Igama LikaNkulunkulu “ETestamenteni Elisha”
IZINGUQULO eziningi ze“Testamente Elisha” azilisebenzisi igama elihlukanisayo lapho zibhekisela kuNkulunkulu uMninimandla onke. Kungani? Ingabe kungenxa yokuthi zilandela ngokucubungula imibhalo yesiGreki? Ezikhathini eziningi lokho ngokusobala akukhona ukukhathalela kwazo okuyinhloko, ngoba azilisebenzisi igama likaJehova ngisho nase“Testamenteni Elidala.” Nokho esiHeberwini sakuqala, ukwenezela ebukhoneni bamazwi athi Nkosi noNkulunkulu, igama elifanelekile likaNkulunkulu livela cishe izikhathi eziyizi-7 000.
Nokho, abanye abahumushi baye bakuqaphela ukuthi igama laphezulu kufanele libe khona “eTestamenteni Elisha,” uma kungengenxa yesinye isizathu kunesokuthi liqukethe izingcaphuno eziqondile zemibhalo yesiHeberu okusetshenziswe kuzo leligama. Ngakho-ke kuyathakazelisa ukuthi, olimini lwesiJalimane, okungenani kunezinguqulo ze“Testamente Elisha” ezinhlanu eziqukethe igama laphezulu.
Enye yalezi, inguqulo kaDominikus von Brentano ngo-1796, esebenzisa igama laphezulu kabili emibhalweni yalo eyinhloko, kuye kwabhekiselwa kuyo ezincwadini ezidlule zeWatch Tower. Ezinye izinguqulo ezimbili zisebenzisa lelogama kuMarku 12:29—enye, inguqulo kaStolz, eyakhishwa eZurich, eSwitzerland, ngo-1781, nenye, inguqulo kaProfesa uDr. Johann Babor, eyakhishwa eVienna, eAustria, ngo-1805. Kukhona futhi ebizwa ngokuthi iBonner Bible eyahunyushwa nguProfesa D. P. Dausch futhi yakhishwa eBonn, eJalimane, ngo-1932, esebenzisa u“Jahve” kuLuka 20:37.
Enye inguqulo yesiJalimane isebenzisa igama, Jehova, izikhathi eziyishumi e“Testamenteni Elisha.” Lena inguqulo enemiqulu emibili yeTestamente Elisha lemiBhalo eNgcwele eyatholakala eMunich, eJalimane, ngo-1789 nango-1790. Nakuba igama lomhumushi walo linganikezwa, incwadi ethi “Die Bibel in Deutschland (IBhayibheli NgesiJalimane), ekhasini 281, ithi: “Ukuhumusha kwenziwa [uSebastian] Mutschelle. Wazalwa ngoJanuary 18, 1749, eAllershausen bei Freising, wahlanganyela uhlelo lwamaJesuit ekuqaleni.”
Igama laphezulu liyavela ezinguqulweni ze“Testamente Elisha,” hhayi esiJalimaneni kuphela kodwa nakwezinye izilimi ezingama-50, kuhlanganise nesiHeberu.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Isizathu Sokuba Ukhathazeke Ngalo
‘Kodwa kwenza mehluko muni ukuthi siyalisebenzisa igama likaNkulunkulu noma cha?’ umuntu angase abuze. Kwenza umehluko omkhulu! Cabangela lokhu: ‘ETestamenteni Elisha’ kuthi uNkulunkulu ‘uyozithathela ezizweni abantu begama lakhe.’ (IzEnzo 15:14) Uma ungalazi futhi ungalisebenzisi lelogama, ungahlanganiswa yini ngempela nabantu uNkulunkulu abakhetha njengabakhe? Akumelwe nje kuphela sazi igama likaNkulunkulu kodwa kumelwe silingcwelise phambi kwabanye, njengoba uJesu Kristu enza lapho esemhlabeni.—Mathewu 6:9; Johane 17:6, 26.