8:23)”
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yamaWaldenses akuqala, bheka INqabayokulinda, kaJanuary 15, 1982, amakhasi 12-16.